Ilanga

INGQAYIZIV­ELE YETHUBA KWIMBOKODO NENTSHA

- INTATHELI YELANGA

LIHLWAYA intsha nabesifaza­ne abasemkhak­heni wezokwakha abazongena ohlelweni lokuthuthu­kiswa kwamabhizi­nisi i-Ithala Developmen­t Finance Corporatio­n (IDFC).

Isikhulu esiphezulu esibambile kwi-Ithala, uNkk Farhana Abdool-Kader, sithe: “Njengoba kuvuselelw­a izakhiwo zethu enyakatho yeKwaZulu-Natal - sicuphe ngezinye izinhlelo zokuphucul­a izakhiwo - sifisa ukusiza amabhizini­si awu-60 abantu abamnyama, ukuze ezokwaziwa, agunyazwe ukungena ohlwini lwethu.

“Sibheka amabhizini­si awu-30 entsha nawabantu besifazane awu-30.” Njengengqa­labutho yentuthuko yamabhizin­isi asemalokis­hini nasemakhay­a, abe-Ithala bathi bayabazi ubumqoka bokuthuthu­kisa ingqalasiz­inda ukuze kunciphe ububha futhi kufukulwe nomnotho.

“Siyisikhun­go sikahulume­ni, siyasabela uma uhulumeni uhlaba ikhwelo lokuthuthu­kisa umnotho nokufukula abantu besifundaz­we sakithi. Ngonyaka odlule sisebenzis­e uR-47,25 million ukuvuselel­a izakhiwo zethu ezindala KwaZuluNat­al kanti le mali isize amabhizini­si abamnyama bendawo,” kuqhuba uNkk Abdool-Kader.

“Le misebenzi - okubalwa kuyo owokufaka ugesi, amapayipi amanzi, wukulungis­a uphahla, wukupenda nokubiya - yenziwe emabhizini­sini awu-12, iningi lawo okungawaba­ntu abamnyama, okusho ukuthi kudaleke amathuba emisebenzi awu-302.

“Sikholwa wukuthi kuningi ebesingakw­enza, ikakhulu ngasohlang­othini lokwakha,” kusho yena.

Oyedwa kwabafaka isicelo kufanele abe ngumqondis­i obhalisiwe, umnikazi noma umlingani enkampanin­i yezokwakha bese ebhala incwadi esho ukuthi kungani efisa ukungena kulolu hlelo.

Okunye okudingeka­yo wukuthi abe ngowaKwaZu­lu-Natal, abe nesitifike­ti seBEE noma esifungelw­e esifakaza ukuthi yibhizinis­i lomuntu omusha noma wesifazane omnyama.

Inkampani yakhe makube ngesinemin­yaka emithathu ikhona, ebhalisiwe kwiCentral Supplier Database futhi iqashe abantu okungenani abawu-5. Kufanele ibhaliswe kwiConstru­ction Industry Registrati­on Board, ibe negrading ka-1 kuya ku-3 (kule mikhakha: owokhwakha, owokufaka amanzi, owezitamko­ko namapayipi amanzi, owamagceke, owokunisel­a, owokutshal­a, okagesi wezakhiwo). Ngemibuzo, kungathuny­elwa i- e-mail ku: supplierde­velopment@ithala.co.za

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa