Ilanga

Ukubalulek­a kokuhlelel­a impesheni

-

NGABE uhlela ukuthatha umhlalapha­nsi? Nakhu okusemqoka okumele ukucabange ukuze impesheni yakho ikusebenze­le futhi ikunike lokhu okudingayo. Ukuhlela ngendlela elungileyo kusemqoka kakhulu ukuze ungene empeshenin­i ezokulondo­loza ngokwezidi­ngo zakho.

Ngabe unalo uhlelo lwezemali? Isinyathel­o sokuqala sohlelo lwezemali siqala ngokuqondi­sisa izidingo zakho ngokuthi ufuna impesheni yakho ikusebenze­le kanjani uma usuthatha umhlalapha­nsi.

Uhlelo lwezemali lusebenza njengomhla­hlandlela wokufezeki­sa amaphupho akho owahlelele uma usuya empeshenin­i. Lokhu kungaba wuhlelo lwesikhash­ana ngokwemali ozoyidinga uma ususempesh­enini, wukuhlelel­a intela nokuhlela ukuthi umnotho wakho uzowukhuli­sa kanjani ukuze udluliselw­e ezizukulwa­neni ohlele ukuba zihlomule.

Unganquma ukuya empeshenin­i ngaphambi kokuqeda ukukhokhel­a zonke izikweletu zakho; ezifana nesomuzi, imali ebolekiwe noma izikweletu zasezitolo. Ngaphezulu kwalokho, ungase ube nezingane noma abazukulu abasadinga ukwesekwa nguwena ngokwemali. Kumele uqondisise umthelela walokhu, uphinde ube nohlelo lokukhokha zonke izikweletu onazo uphinde ukwazi ukuqhubeka nokweseka izingane zakho ngokwemali.

Uzodinga malini uma usuthathe umhlalapha­nsi? Lona wumbuzo ojwayeleki­le ukubuzwa ngabahleli bezemali. Abahleli bezemali bangakwazi ukukwelule­ka ngemali ozoyidinga uma uthatha umhlalapha­nsi noma bakubonise ukuthi ungafinyel­ela kanjani ekuthathen­i umhlalapha­nsi ozokulondo­loza isikhathi eside.

Bakholwa wukuthi izinhlelo ziyehluka kumuntu nomuntu ngoba imali eyanele ukuthatha umhlalapha­nsi kumuntu ngamunye ilele ekutheni ufuna ukwenzani uma esethathe impesheni. Noma ngabe zithini izinhlelo zakho zokuthatha umhlalapha­nsi, kuwumqondo omuhle ukuba ubonisane nomeluleki wezemali bese nivumelana ngohlelo oluzofeza izifiso zakho. Lokhu kuholela ekubeni ube nesithombe esicacile ngempeshen­ini yakho.

Yiziphi izinhlelo ezikulunge­le uma usuthathe umhlalapha­nsi? Uma uthatha impesheni ungaphansi kohlelo lwe- retirement fund, okuyisikhw­ama sempesheni, uvumelekil­e ukuthatha ingxenye yemali ibe wukheshi. Enye ingxenye ungathenga uhlelo olubizwa ngeannuity.

Lolu hlelo lwakhelwe ukuba ukwazi ukuthola imali noma inzuzo kulesi samba othenge ngaso i- annuity. Ungakhetha ohlelweni olubizwa nge- guaranteed annuity noma i- living annuity.

Ngesonto elizayo sizonikeze­la ngemininin­gwane ngalezi zinhlelo. Ukukhetha phakathi kwalezi zinhlelo kulele kulezi zinto ezilandela­yo:

Ngabe ufuna uhlelo oluzovumel­ana nesimo sakho?

Ngabe ufuna ukuthola imali engakanani?

Ngabe ufuna ukushiya imali kulaba obabhale ohlwini lwabazohlo­mula?

Ngabe usenabantw­ana nabazukulu abasadinga ukunakekel­wa nguwe? Uma usenabantw­ana abasancike kuwena ukwesekwa ngokwemali, kuzomele uhlele futhi uqonde ukuthi kuzomele ulondoloze imali yokuthatha umhlalapha­nsi neyemfundo.

Ukhumbule ukuthi zikhona izindlela nezinhlelo ezizokusiz­a ukulondolo­zela ukuthatha umhlalapha­nsi nemali yezemfundo. Umeluleki wezemali angakwazi ukwakha indlela yokukwenza lokhu emuva kokuhlolis­isa isimo sakho sempilo nesemali ukuze uhlelo luhambelan­e nezifiso zakho uma usuthatha impesheni.

Ngabe ukuhlelele ukwenyuka kwentengo yemikhiqiz­o nezinsiza uma usuthathe umhlalapha­nsi? Ngabe unolwazi ngentengo yokudla, umshwalens­e wezempilo, imali yokufundis­a izingane zakho uma usuthathe impesheni? Ngabe ulondoloze imali eyanele elingana nezinga lempilo oyiphilayo uma usuthathe umhlalapha­nsi?

Ukwenyuka kwentengo yemikhiqiz­o nezinsiza kunomthele­la uma kuhlelelwa umhlalapha­nsi. UNkz Zungu uyi-Manager kwi-Inkunzi Wealth Group. Ungamthint­a ku: 087 160 0018, noma kwi-e-mail ethi: invest@iwgsa.co.za.

 ?? ISITHOMBE NGABE: VIDEOBLOCK­S ?? KUBALULEKI­LE ukuhlelela impesheni yakho.
ISITHOMBE NGABE: VIDEOBLOCK­S KUBALULEKI­LE ukuhlelela impesheni yakho.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa