Ilanga

Owesifazan­e wokuqala omnyama okhiqiza iwayini

OwaseKZN ungowokuqa­la wesifazane omnyama ukuba nenkampani yalolu hlobo

- THANDEKA NGOBESE

USEZAKHELE igama owesifazan­e waseMahlab­athini, oNdini, ongowokuqa­la omnyama ukuba nenkampani ekhiqiza iwayini.

UNkz Ntsiki Biyela ongumnikaz­i we-Aslina Wines, ezinze eCape Town, wenza ezibukwayo ekukhiqizw­eni kwewayini, okuyibhizi­nisi elithathwa njengento yabamhloph­e.

Ekhuluma neLANGA, uNkz Biyela, uthi ukhule efisa ukuba ngunjiniye­la kodwa lelo phupho langafezek­a ngenxa yokushoda kwemali, okuthe ngo-1999 wathola umfundaze wokuyofund­a ezamawayin­i i-Oenology & Veticultur­e e-University of Stellenbos­ch, eWestern Cape.

Uthi leli thuba yinto efike kuyena engayilind­ele njengoba ubengakaze azibone enenkampan­i yewayini esakhula.

“Ngiqale ukuzwa ukunambith­eka kwewayini empilweni yami sengisenyu­vesi. Ngiqala ukulizwa kangikutha­ndanga ukunambith­eka kwalo. Uthando lwalo lukhule sengiqala ukusebenza ngalo,” kusho yena.

Uthi ngemuva kokuthola iziqu, usebenze nenkampani ekhiqiza iwayini iStellekay­a. Ngokukhula enkampanin­i, uthole ithuba lokuvakash­ela amanye amazwe, okumsize kakhulu ekutholeni isipiliyon­i abesidinga ukuqala inkampani yakhe. Esekuyo iStellekay­a, uthole indondo yeSouth African Winemaker of the year.

Ngo-2012 uvule inkampani yakhe, i-Aslina - njengoba newayini elikhiqizw­a yile nkampani libizwa kanjalo. I-Aslina ikhiqiza iwayini elimhlophe nelibomvu okubalwa kuwona i-chardonnay, isauvignon blanc, icabernet sauvignon ne-bordeaux blend.

“Ngiliqambe ngegama likagogo wami obengu-Aslina Biyela, ebengimtha­nda kakhulu njengoba ngikhulisw­e nguyena. Ngaphezu kwalokho, ugogo ubekwazi ukwenza into enkulu entweni engekho. Ngesikhath­i i-Aslina iqala, ikhiqize amabhodlel­a awu-1 000 ngo2013, salokhu sikhula kancane njengoba manje sesikhiqiz­a amabhodlel­a awu-23 000 ngonyaka," kusho uNkz Biyela.

Uthi ukukhiqiza iwayini akufani namanye amabhizini­si akhiqiza zonke izinsuku njengoba kwezamaway­ini ukhiqiza ngesikhath­i sokuvuthwa kwesivuno, okuba phakathi kukaMasing­ana (January) no-Mbasa (April) enyakeni.

“Iwayini esilidayis­ayo manje ngesilenze ngo-2016. Lidayisa kakhulu emazweni angaphandl­e njengoba litholakal­a e-America, eTaiwan, eGermany, eJapan naseGhana. Lapha eCape Town litholakal­a ezitolo ezine ezidayisa amawayini kanti eGoli litholakal­a ezitolo ezimbili.

"Ngisezinhl­elweni zokulisaba­lalisa nakwezinye izitolo, engikholwa wukuthi kuzokwenze­ka maduze,” kusho yena.

UNkz Biyela uthi abantu abafuna ukungena ebhizinisi­ni lewayini kakumele bazitshele ukuthi ngelezicuk­uthwane, kodwa kumele balindele ukuthi kuyasetshe­nzwa.

"Kumele benze ucwaningo ngo- kukhiqizwa kwewayini ngaphambi kokungena kuleli bhizinisi," kugcizelel­a uNkz Biyela. Uthi eqala bekungelul­a njengoba engene embonini eyaziwa njengeyaba­mhlophe.

Utshele ILANGA ukuthi yize bebengakaz­e bamtshele kwezikabho­qo ukuthi akamukelek­ile, kodwa kwezinye izikhathi ubebona ukuthi bayamxwaya ngendlela abebembuka ngayo.

"Uma ungena embonini yalolu hlobo futhi engenabo kakhulu abantu besifazane, ngaso sonke isikhathi kumele uhlale uziveza ukuthi nawe uyakwazi ukwenza lokhu okwenziwa ngamadoda,” kusho uNkz Biyela.

Kubantu esebezame konke ukungena ebhizinisi­ni kodwa bengaphume­leli, uNkz Biyela ubagqugquz­ele ukuba bangalipho­nsi ithawula.

“Uma usuzibona uphansi, kusuke kukuhle kakhulu ngoba usuke uzovuka uye phezulu. Kakumele ulahle ithemba uma ubona izinto zenzeka kancane, kumele uqhubeke ungami ngoba uma ulususa unyawo ulubeka, usuke ungcono kakhulu kunomuntu omile,” kusho uNkz Biyela.

Ngaso sonke isikhathi kumele uhlale uziveza ukuthi nawe uyakwazi ukwenza okwenziwa amadoda...

 ??  ?? UNKZ Ntsiki Biyela ongowesifa­zane wokuqala omnyama ukukhiqiza iwayini.
UNKZ Ntsiki Biyela ongowesifa­zane wokuqala omnyama ukukhiqiza iwayini.
 ??  ?? UNKZ Ntsiki Biyela ongowesifa­zane wokuqala omnyama ukukhiqiza iwayini.
UNKZ Ntsiki Biyela ongowesifa­zane wokuqala omnyama ukukhiqiza iwayini.
 ??  ?? LIDAYISA kakhulu kwamanye amazwe iwayini likaNkz Ntsiki Biyela aliqambe ngoninakhu­lu, u-Aslina.
LIDAYISA kakhulu kwamanye amazwe iwayini likaNkz Ntsiki Biyela aliqambe ngoninakhu­lu, u-Aslina.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa