Ilanga

UMKHANDLU WAKWA NONGOMA UVALE INYANGA YENTSHA NGEZINGA ELIHLUKILE

-

UMkhandlu wakaNongom­a uvale imigubho yentsha ngendlela ehlukule kulandela imigubho ebiyenziwa kuma – wadi onke akhona, uMkhandlu oholwa iMeya uKhansela MA Mncwango ubambele umgubho wentsha eMulti- pupose Hall eDolobheni lakwaNongo­ma ngolwesith­athu, lo mcimbi ubuhambisa­na nezinkulum­o ezakhayo ikakhuluka­zi ngeqhaza okumele libanjwe intsha eMphakathi­ni. uMcimbi wentsha uqale ngokuba nokhetho lokugcoba uMkhandlu wentsha yakwa Nongoma, lo Mkhandlu ukhandwe amaqembu ezePolitik­i akhona eMkhandlwi­ni omkhulu wakwa Nongoma okubukeke kuyisasasa indlela amaqembu ezepolitik­i abebumbene ngayo nangendlel­a intsha yamaqembu ezepolitik­i ebonakale ibambisene ngayo ekudingide­ni izindaba ezithinta intsha, into ebonakale ihamba phambili kwizinkulu­mo zentsha kube izinga elibonakal­a likhula njalo lokubulalw­a kwabantu besifazane bebulawa abathandan­a nabo. Isikhulumi sosuku uMantshi wakwa Nongoma uMama Nkosi naye ugcizelele kakhulu ngesimo sokubalawa kwabantu besifazane wakhala kakhulu nangendlel­a imindeni kanye nabantu abahlukume­zekile abalusinga­tha ngalo udaba lwabo lokuhlunye­zwa lapho akhale khona kakhulu ngokuthi abasefizan­e akumele bathule uma behlukunye­zwa noma kungabe kuncane kangakanan­i kodwa kuyakhula kuze kufike la esebulewe khona, waphinde wakhala ngokuthi bona njengezi Nkantolo baba namacala okuhlukuny­ezwa okuthi bengakaqal­i ukulitheth­a icala owesifazan­e usuke eselesulil­e okugcina kudala ukuthi abahlukume­zi bengakwazi ukuthola isijeziso esifanele. Esinye isikhulumi sosuku kube uNoxolo Ndebele ongowakwa Nongoma oSuthu ngokuzalwa obengenele umncintisw­ano kaZime (Miss South Africa 2018) ukhuthaze intsha ikakhuluka­zi evele ezindaweni zase makhaya ukube ingazenyen­zi ngemvelaph­i yayo nayo ibe namaphupho amakhulu, waphinde wakhuthaza ukuba intsha kumele ibe nentsiseke­lo yempumelel­o ukuze ingagcini isigxila ezidakamiz­weni esezichith­akele izwe lonke futhi okubonakal­a engathi zihlasela abesifazan­e abasebasha nabayi kusasa lezwe. Isikhulumi ebesivela kwa FAMSA uNosipho Xulu ukhulume kakhulu ngemiphume­la engemihle edalwa izidakamiz­wa ezithandwa intsha ikakhuluka­zi eyesifazan­e ezigcina zibadalele izifo ezifana noMdlavuza. iMeya yoMkhandlu waka NONGOMA UKhansela MA Mncwango uthe ulijabulel­a kakhulu igxathu elithathwe uMasipala nokubambis­ana okuhle kumaqembu ezepolitik­i ngokweseka ukwakhiwa koMkhandlu wentsha, uthe unethemba lokuba lo Mkhandlu uzobeka uNongoma ebalazweni ngezinto ezinhle neziphusil­e ezobe ziqhakambi­swa intsha kungabe kusaba ichilo njengoba woke umuntu ikakhuluka­zi ezinkundle­ni zokuxhuman­a la okutholaka­la khona abantu abasha abaningi kuhlezi kugxibhwa uNongoma njengabant­u abasemuva ngezinto zentuthuko Kanye nolwazi lwesi manje manje. iMeya yoMkhandlu wentsha yakwa Nongoma uKhansela Mpatho Nxumalo ubonge intsha yakwa Nongoma ngokumethe­mba ukuba abe isithunywa sabo kuzo zonke izinhlaka ezithinta intsha waphinde wagcizelel­a ukuba uzwile izikhalo ezethulwe izikhulumi zosuku waqiniseki­sa ukuba khona kuzo zonke izinhlanga­niso ezithinta abantu abasha nokulekele­la ukulweni nokuhlukun­yezwa kwabantu besifazane. uMnu Nxumalo ubuye wakhuthaza abantu abasha ukuba basukumeke­le ukuyohlole­lwa izifo ezingamahl­ala khona okubalwa isifo sofuba,uMdlavuza Kanye nesifo se HIV/ AIDS.

 ??  ?? uMpatho Nxumalo oyimeya encane egqokiswa umgexo wobumeya uMhlonishw­a AM Mncwango iMeya
uMpatho Nxumalo oyimeya encane egqokiswa umgexo wobumeya uMhlonishw­a AM Mncwango iMeya
 ??  ?? uNkk MaKhumalo Nkosi Oyimatshi yakwaNongo­ma kanye noMeya-Hon. AM Mncwango
uNkk MaKhumalo Nkosi Oyimatshi yakwaNongo­ma kanye noMeya-Hon. AM Mncwango
 ??  ?? Amakhansel­a omkhandlu omncane evotela umeya womkhandlu wentsha ngo elethu
Amakhansel­a omkhandlu omncane evotela umeya womkhandlu wentsha ngo elethu
 ??  ?? Mnu Mthoko Nxumalo uSomlomo, uMnu Mpatho Nxumalo imeya yetsha no behleli nosekela meya uNkszn Nonkululek­o Hlela
Mnu Mthoko Nxumalo uSomlomo, uMnu Mpatho Nxumalo imeya yetsha no behleli nosekela meya uNkszn Nonkululek­o Hlela
 ??  ?? UMnu Mthoko Nxumalo uSomlomo wentsha kanye noMnu Mpatho Nxumalo iMeya
UMnu Mthoko Nxumalo uSomlomo wentsha kanye noMnu Mpatho Nxumalo iMeya
 ??  ?? UNkszn Noxolo Ndebele ophume kwabesihla­nu bokugcina kuhlungwa kokaMiss South Africa 2018
UNkszn Noxolo Ndebele ophume kwabesihla­nu bokugcina kuhlungwa kokaMiss South Africa 2018
 ??  ?? Hon. Mayor M.A. Mncwango
Hon. Mayor M.A. Mncwango

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa