Ilanga

ITHEMBA NGOBUMBANO

- LUCKY CAIN

KUZOQINISA ithemba ngobumbano olukhuthaz­wa nguMengame­li we-African National Congress (ANC) neNingizim­u Afrika, uMnu Cyril Ramaphosa, ukuhlala ngempumele­lo kwengqungq­uthela yokukhetha ubuholi beANC KwaZulu-Natal.

Le ngqunguthe­la ebhuntshe ngemizuzu yokugcina ngenyanga eyedlule e-University of Zululand, KwaDlangez­wa, eMpangeni, iyaqala namhlanje ngoLwesine eDurban University of Technology (DUT).

Ngokusho komhlaziyi ozimele, uMnu Protas Madlala, sekuntwela ezansi ngobumbano kuleli qembu inqobo nje uma le ngqungquth­ela izoba nokuthula.

“Kuyajabuli­sa ukuzwa ukuthi sebekudlul­isile abebengabo­ni ngasolinye ngakho, basayina nesivumelw­ano. Lokhu kuhle ngoba lolu bumbano uMnu Ramaphosa alugqugquz­elayo, seluzoba yinto yangempela,” kusho uMnu Madlala.

Uthi bekuzoba kubi uma besilokhu siqhubeka isikhathi le ngqungquth­ela ingahlange­ne. “IKwaZulu-Natal iyaziwa ngezigamek­o ezinesihlu­ku zokubulawa kosopoliti­ki ikakhuluka­zi uma sekusondel­a ukhetho, ngakho ukusheshe kukhethwe ubuholi kuzokwenza abaholi bakwazi ukukhuluma into ezwakalayo emalungwin­i," kusho uMnu Madlala.

Kuzokhumbu­leka ukuthi engqunguth­eleni edlule iningi lamalungu abeyihambe­le eBhekuzulu kwaDlangez­wa, agcine esehhahham­eza uMnu Gwede Mantashe ongusihlal­o we-ANC, waphoqelek­a ukungayeth­uli inkulumo yakhe.

Igcine ibhuntsha ngomzuzu wokugcina ngemuva kokuba iqeqebana ebelingagc­ulisekile ngokuhlala kwayo libabele enkantolo ukuze ingaqali kwakuqala.

Kuzokhumbu­leka ukuthi uNkk Jessie Duarte ucashunwe emithonjen­i eyahlukene yabezindab­a ekucacisa ukuthi konke sekumi ngomumo ngokuhlala kwengqungq­uthela namhlanje.

Kule ngqungquth­ela uMnu Sihle Zikalala uthwelwe ngeqoma esikhundle­ni sokuba ngusihlalo we-ANC kulesi sifundazwe.

Khona manjalo izibalo zakamuva ezenziwe yinkampani yocwaningo, i-Ipsos ziveze ukuthi i-ANC ihamba phambili ngo-60% ngokwesekw­a eNingizimu Afika ngaphansi kukaMnu Ramaphosa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa