Ibiphezulu imimoya kuxoxwa ngolomhlaba
Abamhlophe bathi nabo bawuthenga, kabawuntshontshanga
“SANXESHEZELWA ngubani thina ngesikhathi bethatha umhlaba wethu nohulumeni wabo?”
Lona wumbuzo obuzwe nguMnu Mtititi Ntombela waseMnyathi, eVryheid ngesikhathi ephawula esigcawini sephalamende esibhekele indaba yomhlaba izolo ngoLwesithathu emini ehholo lomphakathi, iCecil Emmet, eVryheid.
Kulesi sigcawu ebesihleli okokuqala KwaZulu-Natal, abantu banikezwe ithuba lokuphefumula ngodaba oluthinta ukubuyiswa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. Ihholo obekuhlanganelwe kulona beligcwele lichichima ngabantu abebeqhamuka ezindaweni ezahlukene.
Ububona useza ngakuleli hholo ukuthi lukhulu luzokwenzeka njengoba abantu bebeshaye ulayini omude ongena ngaphakathi. Luze lwaqala uhlelo kusekhona abantu abami kulayini belinde ukungena ngaphakathi ehholo.
Abakwasidlodlo bebenkanise ngaphandle, beqinisekisa ukuthi bonke abangena ehholo bayaseshwa. Imimoya ibiphezulu kubantu abebekubeka kucace ukuthi abamhlophe mabahambe uma bengahambisani nokuba kubuyiswe umhlaba wabamnyama.
Yize kunjalo, bebekhona abamhlophe abebephikisana nalokhu njengoba bebethi kabasiboni isidingo sakho ngoba kabazange bawuntshontshe lo mhlaba. Bekuthi uma besho lokhu, bahhahhanyezwe kubonakala ukuthi abantu kabahambisani nabakushoyo.
UMnu Ntombela uthe: "Ngesikhathi abamhlophe besephuca umhlaba ngubani owasinxephezela thina? Kangisiboni isidingo sokuba banxeshezelwe uma kuthathwa umhlaba kubona. Nalo mhlaba okubona abamhlophe ulinywa yithina abamnyama, yithina esisebenza kula mapulazi okukhulunywa ngawo.
"Ngezinjani lezi zimakethe okuthiwa zizosifulathela uma kuthathwa umhlaba ngoba yithina vele esiwusebenzayo?,” kubuza yena. UMnu Wonder Thabethe wakhona eVryheid, uthe kawukho umkhu-mbi owafika nabamhlophe uthwe-le umhlaba, ngakho mawubuyele kubantu.
UNkz Ronel Beeslaar, ovela kwiCox and Partners Attorneys of Vryheid, uthe yena akahambisani nendaba yokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo ngoba abamhlophe kabazange bawuntshontshe kodwa bawuthenga nabo. “Kasikho isidingo sokuba kuthathwe umhlaba, kangisayiphathi-ke eyokuwuthatha ngaphandle kwesinxephezelo.
"Kubukeka sengathi uhulumeni udaba lokubuyiswa komhlaba ufuna ukuluthwesa emahlombe abantu abakhiqiza ukudla kuleli lizwe, wona lo mhlaba abawukhokhela, abangazange bawebe kumuntu,” kusho yena. UMnu Alwin Bohmer, ongumlimi eDumbe, uthe lapho eqhamuka khona uvele mncane umhlaba abawusebenzisayo.
“La engiqhamuka khona sisebenzisa umhlaba owu-30% kuphela nabanye abalimi. Kubalimi abawu-80, siqashe izisebenzi eziwu-1 350 njengabalimi. Lezi zisebenzi zinelungelo lokuhlala, ukungcwaba izihlobo zazo, ukulusa izinkomo zazo emhlabeni ongamahektha awu-5000. Abantu badinga umsebenzi, " kusho yena.