UMKHANDLU WAKWA NONGOMA UVALE INYANGA YENTSHA NGEZINGA ELIHLUKILE
UMkhandlu wakaNongoma uvale imigubho yentsha ngendlela ehlukule kulandela imigubho ebiyenziwa kuma – wadi onke akhona, uMkhandlu oholwa iMeya uKhansela MA Mncwango ubambele umgubho wentsha eMulti- pupose Hall eDolobheni lakwaNongoma ngolwesithathu, lo mcimbi ubuhambisana nezinkulumo ezakhayo ikakhulukazi ngeqhaza okumele libanjwe intsha eMphakathini. uMcimbi wentsha uqale ngokuba nokhetho lokugcoba uMkhandlu wentsha yakwa Nongoma, lo Mkhandlu ukhandwe amaqembu ezePolitiki akhona eMkhandlwini omkhulu wakwa Nongoma okubukeke kuyisasasa indlela amaqembu ezepolitiki abebumbene ngayo nangendlela intsha yamaqembu ezepolitiki ebonakale ibambisene ngayo ekudingideni izindaba ezithinta intsha, into ebonakale ihamba phambili kwizinkulumo zentsha kube izinga elibonakala likhula njalo lokubulalwa kwabantu besifazane bebulawa abathandana nabo. Isikhulumi sosuku uMantshi wakwa Nongoma uMama Nkosi naye ugcizelele kakhulu ngesimo sokubalawa kwabantu besifazane wakhala kakhulu nangendlela imindeni kanye nabantu abahlukumezekile abalusingatha ngalo udaba lwabo lokuhlunyezwa lapho akhale khona kakhulu ngokuthi abasefizane akumele bathule uma behlukunyezwa noma kungabe kuncane kangakanani kodwa kuyakhula kuze kufike la esebulewe khona, waphinde wakhala ngokuthi bona njengezi Nkantolo baba namacala okuhlukunyezwa okuthi bengakaqali ukulithetha icala owesifazane usuke eselesulile okugcina kudala ukuthi abahlukumezi bengakwazi ukuthola isijeziso esifanele. Esinye isikhulumi sosuku kube uNoxolo Ndebele ongowakwa Nongoma oSuthu ngokuzalwa obengenele umncintiswano kaZime (Miss South Africa 2018) ukhuthaze intsha ikakhulukazi evele ezindaweni zase makhaya ukube ingazenyenzi ngemvelaphi yayo nayo ibe namaphupho amakhulu, waphinde wakhuthaza ukuba intsha kumele ibe nentsisekelo yempumelelo ukuze ingagcini isigxila ezidakamizweni esezichithakele izwe lonke futhi okubonakala engathi zihlasela abesifazane abasebasha nabayi kusasa lezwe. Isikhulumi ebesivela kwa FAMSA uNosipho Xulu ukhulume kakhulu ngemiphumela engemihle edalwa izidakamizwa ezithandwa intsha ikakhulukazi eyesifazane ezigcina zibadalele izifo ezifana noMdlavuza. iMeya yoMkhandlu waka NONGOMA UKhansela MA Mncwango uthe ulijabulela kakhulu igxathu elithathwe uMasipala nokubambisana okuhle kumaqembu ezepolitiki ngokweseka ukwakhiwa koMkhandlu wentsha, uthe unethemba lokuba lo Mkhandlu uzobeka uNongoma ebalazweni ngezinto ezinhle neziphusile ezobe ziqhakambiswa intsha kungabe kusaba ichilo njengoba woke umuntu ikakhulukazi ezinkundleni zokuxhumana la okutholakala khona abantu abasha abaningi kuhlezi kugxibhwa uNongoma njengabantu abasemuva ngezinto zentuthuko Kanye nolwazi lwesi manje manje. iMeya yoMkhandlu wentsha yakwa Nongoma uKhansela Mpatho Nxumalo ubonge intsha yakwa Nongoma ngokumethemba ukuba abe isithunywa sabo kuzo zonke izinhlaka ezithinta intsha waphinde wagcizelela ukuba uzwile izikhalo ezethulwe izikhulumi zosuku waqinisekisa ukuba khona kuzo zonke izinhlanganiso ezithinta abantu abasha nokulekelela ukulweni nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. uMnu Nxumalo ubuye wakhuthaza abantu abasha ukuba basukumekele ukuyohlolelwa izifo ezingamahlala khona okubalwa isifo sofuba,uMdlavuza Kanye nesifo se HIV/ AIDS.