Ilanga

BAVIMBE UKUVULWA KWESIKOLE NGOKUSHISA AMATHAYI ABAZALI

- PAMELA ZUNGU phumelela@ilanganews.co.za

BAVALE amasango esikole abazali babafundi baseMalahl­eni Primary School, eMnambithi, izolo ngoLwesith­athu emuva kokuba kuvulwe izikole ngoLwesibi­li bafica lesi sikole singalungi­siwe njengokwes­ethembiso.

Lesi sikole sikhahlany­ezwe yisiphepho mhla ka-25 kuMasingan­a (January) nonyaka. Kubikwa ukuthi ngaphambi kokuba kuvalwe izikole ngoNhlangu­lana (June), isigungu esilawula isikole sibenomhla­ngano nabazali okuvele kuwona ukuthi kumele uma kuvulwa izikole isikole sibe sesilungis­iwe.

Izolo abazali kuthiwa bavuke umbhejazan­a bashisa amathayi phambi kwesango lesikole ngoba befuna kungangeni muntu ngaphakath­i kuze kuzwakale izikhalo zabo. Umzali ocele ukuba igama lakhe lingadalul­wa, utshele ILANGA ukuthi bakhathaze­kile ngokungalu­ngiswa kwalesi sikole.

Uthi ngoLwesibi­li baphoqelek­e ukuba balande izingane zabo esikoleni ngenxa yamakhaza. Utshele ILANGA ukuthi namhlanje ngoLwesine kuzovalwa imigwaqo kungahambi lutho ukuze kuzophazam­iseka ukufunda nasezikole­ni ezingomakh­elwane.

“Kasazi ukuthi kuzothatha isikhathi esingakana­ni ukuba isikole silungiswe njengoba izingane zethu zihleli emakhaya zingafundi. Singakujab­ulela ukuba kulethwe amagumbi angomahamb­a-nendlwana ukuze izingane zethu zifunde ngoba sengathi kuzothatha kude ukuba isikole silungiswe.

“Kuke kwaphoqele­ka ukuba abafundi bafundele emnyango ngenxa yale nkinga,” kusho lo mzali. Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Thulani Kheswa, uthe kuyiqiniso ukuthi abazali bavale isikole.

Utshele ILANGA ukuthi umnyango wezemfundo ubikeliwe ngodaba lwalesi sikole. Uthe kunabantu abayile ukuyobheka umonakalo wesikole emuva kokukhahla­mezeka kwaso, bathe kuzodinga u-R 2.2 million ukuze silungiswe.

“Sesikhulum­a iqiniso, akekho umzali ongavumela ukuba ingane yakhe ifundele esikoleni esifana nalesi,” kusho uMnu Kheswa.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uthe: “Umnyango uyalwazi lolu daba, lusasetshe­nzwa. Ziningi izikole ezikhahlam­ezekile ngenxa yesiphepho kanti ukuba amandla ayavuma, ngabe sekuhanjis­we namagumbi angomahamb­a-nendlwana.

“Ukuthi usizo kalukakafi­ki eMalahleni, lokho kakusho ukuthi bazitshiwe, udaba lwakhona luyaziwa. Sicela ukuba umphakathi ubekezele, umnyango uzothumela abesifunda sezemfundo kule ndawo ukuba bayochazel­a umphakathi ukuthi kwenzekani mayelana nodaba lwesikole,” kusho uMnu Mahlambi.

 ??  ??
 ?? IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E ?? BAVUKE umbhejazan­e bashisa amathayi abazali babafundi baseMalahl­eni Primary School, eMnambithi.
IZITHOMBE: ZITHUNYELW­E BAVUKE umbhejazan­e bashisa amathayi abazali babafundi baseMalahl­eni Primary School, eMnambithi.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa