KUDUTSHULWE UMFANA "BEDLALA" KWAMAKHELWANE
ABHODLA umlilo amalungu omndeni wakwaMsomi, eGreytown, epulazini elibizwa ngokuthi yisePhasiwe, ngesenzo somfanyana (14) omhlophe, osolwa ngokudubula abulale umfanyana oneminyaka ewu-12 ubudala okubikwa ukuthi bebedlala egcekeni lakubo kamsolwa.
Kubikwa ukuthi umsolwa udubule ngephutha uSenzo Msomi ngesibhamu sezinyoni sikayise ngoMsombuluko.
Lokhu kuthiwa kwenze isimo saba muncu phakathi komndeni kamufi nokamsolwa njengoba owakwaMsomi ufuna incazelo egcwele mayelana nokuthi isibhamu besifunani enganeni size silimaza indodana yawo kudlalwa.
ILANGA lithole ukuthi abafanyana bebejwayele ukuvakashela umsolwa kubo njengoba kuvalwe izikole. Kubikwa ukuthi umsolwa isibhamu ubesinikwe nguyise ukuba azigade ngaso emini njengoba yena ebengekho esemsebenzini, emshiye yedwa endlini.
Ilungu lomndeni wakwaMsomi, elicele ukuba siligodle igama lalo ukulivikela njengoba isimo simuncu phakathi kwemindeni yomibili, lithi bathole ucingo lubabikela ukuthi ingane idutshulwe yabulawa ngumfana wakwamakhelwane bedlala.
Lithi uyise womfana osolwa ngokubulala, usebenza epulazini, ngesikhathi kwenzeka lesi sigameko ubesemsebenzini. “Sitshelwe ukuthi uthathe isibhamu sikayise abemshiye naso wadubula ngaso uSenzo bedlala.
"Kunzima kithina siwumndeni ukuba sikholwe wukuthi lezi zingane bezidlala ngesibhamu. Sidinga incazelo egcwele ukuthi kwenzeke kanjani ukuba anikeze ingane encane isibhamu ukuba izigade ngaso,” kusho leli lungu lomndeni.
Lithi selokhu kwenzeke lesi sigameko, uyise kamsolwa ubengakaze avele emndenini kamufi ayobhonga emswaneni ukukhombisa ukuthi le nto eyenzekile kube yiphutha. Umthombo we
obukhona ngesikhathi kudutshulwa uSenzo, uthi umsolwa uphume emnyango esephethe isibhamu sikayise wabaxosha bonke laba abebegcwele igceke ethi mabahambe egcekeni lakubo.
Kuthiwa uSenzo akazange akugqize qakala ukuxoshwa, uqhubekile wama egcekeni okuthe enganakile, wezwa kuqhuma isibhamu. Ushonele khona lapho. Umthombo uthi udutshulwe inxeba elilodwa ngaphansi kwekhwapha. “Lo mfana uyenze ngamabomu le nto, ubevele ehlosile ukudubula uSenzo.
"Okunye okusididayo wukuthi kungani uyise emnikeze isibhamu ukuba azigade ngaso emini uma esemsebenzini ebe azi kahle ukuthi isibhamu siyalimaza,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe kuvulwe icala lokubulala, amaphoyisa ayaphenya, akukaboshwa muntu.
Uyise kamsolwa akakaze avele emndenini ayobhonga emswaneni ngalo monakalo.