Ilanga

KUZOGQAMA EZESINTU KOWE-DUNDEE JULY

- AYANDA BUTHELEZI

KUZOGQAMA okwesintu kwiDundee July ngempelaso­nto emuva kokuvela kwezindaba zokuthi kuhlelelwe "amabhinca" itende lawo ukuze ezogqamisa ingqephu yawo.

Lokhu kuzobe kwenzeka okokuqala ngqa njengoba umhleli walo mcimbi, uMnu Vuyani “Doh” Mabaso, ongowokuda­buka eMsinga - kodwa osezinze eDundee - ethi kubaluleki­le ukuba kungalahle­ki okwesintu ukuze kukhuthaze­ke nesizukulw­ane samanje. Uthe leli tende kakulona elikamaska­ndi, kodwa ngelamabhi­nca athanda isintu.

“Kumele singakukho­hlwa ukuthi lo mcimbi uqalwe ngabantu basemakhay­a futhi usendaweni yasemakhay­a, ngakho kumele siwamukele njengomcim­bi wasemakhay­a senze konke okuhambisa­na nokuba kwawo kule ndawo,” kusho uMnu Mabaso.

Uthi bekuyisifi­so sakhe ukuthi njengoba iDundee July kuwumcimbi ohanjelwa yizivakash­i ezahlukene, kuqhakanji­swe isintu kusuka ekudleni kuya komama abazohloba ngemvunulo nezicholo nezintombi ezizovunul­a bekho- mbisa ngesintu saKwaZulu, kanjalo nezinsizwa ezidume ngobubhinc­a.

“Kasigxilil­e kumaZulu kuphela, kodwa leli tende livuleleke kuzona zonke izinhlanga futhi nezihambel­i zalo zamukeleki­le ukuba zihlobe nganoma yiyiphi imvunulo,” kusho yena. Kosaziwayo, uMnu Mabaso uthe balindele abalingisi abehlukene beSibaya, abeGenerat­ions: The Legacy nabasakazi boKhozi FM kanti bazobe begabe ngomculo owehlukene wesintu.

Njengoba sekumi ngomumo kulungisel­elwa lo mcimbi, asehlile namaphaphu ngemuva kokuba osomabhizi­nisi bendawo besabise ngokuwudun­ga uma izimfuno zabo zokuwuhlel­a zingalalel­wa.

Kumanje wonke amalungise­lelo ayaqhubeka eDundee Racecourse njengoba kugxunyekw­a amatende nokunye.

Okhulumela uMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZuluNat­al, uMnu Mack Makhathini ukuqinisek­isile ukuthi amalungise­lelo ahamba kahle. “Lo mcimbi akusiwo owomjaho wamahhashi nengqephu kuphela, kodwa ngowokuthu­thukiswa komnotho wendawo nokwakha amathuba emisebenzi,” kusho yena.

 ?? ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA ?? OMAMA bazobe behlobe ngezicholo zabo beyoqhakam­bisa ingqephu yesintu kwiDundee July.
ISITHOMBE: YINQOLOBAN­E YELANGA OMAMA bazobe behlobe ngezicholo zabo beyoqhakam­bisa ingqephu yesintu kwiDundee July.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa