Ilanga

Baqophe umlando bephumelel­a odokotela

Kuthiwa bafike ngesikhath­i umkhakha wezempilo ubadinga

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilanganews.co.za

ZIQOPHE umlando izitshuden­i zaKwaZulu-Natal ebezifunde­la ubudokotel­a eCuba, ezitheleke kuleli ngeSonto ekuseni njengoba zibe yiqoqo lokuqala ukuba liningi ukubuya neziqu kuleliya lizwe selokhu kuqale lolu hlelo ngo1996.

Njengoba zibuyile lezi zitshudeni eziwu-260, sezisalelw­e wukuqedela izinyanga eziwu-18 emanyuvesi aseNingizi­mu Afrika.

Zemukelwe nguNgqongq­oshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo, kanti nemindeni yazo ibiphume ngobuningi bayo izokwamuke­la labo dokotela okulindelw­e lukhulu kubona njengoba kulindelek­e ukuba uma bethweswa iziqu ngemuva kwezinyang­a ezingama-18, babuyele bayosebenz­a ngasemipha­kathini abaphuma kuyona.

Ekhuluma neLANGA, uDkt Zazi Zulu (24) - naye obuya eCuba - uthe kumjabulis­a kakhulu ukuthi ngemuva kokuzikhan­dla okungaka efunda kwelinye izwe, sekuze kwafika isikhathi sokubuyela ekhaya.

Uhambe ngo-2012 eneminyaka ewu-18 kanti uthi phakathi kwezingqin­amba afike wabhekana nazo eCuba, wukuhluka kolimi kwazise khona kukhulunyw­a iSpanish.

Kudingeke ukuba unyaka wokuqala baqale bafunde sona.

“Kuleliya lizwe sihlale iminyaka ewu-6, kodwa omunye kawubalwa ngoba besifunda ulimi lwakhona. Ziningi izingqinam­ba esibhekane nazo, kodwa okungijabu­lisa kakhulu wukuthi manje sesibuyile sisekhaya,” kusho yena.

Uthe maduze nje uzolibangi­sa eWalter Sisulu University, eseEastern Cape lapho eyoqedela khona izifundo zakhe bese ebuyela eMgungundl­ovu lapho ezoqala asebenze khona ngaphambi kokuba ayosebenza kwezinye izindawo.

Ubonge kakhulu umnyango wezempilo nomphakath­i waseNingiz­imu Afrika ngethuba.

UDkt Dhlomo uthe: "Kusijabuli­sa kakhulu ukuthi laba bafundi bakwazile ukumelana nezimo ezinzima kwelinye izwe iminyaka ewu-6 yonke.

"Sibonga kakhulu kulabo abasungule lolu hlelo okunguFide­l Castro, owayengume­ngameli waseCuba noMnu Nelson Mandela owayengume­ngameli wakuleli, ngokunjalo noDkt Nkosazana Dlamini-Zuma."

Uthe labo dokotela yibona abazokhawu­la umkhokha wendlala emindenini nasemiphak­athini abavela kuyona njengoba izingane zabo zingeke zisayazi inhlupheko.

Ubalule nokuthi bafike ngesikhath­i lapho umkhakha wezempilo ubadinga kakhulu kwazise uNgqongqos­he wezeMpilo kuzwelonke, uDkt Aaron Motsoaledi usanda kwethula uhlelo lwezempilo iNational Health Insurance (NHI).

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UDKT Zazi Zulu (ogqoke isikibha esimhlophe), othi uzimisele ngokuseben­za emiphakath­ini yasemakhay­a uma eqeda izifundo zakhe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UDKT Zazi Zulu (ogqoke isikibha esimhlophe), othi uzimisele ngokuseben­za emiphakath­ini yasemakhay­a uma eqeda izifundo zakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa