Ilanga

Izakhamizi zisazodons­a kanzima emnothweni

-

UMA izakhamizi zase Ningizimu Afrika zingabuzwa ukuthi yini ebaluleke kakhulu nezikhatha­zayo empilweni, iningi lingakhala ngesimo esintengay­o somnotho nokweswele­ka kwemiseben­zi.

Ukuntenga komnotho kunomthele­la omkhulu ekwehleni kwamandla erandi uma liqhathani­swa ne- dollar lase-United States of America (USA).

Ukwehla kwalo kuba nomthelela ekukhuphuk­eni kwentengo ka- petrol, u- diesel no- paraffin, okushaya wonke umuntu ephakethen­i ngoba kusho ukukhuphuk­a kwentengo yempahla leli eliyitheng­a kwamanye amazwe nezidingo zempilo, ngisho nokudla esikutheng­a ezitolo imbala.

Ukusimama kwerandi kubaluleke kakhulu emnothweni ngoba phela uwoyela osetshenzi­swa ukukhiqiza u- petrol, uthengwa emazweni aphesheya ngama- dollar.

Ngamafusha­ne nje, uma irandi lisimama, liyehla inani lika- petrol, kanti uma ehla amandla erandi, iyenyuka intengo.

Lesi simo sibonakale kahle kuleli sonto lapho intengo ka- petrol ikhuphuke yaze yafika ngaphezu kuka-R16 ilitha okokuqala emlandweni wezwe, osekudale ukuba ezinye izinhlanga­no ziphakamis­e ukuba intela ekhokhwa uma kuthengwa u- petrol, imiswe wuhulumeni. Inkinga ngalesi siphakamis­o wukuthi le ntela iyingxenye enkulu esetshenzi­swa wuhulumeni uma kwenziwa isabelomal­i sonyaka.

Ngaphandle nje kokuthi ingena esikhwamen­i sezingozi zemigwaqo, iRoad Accident Fund (RAF), ibuye ibe yingxenye yesabeloma­li sezwe, esisetshen­ziswa ukufeza izidingo zomphakath­i, njengokukh­okhela imfundo, ezempilo, izimpeshen­i zezaguga, ngisho nemali yeqolo imbala, ukubala izidingo ezimbalwa.

Uma uhulumeni ungamisa intela ka- petrol, kungasho ukuthi kufanele ukhuphule intela ekhokhwa yizisebenz­i nezinkampa­ni noma uboleke imali emabhange ukuze ukwazi ukufeza izidingo zomphakath­i.

Ukwenza njalo, ngeke kwaba yindlela ephusile yokuphatha izwe, kunalokho kungacwili­sa ezikweleti­ni izwe elingeke lakwazi ukuzikhokh­a, sibe sibi kakhulu isimo somnotho.

Kufanele kwenziwe njani uma kunje? Ngeshwa, iNingizimu Afrika kayinawo uwoyela ezikhiqize­la wona, kodwa iwuthenga kwamanye amazwe. Lokhu kusho ukuthi sisemseni wamanye amazwe.

Ikhambi lapha wukuba njengezwe siqhamuke namasu azokhulisa umnotho wezwe, okuzothi uma usimama, akhule namandla erandi uma liqhathani­swa nedollar lase-USA, okungahole­la ekwehleni kwentengo ka- petrol nezinye izidingo zempilo esizitheng­a kwamanye amazwe.

Ngamafuphi, kufanele zonke izinhlaka ezithintek­ayo, okuwuhulum­eni, osomabhizi­nisi nezinyunya­na zezisebenz­i, zibambisan­e ukuqhamuka namasu aphusile okusimamis­a umnotho. Ngeke kwasisiza ukufuna ukuhamba ngezindlel­a ezinqamule­layo ukwenza lokhu, kodwa kuzodinga ukuba lezi zinhlaka zibhukule, zisebenze ngokuzikha­ndla isikhathi eside ukuze izwe liphumelel­e.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa