BAKHISHWE NGESANKAHLU OTHISHA BEFUNDISA ENHLIZIYONHLE
KUSUKE esinamathambo izolo ngoLwesithathu, eNhliziyonhle Primary School, eMondlo, eVryheid, abazali bekhipha ngesankahlu othisha nabafundi emakilasini bedinwa yizinsolo zenkohlakalo okuthiwa ziholela ekushayeni ngolonwabu kohlelo lokuqashwa kukathishanhloko.
Bathi ngowesithathu lo nyaka lesi sikole singenaye uthishanhloko ngokugcwele. Basola umhloli ngalesi simo njengoba bethi inhlolokhono seyenziwe kwaze kwaba kathathu kodwa ichithwa ngezaba ezingezwakali.
Usihlalo wesigungu esilawula isikole, uMnu Bhekinkosi Xaba, uthe sebekhathele wukuxhashazwa. Utshele ILANGA ukuthi ibamba likathishanhloko liqale ngo2016 kwaphinde kwenziwa inhlolokhono ngawo lowo nyaka, kodwa umhloli wayichitha.
“Uphumelele umuntu owenze kahle, umhloli wathi uhlelo kaluhambanga kahle ngoba kusolwa ubuhlobo obukhona konqobile nomunye obesekomidini ebelibala amaphuzu.
“Kuphinde kwenziwa enye inhlolokhono, kuthe sekuqediwe wathi ikomidi ebelenza lo msebenzi kaliqeqeshekile kahle. Sihlele olunye usuku kwathi sekuqediwe, wabuya wathi amaphuzu abexikizekile,” kusho uMnu Xaba.
Uthe ngenxa yokuthi balwe nazo zonke izinto ezishiwo ngumhloli, ubuyele kubo wayotshela isigungu ukuthi kumele sihlakazwe ngoba kukhona abakhalayo ngaso, bathi kasisebenzi kahle.
UMnu Xaba uthe bayalele umhloli ukuba akafike ayotshela abazali lokho. Kuthe uma efika, abazali bathi kabakwazi lokho akushoyo. ILANGA lithole ukuthi ziwu-5 izikole ezibhekene nenkinga yokungabi nothishanhloko eMondlo, ezingenabo othishanhloko kanti uhlelo lokuqashwa kwabo lushaya ngolonwabu.
Lezi zikole kumanje ezinye zazo zihlongoza isiteleka, kubalwa iLindokuhle Primary, iKhethelo High, iFisokuhle Primary neLindakahle Primary.
Usihlalo wesigungu esilawula isikole eKhethelo High, uMnu Thulani Nkosi, uthe umbango omkhulu ngowezinyunyana zothisha. Uveze ukuthi kwesabo isikole kuphumelele ilungu leNational Teachers' Union (Natu) kanti umhloli yena ufuna ukuthumela umuntu weSouth African Democratic Teachers' Union (Sadtu).
“Izinkinga ezikhona sizidalelwa ngumhloli akafuni ukuhambisana nathi njengesigungu. Sifike senze izincomo, silandele lonke uhlelo bese efika eluchitha,” kusho uMnu Nkosi.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa uthi abazali mabaluthathe lolu daba balubike ehhovisi lezemfundo ngaphansi kwesifunda iZululand.
ISekela-mengameli leNatu, uMnu Allen Thompson, lithe kuyiqiniso elingephikwe ukuthi iKwaZuluNatal ibalwa nezifundazwe ezihamba phambili enkohlakalweni.
“Lolu daba besingakaluzwa kodwa siyanxusa ukuba ungqongqoshe wezemfundo alusukumele. Akekho umuntu okumele engasitholi isikhundla ngoba nakhu engaphansi kwenyunyana ethile,” kusho uMnu Thompson.
UNkz Nomarashiya Caluza ongunobhala weSadtu, KwaZuluNatal, uthe kumele luphothulwe ngokushesha lolu daba kodwa kabavumelani nokuthi kungasolwa inyunyana yabo kulokhu.