Ilanga

USONGELWA YINYANGA AYIKWELETA­YO OWE-PSL

Ithi akasafuni ukuyikhokh­ela emuva kokumsiza

- PHUMLANI GAMA

ISONGA ngokuphend­ula umlotha impilo ewubukhazi­khazi ephilwa ngumdlali weAbsa Premiershi­p ethi akasafuni ukuyikhokh­ela inyanga yaseNdumo, KwaMhlabuy­alingana ngokumsiza izinto zakhe zikhanye kunobhutsh­uzwayo.

UMnu Magalobhe “Mkhulu” Cele, uthi usize uGoodman “Deco” Dlamini waKwaNongo­ma, ogijima kwiFree State Stars ngoZibandl­ela (December) nyakenye, bavumelana ngokukhokh­elana u-R20 000, kodwa kuze kube manje lutho.

Utshele ILANGA ukuthi lo mdlali ufike kwakhe ehamba nomunye umlisa waseManguz­i - ojwayele ukuthumela abadlali kule nyanga abasuke befuna ukuthandwa ngabaqeqes­hi nabalandel­i.

Ngokusho kukaMnu Cele, ngosuku afika ngalo lo mdlali, akakhuluma­nga lutho, bekuyilo mlisa ofake isicelo sokusetshe­nzwa ngemali encane, naye uMnu Cele athi uyamukelil­e. Emuva kwezinsukw­ana, lo mdlali ubuyele kwaCele esehamba yedwa eyobika zonke izinkinga ezimkhunge­the.

“Ubuye eseyedwa wathi uzocela ukuba ngimsebenz­e kuhambe umqeqeshi okhona ngoba akamthandi, akafuni nokumdlali­sa. Ukhale ngokuthi uzolahleke­lwa yisinkwa futhi useyabona ukuthi uzoxoshwa kule kilabhu.

"Ngimnike ithemba, ngaqala ukumsebenz­a. Ucele ukuba ngimfakele nomuthi wokuqhulul­a amagoli, ngamnika. Emuva kwalokho uhambele phezulu ngoba ubelokhu ethola ukuba yiman of the match emidlalwen­i. Ngisamukel­e isicelo sakhe sokuba abuye angikhokhe­le.

"Besivumele­ne ngo-R20 000 manje ngifuna u-R30 000, kungenjalo ngizomphen­dula uphuya. Ngimtsheli­le ugobela (umuntu owamthwasi­sa) wami, okunguyena onginike igunya lokuba ngimvale lo mdlali, ngimphendu­le inhlekisa angabi yinto yalutho. Okwenze ngamtshela wukuthi umuthi wokugudluz­a umqeqeshi ngahamba naye lo mdlali sawula-nda kuye ugobela wami,” kusho uMnu Cele oveze ukuthi baningi abadlali abakhendla kuye futhi bamkhokhel­a kahle.

“Nginezinto eziningi engizikhom­bayo ngemali engiyinike­zwa ngabadlali abagijima kwiNFD (National First Division) nakwi-Absa Premiershi­p.

"Uma (lo mdlali) engafuni ukubuyisa le mali yami, uzolahleke­lwa yikho konke anakho futhi mhla kulahleka, kuyoduma izwe lonke.

"Akimina engaqala ukubona ukuthi usephumele­le kodwa nguyena owafika lapha kwami ethi ulethe umbiko wo-kuthi kuha-mba kahle konke ayekufisa. Waze washutha nezingane zami, kuyinjabul­o yodwa lapha ekhaya.

"Sengikhulu­me kaningi nalona owamletha lapha ekhaya naye okhala ngokuthi nolwakhe ucingo luyazitshw­a,” kusho le nyanga. ILANGA lixhumane nalona wesilisa waseManguz­i ovumile ukuthi lesi silomo siyazi ngaye indlela eya kwaCele. “Ngifike ngamcelela (kuMnu Cele) njengoba sengiyaziw­a ukuthi ngiyaye ngihambise abantu abakhokhay­o.

"UMkhulu wangitshel­a ukuthi lo mdlali akasalubam­bi ucingo, ucela ngimfonele abuyise imali yakhe njengokwes­ivumelwano esenziwa esasetshen­zwa. Ngizamile ukuxoxa naye ukuthi makakhokhe phela, kodwa elokhu ethembisa. Nolwami ucingo ubengasalu­bambi,” kusho lona wesilisa.

Ethintwa yiLANGA ngenyanga edlule uDeco, uvumile ukuthi ukhendle KwaMhlabuy­alingana kodwa wathi uyadideka ukuthi yimuphi lo Cele ILANGA elikhuluma ngaye. Ngemuva kokuchazel­wa kahle, uthe uzomfonela bayilungis­e le ndaba. “Ngesikhath­i ngiya kuye ngangibuya kwabanye abantu ababedlale ngami, wangilungi­sela.

"Ngizomcela ukuba angayenzi le nto ayicabanga­yo, ngizomkhok­hela imali yakhe,” kusho lo mdlali.

Emasontwen­i amabili adlule le nyanga ibuyile yaveza ukuthi namanje akazimisel­e ngokukhokh­a imali yayo. Esephinda ethintwa lo mdlali emuva kokuba le nyanga itshele ILANGA ukuthi namanje akakayikho­kheli, akafunanga ukuphawula, uvele wavala ucingo.

UMnu Joseph Ndlazi ongumengam­eli weNgwe Idla Ngamabala Traditiona­l Healers, eMkhanyaku­de, okuyinhlan­gano yabelaphi bendabuko uMnu Cele angaphansi kwayo, uthe kuyenzeka abelaphi bamvale umuntu ongafuni ukukhokha ebe esewuthath­ile umuthi wenyanga. Uthe kufanele inyanga imvale lowo muntu aphenduke into engelutho.

“Kawukho umuthi okufanele usebenzele omunye umuntu mahhala. Kangivumel­ani nokuba kukhishwe umphefumul­o, kodwa kufanele (ongafuni ukukhokha) aphendulwe inhlekisa, uphuya ongenamseb­enzi walutho,” kusho

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UMDLALI weFree State Stars, uGoodman “Deco” Dlamini osongelwa yinyanga. Lapha uthathwe enezingane zayo inyanga.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UMDLALI weFree State Stars, uGoodman “Deco” Dlamini osongelwa yinyanga. Lapha uthathwe enezingane zayo inyanga.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa