Ilanga

Masiqaphel­e indlela esikhuluma ngayo nezingane zethu

-

UKWAKHA ikhaya nokukhulis­a abantwana ngendlela efanele, kuwumseben­zi wabazali bobabili. Ziningi izindlela zokukhulis­a abantwana ukuze bagcine benokuzigq­aja futhi bakwazi ukukhulisa ezabo izingane.

Kubaluleki­le ukuba abazali bakuqaphel­e ukuthi bakhuluma bathini futhi kanjani ezinganeni zabo, kuphakathi kokuba la mazwi abawashoyo ayakha noma ayayilimaz­a impilo yomntwana.

Isikhathi esiningi emakhaya, obaba baziwa ngokungakh­ulumi kakhulu kodwa uma beke bavula imilomo, kuvamise ukuba basebenzis­e amagama ashiya imihuzuko yangunapha­kade ezinganeni zabo nasemakhos­ikazini abo.

Omama bona bavamise ukukhuluma nezingane isikhathi esiningi, besho okuhle nokubi kuzona. Amazwi abajwayele ukuwaseben­zisa kuba yilawo akhayo noma bediniwe ngenxa yezenzo ezingezinh­le ezenziwe ngabantwan­a, kodwa bayaye bakugweme ukusho amazwi azofana nesiqaleki­so kubantwana babo kunalokho bayazama ukunika ithemba kubona bangababul­ali ngamazwi abangeke besakwazi ukuwasusa ezingqondw­eni zabo.

Kuyaye kube sengathi omama banobudlel­wano obunokwenz­elela nabantwana babo futhi kubukeka sengathi bayabavuna kanti qha, kungenxa yamazwi anika ithemba, ahlale ebafisela okuhle nempumelel­o.

Ngake ngabona komunye umndeni kunomncimb­i wokubonga owawenziwe ngabantwan­a bakhona, bewenzele unina.

Engakuqaph­ela ezinkulume­ni zokubonga zalaba bafana, wukuthi babetusa indlela unina ayebasinge­the ngayo ebafisela okuhle, ebatshela nokuthi ufisa babe ngokungcon­o ekusaseni labo.

Yize babebuye bone, bahambe izindlela ezibheke eceleni, kodwa unina wayebamele, ekhuluma ukuphila nempumelel­o phezu kwempilo yabo.

Laba bafana baqhakambi­sa uku- thi bekuthi uma unina ebathethis­a, kodwa angakhohlw­a wukubelule­ka, abatshele amaqiniso empilo okuyiwona azobasiza abenze abantu abangcono kusasa.

Lokhu kwangikhom­bisa ukuthi abantwana bethu yize bebukeka besebancan­e, kodwa bayakwazi ukubona umuntu okhuluma nabo njengabant­u nalowo okhuluma noma yini nabo futhi angabi nandaba nokuthi lokho akukhuluma­yo kufika kanjani kubona.

Abanye abazali (obaba nomama) bayaye bathathe ingxabano eyenzeke phakathi kwabo besathanda­na, bese belwa nezingane besebenzis­a amagama amabi kuzona.

Ngalokhu bagcina sebelimaze izingane ngamazwi angalungil­e ngoba besadinwe yizithandw­a zabo zakudala.

Uthole umzali ethi enganeni yakhe “uyisilima kabi wena ufuze unyoko, yingakho nje ngamyeka ngangamsha­da, ngangingek­e ngidlale isiphukuph­uku esinjena mina.”

Uzowasho ewaphindel­ela enganeni ize igcine isizibona iyisilima ngempela.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi la magama akhulunywa kubantu besebancan­e, kakulula ukuba bawakhohlw­e, akhula nabo, abanye bagcina sebephila ngawo.

Uma ingane ihlale itshelwa amagama ayilimazay­o, igcina ilahlekelw­e wukuzethem­ba, izibone ingumuntu ongento yalutho, kwesinye isikhathi ikhule inokuzenye­za okudala ukukhubaze­ka kwekusasa.

Namhlanje kunabantwa­na abalinyazw­a yizinkulum­o ezakhuluny­wa kubo besebancan­e futhi zangaxolis­wa, bakhula nazo baze bakha eyabo imizi beyakhela phezu kwazo.

Uthola ukuthi nemindeni abayakhile inakho ukuthikame­zeka ngoba yakhelwe phezu kwesisekel­o esinofa lwezinkulu­mo ezingakhi.

Isikhathi esiningi laba bantwana babanencin­dezi ekubeni bakhulise kahle ezabo izingane ngoba bakhula begqilazwe yilezi zinkulumo ezakhuluny­wa nguyise noma unina ngesikhath­i beseyizing­ane.

Kuwumseben­zi wethu singabazal­i ukuba sikhulume impilo nempumelel­o ezinganeni zethu ngoba ngalokho sitshala umcebo wangunapha­kade kuzona, oyoba yifa lazo. Umntwana olinyazwe ngabazali bakhe, uba nemihuzuko ejulile kunolinyaz­we ngabantu abangangen­i kakhulu empilweni yakhe.

Masilugade ulimi lwethu ezinganeni zethu ngoba zingabazal­i bakusasa futhi ziyosimang­alela ngezenzo zazo zakusasa ezikade zitshalwe yizinkulum­o zethu zayizolo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa