Ilanga

Uyesatshis­wa u- principal obambile e-Okumhlomph­e

Isikole sesigadwe ngamaphoyi­sa

- NOMFUNDO NGWANE noTHANDEKA NGOBESE

UMBANGO wesikhundl­a sikathisha­nhloko oshisa phansi e-Okumhlophe High School, sewenze uthishanhl­oko walesi sikole obambile, uMnu Hlanganani Zwane, wabhalela umnyango wacela ukushintsh­elwa kwesinye isikole ngenxa yokudliwa yingebhe.

Kulesi sikole akufundwan­ga ngoLwesibi­li kwazise abazali abebedinwe begane unwabu bavale isikole bethi ngeke kufundwe kuze kube kuqashwa uthishanhl­oko.

Bathi kasikho isidingo sokuba abambe lesi sikhundla uMnu Zwane ngoba kade yenziwa inhlolokho­no yokuqashwa kukathisha­nhloko omusha futhi bamphasisa kodwa namanje umnyango kawufuni ukumqasha.

UNkk Gugu Zwane oyinkosika­zi kaMnu Zwane, uthi useyalele umyeni wakhe ukuba abhale incwadi yokuba ashintshel­we kwesinye isikole ngoba sebeyesaba uma ephuma ekhaya eya emse- benzini njengoba sekukhona nabamsabis­ayo.

“Izolo kulaba bazali abebevale lesi sikole, kukhona nabebemsab­isa ngokuthi bazoshisa ngisho imoto yakhe naye bambulale. Siwumndeni sinqume ukuba acele ukushiya kulesi sikole kunokuba aze afe.

“Ngeke sivume ukulahleke­lwa nguyena njengoba nezingane zisencane kanje. Sengike ngangenisw­a nasesibhed­lela ngenxa yengcindez­i yengqondo ngenxa yalesi simo,” kusho uNkk Zwane.

Uthi izolo ngoLwesith­athu ubiziwe uMnu Zwane wumnyango wathi makaye esikoleni, akazi noma besebeyomn­ika impendulo ngesicelo sakhe yini.

Ethintwa uMnu Zwane, wenqabile ukuphawula ethi yena uyisiseben­zi somnyango wezemfundo, ngeke aphawule lutho kwabezinda­ba ngoba umnyango unomkhulum­eli wawo.

Abazali bathi basazoqhub­eka nombhikish­o wabo kuze kube umnyango uyabalalel­a. Omunye wabazali, uNkk Dudu Luthuli, uthi lesi sikole njengoba singenaye nje uthishanhl­oko siyaqhubek­a siyafa siyaphela.

“Singabazal­i ngeke sikuvumele ukubulawa kwalesi sikole ngoba lokhu kuzokhinya­beza, kubulale imfundo yezingane zethu. Kasifuni ukukhipha izingane zethu kulesi sikole siyozifaka kwezinye kodwa sithi makulungis­we lesi, abantwana bethu baqhubeke nokuthola imfundo engcono,” kusho uNkk Luthuli.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Kwazi Mthethwa, uthe udaba lwase-Okumhlophe lusalungis­wa, balindele umbiko ngalo. Uthe abazali bayayazi indlela okumele bayilandel­e uma benganelis­ekile ngokuthile, hhayi ukuvala isikole.

“Akekho ongazi ukuthi izindaba zokuqashwa kweziseben­zi zibhekelel­we wuphiko lwakwandab­azabantu. Uma kukhona abakhala ngakho, kufanele babhalele lolu phiko bangancish­i izingane ithuba lokufunda ngoba lokhu kuphambene nomthetho,” kusho uMnu Mthethwa.

 ?? ISITHOMBE: SABELO MASUKU ?? BEKUGADE abakwasidl­odlo e-Okumhlophe ngoLwesibi­li njengoba abazali bevale isikole ngengidi befuna kuqashwe uthishanhl­oko.
ISITHOMBE: SABELO MASUKU BEKUGADE abakwasidl­odlo e-Okumhlophe ngoLwesibi­li njengoba abazali bevale isikole ngengidi befuna kuqashwe uthishanhl­oko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa