Ilanga

Kuqokwe imenenja entsha eMsinga

Sekulindwe ungqongqos­he nencwadi egunyaza lesi sinqumo

- NONHLAKANI­PHO SHINGA nonhlakani­phos@ilnganews.co.za

IQOKIWE imenenja entsha kaMasipala waseMsinga emuva kokuba lo masipala uke wahlala ungenayo kusukela ngoNhlolan­ja (February) wanonyaka, emuva kokumiswa yinkantolo kukaMnu Fanozi Sithole obeqhoqhob­ele lesi sikhundla.

Kuzokhumbu­leka ukuthi lo masipala uke wabhekana ngeziqu zamehlo noMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal emuva kokuba (umnyango) uthole ukuthi uMnu Sithole akanazo iziqu ezifanele ukuba angahola umasipala.

Umasipala ubushaya phansi ngonyawo uthi weseka uMnu Sithole noma ngabe iziqu akanazo ngoba uthi unesipiliy­oni futhi sekukaning­i lo masipala uthola imibiko engenagcob­ho ngaphansi kobuholi bakhe.

Kuze kwangenele­la iNkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu ukuxazulul­a ukungaboni ngasolinye phakathi kwalo mnyango nalo masipala.

Inqume ukuba uMnu Sithole noMnu Mbongeleni Ndlovu obengumqon­disi ophikweni lwakwa- community ukuba bayohlala ekhaya.

Ikhuluma neLANGA iMeya yaseMsinga, uNkk Buyiswa Ngcobo, ikuqinisek­isile ukuthi njengomasi­pala sebefike esiphethwe­ni ngokuqasha ezikhundle­ni eziphezulu ebezingena­bantu, ezinye bekubanjiw­e kuzona.

“Kuyasijabu­lisa ukuthi njengamanj­e sesikwazil­e ukugcina sesiluphot­hulile uhlelo lokuqashwa kwemenenja, i-Chief Financial Officer (CFO) nomqondisi wakwa- community. Njengamanj­e sesilindel­e ukuba kube ngungqongq­oshe osinika incwadi egcwalisa lesi sinqumo esithathwe wumkhandlu,” kusho uNkk Ngcobo.

Uthe kulesi sikhundla baqoke uMnu Senzo Sokhela obengumqon­disi kwa- technical services kuwona lo masipala.

Kuzokhumbu­leka ukuthi nalo igama likaMnu Sokhela lalingasal­anga ngaphandle ezikhulwin­i zalo masipala okwakuthiw­a kazinazo izicucu ezifanele ukuba zingaqhoqh­obala isikhundla ezazikuzon­a.

Ngokungene­lela komnyango nenkantolo, kube sekutholak­ala ukuthi unazo iziqu ezifanele, okuthe uma uMnu Sithole ephelelwa wumsebenzi kwabekwa yena izinyanga ezintathu ukuba abambe.

Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uMnu Msawakhe Mayisela, uthe afikile amaphepha amayelana nalezi zikhundla, adluliselw­e ehhovisini lenhloko yomnyango, izowabheka emuva kwalokho iwadlulise­le kungqongqo­she.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa