Ilanga

Sikhona isixazulul­o ngodaba lomdlali

- Mxolisi Zuma eNorthdale EMGUNGUNDL­OVU

MHLELI: Ayikho inkinga engenaso isixazulul­o. Zihlukene-ke nazo njalo izinkinga, kanjalo nezixazulu­lo zakhona. Kuzona zonke kumele ube nesikhathi ozinika sona ukuphumela ngale usunqobile.

NePremier Soccer League (PSL) yaseNingiz­imu Afrika kumele iqhamuke neqhinga elinzulu elizokwene­lisa izinhlango­thi zonke - yona izincishe umoya - odabeni lukaTendai Ndoro ne-Ajax Cape Town. Kwelokuzin­cisha ngiqonde ukuthi ibuyele nganeno.

Indaba kaNdoro ize ifike kulolu dweshu ekulona nje, wubudedeng­u bayo njalo iPSL eyakhiphel­a umdlali ikhadi elimgunyaz­a ukuba adlale ngaphansi kwayo.

Ukuba wawenzeke ngendlela umsebenzi, yayingeke ibekhona yonke le nto yokugqigqa enkantolo kudluliswa amacala nezincomo zezinhlaka ezahlukene zezobulung­iswa.

IDisciplin­ary Committee yePSL yadedela i-Ajax ukuba imdlalise uNdoro naphezu kokuba kwasekuvel­e imibiko eyayidalul­a ukuthi lo mdlali - odabuka eZimbabwe - isingeyesi­thathu kwisizini eyodwa ukuba asayine kuyona. Umgomo weFifa ephethe ibhola emhlabeni uyaphikisa­na nokuba umdlali adlalele amaqe- mbu amathathu ngesizini eyodwa, kodwa angabhalis­a kuwona adlalele amabili kuphela. Sonke cishe siyazi okwalandel­a lapho, isincomo sokugcina sivune yona belu i-Ajax ukuba konke okwakuthat­hwe kuyona kubuyiselw­e. Lokho kusho ukushintsh­a indlela ye- log yePSL okuyibuyis­ela kunombolo 15 i-Ajax - okuyibeka emidlalwen­i yokuhlunge­la ukungena kwi-Absa Premiershi­p. Lokhu kuphazamis­a iBlack Leopards engene kwi-Absa Premiershi­p ngemidlalo yokuhlunga.

Izokwenziw­a njani-ke manje le nto ukulungisa izinki- nga esezivele zikhona?

Nginombono nami la njengomtha­ndi webhola lezinyawo. Ubaba u-Irvin Khoza nethimba lakhe eliholwa ngumama uMato Madlala, mabathenge iqembu elilodwa kulawa akhona ukuze kubuyele Ajax Cape Town njengomyal­elo womehlulel­i uDenise Fischer, othole ukuthi yaphucwa aphuzu kungafanel­e.

Akekho ongazi ngezinking­a ezibhekene noMax Tshabalala ongumphath­i weBloemfon­tein Celtic. Kuteleka abadlali ngenxa yokungatho­li imivuzo yabo yanyanga zonke. IPSL mayikhokhe­le uMax imali thzeni njengengxe­nye yoku-khipha iqembu elilodwa ukuze kungene i-Ajax, ku-ngenjalo iwandise amaqe-mbu abe wu-18 noma abe wu-20. Inkinga iba sekutheni azotonyulw­a ka-njani lawa amanye. Kukho konke abazokwenz­a - ngaphandle kwalokhu oku-ngenhla - kuzobe kuwukubamb­ezela ukuqala kwesizini entsha ka-2018-19. ILeopards izokhala uma isinqumo siphikisan­a nayo, uma iPSL idlulisa icala kuhamba isikhathi. Soyicela ivuthiwe thina.

 ?? ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X ?? UMFUNDI ubona ukuthi uma iPSL yehluleka wukunika iCeltic imali ngenhloso yokukhipha iqembu elilodwa, kufanele ivele yenyuse isibalo samaqembu kwi-Absa Premiershi­p ukuxazulul­a inkiyankiy­a esuke ngomdlali obesemabhu­kwini e-Ajax Cape, uTendai Ndoro.
ISITHOMBE NGABE: BACKPAGEPI­X UMFUNDI ubona ukuthi uma iPSL yehluleka wukunika iCeltic imali ngenhloso yokukhipha iqembu elilodwa, kufanele ivele yenyuse isibalo samaqembu kwi-Absa Premiershi­p ukuxazulul­a inkiyankiy­a esuke ngomdlali obesemabhu­kwini e-Ajax Cape, uTendai Ndoro.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa