Owesifazane wokuqala omnyama okhiqiza iwayini
OwaseKZN ungowokuqala wesifazane omnyama ukuba nenkampani yalolu hlobo
USEZAKHELE igama owesifazane waseMahlabathini, oNdini, ongowokuqala omnyama ukuba nenkampani ekhiqiza iwayini.
UNkz Ntsiki Biyela ongumnikazi we-Aslina Wines, ezinze eCape Town, wenza ezibukwayo ekukhiqizweni kwewayini, okuyibhizinisi elithathwa njengento yabamhlophe.
Ekhuluma neLANGA, uNkz Biyela, uthi ukhule efisa ukuba ngunjiniyela kodwa lelo phupho langafezeka ngenxa yokushoda kwemali, okuthe ngo-1999 wathola umfundaze wokuyofunda ezamawayini i-Oenology & Veticulture e-University of Stellenbosch, eWestern Cape.
Uthi leli thuba yinto efike kuyena engayilindele njengoba ubengakaze azibone enenkampani yewayini esakhula.
“Ngiqale ukuzwa ukunambitheka kwewayini empilweni yami sengisenyuvesi. Ngiqala ukulizwa kangikuthandanga ukunambitheka kwalo. Uthando lwalo lukhule sengiqala ukusebenza ngalo,” kusho yena.
Uthi ngemuva kokuthola iziqu, usebenze nenkampani ekhiqiza iwayini iStellekaya. Ngokukhula enkampanini, uthole ithuba lokuvakashela amanye amazwe, okumsize kakhulu ekutholeni isipiliyoni abesidinga ukuqala inkampani yakhe. Esekuyo iStellekaya, uthole indondo yeSouth African Winemaker of the year.
Ngo-2012 uvule inkampani yakhe, i-Aslina - njengoba newayini elikhiqizwa yile nkampani libizwa kanjalo. I-Aslina ikhiqiza iwayini elimhlophe nelibomvu okubalwa kuwona i-chardonnay, isauvignon blanc, icabernet sauvignon ne-bordeaux blend.
“Ngiliqambe ngegama likagogo wami obengu-Aslina Biyela, ebengimthanda kakhulu njengoba ngikhuliswe nguyena. Ngaphezu kwalokho, ugogo ubekwazi ukwenza into enkulu entweni engekho. Ngesikhathi i-Aslina iqala, ikhiqize amabhodlela awu-1 000 ngo2013, salokhu sikhula kancane njengoba manje sesikhiqiza amabhodlela awu-23 000 ngonyaka," kusho uNkz Biyela.
Uthi ukukhiqiza iwayini akufani namanye amabhizinisi akhiqiza zonke izinsuku njengoba kwezamawayini ukhiqiza ngesikhathi sokuvuthwa kwesivuno, okuba phakathi kukaMasingana (January) no-Mbasa (April) enyakeni.
“Iwayini esilidayisayo manje ngesilenze ngo-2016. Lidayisa kakhulu emazweni angaphandle njengoba litholakala e-America, eTaiwan, eGermany, eJapan naseGhana. Lapha eCape Town litholakala ezitolo ezine ezidayisa amawayini kanti eGoli litholakala ezitolo ezimbili.
"Ngisezinhlelweni zokulisabalalisa nakwezinye izitolo, engikholwa wukuthi kuzokwenzeka maduze,” kusho yena.
UNkz Biyela uthi abantu abafuna ukungena ebhizinisini lewayini kakumele bazitshele ukuthi ngelezicukuthwane, kodwa kumele balindele ukuthi kuyasetshenzwa.
"Kumele benze ucwaningo ngo- kukhiqizwa kwewayini ngaphambi kokungena kuleli bhizinisi," kugcizelela uNkz Biyela. Uthi eqala bekungelula njengoba engene embonini eyaziwa njengeyabamhlophe.
Utshele ILANGA ukuthi yize bebengakaze bamtshele kwezikabhoqo ukuthi akamukelekile, kodwa kwezinye izikhathi ubebona ukuthi bayamxwaya ngendlela abebembuka ngayo.
"Uma ungena embonini yalolu hlobo futhi engenabo kakhulu abantu besifazane, ngaso sonke isikhathi kumele uhlale uziveza ukuthi nawe uyakwazi ukwenza lokhu okwenziwa ngamadoda,” kusho uNkz Biyela.
Kubantu esebezame konke ukungena ebhizinisini kodwa bengaphumeleli, uNkz Biyela ubagqugquzele ukuba bangaliphonsi ithawula.
“Uma usuzibona uphansi, kusuke kukuhle kakhulu ngoba usuke uzovuka uye phezulu. Kakumele ulahle ithemba uma ubona izinto zenzeka kancane, kumele uqhubeke ungami ngoba uma ulususa unyawo ulubeka, usuke ungcono kakhulu kunomuntu omile,” kusho uNkz Biyela.
Ngaso sonke isikhathi kumele uhlale uziveza ukuthi nawe uyakwazi ukwenza okwenziwa amadoda...