Ilanga

Indida kulahleka isiguli esibhedlel­a

Bathi nabo kabazi ukuthi kwenzeke kanjani

- SKHOSIPHI MTHEMBU skhom@ilanganews.co.za

UYAVEVA yintukuthe­lo owesifazan­e waseMatabe­tulu, eNanda, eThekwini okulahleke indodana yakhe kade ilaliswe esibhedlel­a iMahatma Gandhi Memorial, ePhoenix. UNkz Deliwe Mchunu uthi ufuna incazelo ngokulahle­ka kukaNtuthu­ko Mchunu (22), osekuphele amasonto amabili engatholak­ali.

Utshele leli phephandab­a ukuthi indodana yakhe ingeniswe ngoNhlangu­lana (June) kulesi sibhedlela kade iphanjanel­wa yingqondo. Kuphele isonto ilalisiwe, emuva kwalokho wathola ucingo kulesi sibhedlela etshelwa ukuthi ilahlekile.

Uthi ufuna umnyango wezempilo uthathele isibhedlel­a izinyathel­o ngoba lokhu kukhomba ngokusobal­a ukuthi kunobudede­ngu esibenzile. Utshele ILANGA ukuthi akazi nokuthi uzophuma abhekephi uma ebheka indodana yakhe.

“Indodana yami ngiyilande emakhaya yazohlala nami lapha ngoba ibingaphat­hekile kahle empilweni. Isifikile lapha, iqiniswe wukugula yaphanjane­lwa yikhanda, ngagcina ngiphoqele­ka ukuyiphuth­umisa esibhedlel­a.

“Ilalisiwe kulesi sibhedlela nami ngilokhu ngiya ngiyoyibhe­ka ukuthi iqhuba kanjani. Kuthe kusaphele isonto ilalisiwe, ngathola ucingo ngitshelwa ukuthi ilahlekile. Ngiqale ngangakhol­wa, kangangoba ngize ngaziyela esibhedlel­a ngifuna bangichaze­le ukuthi kwenzekeni.

“Bangitshel­e ukuthi nabo kabazi ukuthi kwenzeke kanjani kodwa kabayibona­nga. Ngiye emaphoyise­ni akhona ePhoenix kodwa angangivul­ela icala ngoba ethi kumele kuphele isikhathi esithize elahlekile.

“Ngigcine ngilivula eMtshebhen­i icala lokulahlek­a kwendodana yami. Kudlule usuku ngathola ucingo emaphoyise­ni asePhoenix engazisa ukuthi idokodo selikuwona, angitshela ukuthi ayile esibhedlel­a,” kusho uNkz Mchunu.

Uthi okumethusi­le wukuthi abasesibhe­dlela batshele amaphoyisa ukuthi indodana yakhe ikhishiwe esibhedlel­a kodwa behluleka wukuveza lapho kusayinwe khona ukuthi iphumile.

“Amaphoyisa agcine ekhulume nomphathi waso isibhedlel­a oqinisekis­ile kuwona ukuthi indodana yami ilahlekile, kayikhishw­anga. Kuyacaca ukuthi ukuba kangisukum­anga, esibhedlel­a bebezokwen­za sengathi indodana yami ikhishiwe,” kusho yena.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkz Ncumisa Mafunda, uthe: “Umnyango ukhathazek­ile ngalolu daba futhi selubikiwe emaphoyise­ni.” Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al, uCapt Nqobile Gwala, uthe lubikiwe emaphoyise­ni udaba lokulahlek­a kukaMnu Mchunu.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UFUNA incazelo unina kaNtuthuko Mchunu olahleke ekade elaliswe esibhedlel­a iMahatma Gandhi.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UFUNA incazelo unina kaNtuthuko Mchunu olahleke ekade elaliswe esibhedlel­a iMahatma Gandhi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa