Ilanga

Ubulale indodana wazilengis­a esola umkhwekazi

Uthole ukuthi ingoduso imithiswe ngomunye

- NOMFUNDO NGWANE

USHIYE iheheba lencwadi esola umkhwekazi wakhe owesilisa waseNanda obulale indodana yakhe qede wazilengis­a emuva kokuthola ukuthi ingoduso yakhe - engunina wale ndodana yakhe - ikhulelisw­e ngomunye umuntu.

ILANGA lithole ukuthi uMnu Ayanda Ngidi (32), usolwa ngokubulal­a indodana yakhe uSiphile Ngidi (6). Kuthiwa uMnu Ngidi ubeselobol­e waze wahambisa izibizo kubo kanina wengane yakhe oyisangoma. Kuthiwa ngaphambi kokuba azibulale, ushiye iheheba lencwadi esola ingoduso yakhe ngokudlala ngothando lwakhe.

Kuthiwa kule ncwadi akagcinang­a ngokusola ingoduso, ukhale nangomkhwe­kazi wakhe ngokuba ngumzali oneziyalo ezingalung­ile endodakazi­ni yakhe. Ngokuthola kweLANGA ngelungu lomndeni wakwaNgidi, elicele ukuba siligodle igama lalo, indaba iqale ngesikhath­i ingoduso kaMnu Ngidi imtshela ukuthi ikhulelwe kodwa ingane kakusiyona eyakhe, ngeyelinye isoka.

“Sizamile siwumndeni ukuhlala phansi sikhulume naye u-Ayanda, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, ekhala ngokuthi uyamthanda unina wengane yakhe ngeke akwazi ukuphila ngaphandle kwakhe,” kusho ilungu lomndeni kamufi.

Kuthiwa abasekhwen­i lakhe bese bemncikise­la nangokuthi abone indodana yakhe, sekuba wumzukuzuk­u uma kufanele ivakashe kubo. Leli lungu lomndeni lithi ngeSonto umufi uwutshelil­e umndeni wakhe ukuthi uzozibulal­a.

Kuthiwa ngoLwesibi­li bekumele aye emsebenzin­i, ezongena emini. Ucele indodana yakhe kunina wayo wathi uyoyitheng­ela izimpahla zokugqoka, ngokusho kwaleli lungu lomndeni. Kuthiwa uqonde nayo ekamelweni lakhe wafika wayivulela opopayi kumabonaku­de qede wayivala ubuso ngoplastic yaze yashona.

Uqede lapho wabhodloza i- ceiling board wazilengis­a. Kuthiwa eduze kwezidumbu zabo kutholakal­e incwadi ayibhalile, ebichaza ngokuzibul­ala kwakhe.

Kuthiwa kule ncwadi ubechaza ukuthi ubeyithand­a kangakanan­i ingoduso yakhe. Leli lungu lomndeni lithi ngeke bamxolele unina wengane kamfowabo ngento abenze yona. Lithi umfowabo ubeyikhokh­ela esikoleni ingoduso yakhe, eyenzela konke ekufunayo, ethanda ngisho ingane yayo endala angayizali.

Ubesebenza kwaMasipal­a weTheku. “Le ntombazane kade yaqala ukuhlukume­za u-Ayanda. Ithole ingane yayo yokuqala ikade ithandana naye. Ngenxa yokuthi ubeyithand­a, uyixolelil­e baqhubeka bathandana. Njengoba ikhulelwe, bekuzobe kungokwesi­bili ikhulelisw­a ngomunye umuntu bethandana.

"Imzwisile ubuhlungu le ntombazane, ubengasadl­i, engasaligu­ndi ikhanda nentshebe ehlale ezivalele yedwa ekamelweni lakhe,” kusho leli lungu.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Nata, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo lophenyo necala lokubulala.

Bese kungokwesi­bili le ntombazane imithiswa ngomunye umuntu.

 ??  ?? UBULALE indodana wazilengis­a owesilisa emuva kokuba ethole ukuthi ingoduso yakhe imithiswe ngomunye umuntu.
UBULALE indodana wazilengis­a owesilisa emuva kokuba ethole ukuthi ingoduso yakhe imithiswe ngomunye umuntu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa