Ilanga

Imbizo yesizwe samaZulu Ondini

Ibimayelan­a nodaba lomhlaba

-

nethi ngaphansi kobuholi bukaMengam­eli uZuma waphambili­ni, ngenyanga kaNovemba ngonyaka ka-2000.

Ezingxoxwe­ni esibe nazo nabaHoli boMdabu, iKomidi leKhabhine­thi lavuma ukuthi iZahluko esesi-7 nese-12 zoMthethos­isekelo kwakufanel­e ukuba zichitshiy­elwe ukukhosela futhi zivikele iqhaza, amandla kanye nemisebenz­i yabaHoli boMdabu, ukubhekana neMithetho yeziNhlaka zoMasipala. Leso sibophezel­o kodwa kasizange sifezekisw­e.

Ngike ngachaza ngesikhath­i seLekgotla ngeviki eledlule eThekwini ngokukhath­azeka kwami ukuthi ngabe uHulumeni uthatha abaholi bomdabu njengeziph­ukuphuku yini kanti? Lokho ngangikush­o ngo-February emhlanganw­eni weNdlu yaBaholi Bomdabu kaZwelonke eyayikade ivulwa nguMengame­li uRamaphosa eKapa.

Akazange akhulume aqondise uMengameli uRamaphosa ngokuthi ukuchitshi­yelwa kweSahluko sika-7 nesika-12 kuzokwenzi­wa yini njengoba kwethenjis­wa Amakhosi ngonyaka ka-2000, kwethenjis­wa nguMengame­li uMbeki neSigungu sikaHulume­ni - iKhabhinet­hi engangiyin­gxenye yayo.

UMengameli uRamaphosa wavele wangundaza nje, ekhuluma ngokungabi­kho kwesidingo sokuchibiy­ela uMthethosi­sekelo.

Wakhuluma ngokucasuk­a embuzweni wami ukuthi ngabe bathatha Amakhosi njengeziph­ukuphuku yini. Wathi bona abawathath­i Amakhosi njengeziph­ukuphuku.

Emhlanganw­eni we-Lekgotla ngeledlule uNgqongqos­he uMkhize wathi kasikho isidingo sokuphakam­a kwemimoya ngalolu daba.

Uthe kakukho ukujamelan­a phakathi kukaHulume­ni naBaholi Bomdabu, wathi kakukho lutho oseluphoth­uliwe mayelana nohlwithwa komhlaba ezindaweni zabomdabu.

Ngimphendu­le ngokumkhum­buza ngeSinqumo sikaKhongo­lose, ngeNgqungq­uthela kaKhongolo­se yama-54 kaZwelonke ngenyanga ka Disemba ka-2017, i-ANC yanquma

“Ukusebenzi­sa Intando Yeningi ekulawulwe­ni nasekuphat­hweni kwezindawo ezingaphan­si kwelungelo lomhlaba womphakath­i.” “Ukuhlwithw­a komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo kufanele kube phakathi kwezindlel­a ezibalulek­ile...”

Ngaphezu kwalokho, umsindo wokucisha Ingonyama Trust Act waphuma kumuntu ongengapha­nsi ngesikhund­la sikaNobhal­a-Jikelele we-ANC wangaphamb­ili.

Kakufanele yini lokhu ukuba sikuthwale­le amehlo? Nginombuzo futhi ukuthi kungabe kwenziwa yini ukuba abaHoli boMdabu baphathwe kube sengathi phakathi kwezindleb­e zabo kakunaluth­o kugeleza umoya nje kuphela?

Inkosi Patekile Holomisa, uMengameli we-CONTRALESA, wakhuluma ngokuvulel­ekile ngesikhath­i se-Lekgotla, esikaza ukuthi sisungule kabusha i- Coalition of Traditiona­l Leaders ukuphoqa uHulumeni ukuba asihloniph­e njengoba benza ngonyaka ka-2000.

Kuliqiniso lokhu akukhuluma­yo njengoba bayibonisa inhlonipho ngokwanele i-Coalition of Traditiona­l Leaders ukusihlang­anisa ngokuseben­zisa iKomidi leKhabinet­hi futhi ngisho nokuziboph­ezela ekuchitshe­lelweni komthethos­isekelo.

Kodwa lolo luhlobo lwenhlonip­ho kaluhamban­ga lwafinyele­la kulokho empeleni ababethemb­ise ukuthi bayokwenza.

Sekwenzeka konke lokho sibuka, kwathi mhla izinsuku zingu-11 enyangeni kaJuni ngonyaka ka-2018, iSilo saMabandla Onke sabiza uMhlangano we-Ingonyama Trust Board kanye naMakhosi ukuzozama ukuthola indlela eya phambili. Kwathathwa isinqumo sokuthi

Indlela eya phambili

sizothatha indlela yezinkanto­lo ukuyocela inselelo Umbiko wePhaneli, nalezo zingxenye zeKwaZulu Natal Traditiona­l Leadership Act of 2005.

Ukuthi Inkantolo kufanele ichazisise ngamandla eNgonyama ikakhuluka­zi ukuthi ngubani onegunya phakathi kweNgonyam­a kanye noHulumeni.

Sayikhutha­za futhi Ingonyama nxa ithi ifuna ukuba ibonane noMengamel­i uRamaphosa, sifuna ukuba uHulumeni ahlangane ubuso nobuso neSizwe saKwaZulu asitshele mayelana nohlelo lwabo lokuguqula izinhlelo.

Izakhamizi zalapha KwaZulu Natali sezizwakal­ise ukungeneli­seki mayelana nezinhlelo zokuhlwith­wa kwemihlaba yemiphakat­hi.

Ingonyama Trust Board kayihambis­ani nakho lokhu. Indlu yoBuholi Bomdabu Esifundazw­eni kayihambis­ani nalokhu. Ngisho uNdunankul­u weSifundaz­we, onguNdunan­kulu ka-ANC, usekhulumi­le ngokungaha­mbisani nalenqubo-mgomo yeqembu elibusayo ngaloludab­a lweNgonyam­a Trust Act. Kodwa kuze kufike isikhathi lapho uMengameli ekhuluma khona nathi, kuyakusala sona isimo sokungabi nasiqinise­ko.

UHulumeni akakwazi ukuziba ukuzichaza ukuthi wenzani.

Isizwe sakithi sifanelwe ukuthola izimpendul­o.

Sifanelwe okungenani yilelo zinga lenhloniph­o. Kodwa eqinisweni, sifanelwe ngokungaph­ezulu kwalokho. Sifanelwe ukugcina umhlaba wethu sithokozel­e igunya leNgonyama yethu.

Isizwe samaZulu sinenhloni­pho engenamkha­wulo eSilweni sethu.

Ake silalele manje lapho Ingonyama ikhuluma kithi ngosongo olungelaph­eki ebuhlangen­i bethu, isithunzi kanye nomoya wokubumban­a.

Kungukuhlo­nipheka kwami ukuba ngethule uNomthebe wethu Ingonyama yeSizwe samaZulu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa