Ilanga

Umuntu ngamunye makazifuku­le kanye nezwe

-

KULE nyanga lapho kunemicimb­i ezweni lonke naphesheya kwezilwand­le imbala, yokugubha iminyaka ewu-100 yosuku lokuzalwa kukamengam­eli wokuqala kahulumeni wentando yeningi eNingizimu Afrika, uMnu Nelson Rolihlahla Mandela, kubaluleki­le ukuba umuntu ngamunye azibuze ukuthi yini ayenzayo noma angayenza ukuzithuth­ukisa yena nezwe lethu esaliphiwa nguMdali.

Ngo-1960, umengameli wase-United States of America (USA), uMnu John Fitzgerald Kennedy, ethula inkulumo yakhe emuva kokugcotsh­wa ukuba ngumengame­li, washo amazwi asankenene­za namanje kwabanye bethu.

Waphonsela amaMelikan­a inselelo ukuba angabheki kuphela ukuthi uhulumeni uwenzelani, kodwa azibuze ukuthi yini angayenzel­a izwe lawo (Ask not what your country can do for you, ask what you can do for your country). Kulesi sikhathi lapho izwe lethu ligajwe yizinkinga eziningi, esingabala kuzona ukweswelek­a kwemiseben­zi, ububha, inkohlakal­o, nobugebeng­u, la mazwi kaMnu Kennedy abaluleke kakhulu.

Kunegciwan­e eliyingozi elihlasele ezweni, lapho abanye bethu bangayinge­ni eyokuzikha­ndla ukuze bathole lokho abakuphoko­phelele, kunalokho bakhonze ukukhangez­a kuhulumeni ukuze baphiwe.

Lesi sihlava sande kakhulu emuva kokufika kukahulume­ni wentando yeningi, lapho amaqembu ezombusazw­e, ikakhuluka­zi elibusayo i-ANC, ethembisa abantu izulu nomhlaba ngesikhath­i enxenxa amavoti.

Lokhu kulandelwe wukwakhiwa kwezindlu zomxhaso ezweni lonke, kwalandela nokukhula ngesivinin­i kwemali ekhishwa wuhulumeni yezibonele­lo zezingane (abanye bethu abayibiza ngemali yeqolo).

Ngeshwa lezi zibonelelo sezakhe umbono wokuthi uhulumeni kufanele wenzele abantu yonke into, bona bengabe besazenzel­a izinto ukuziphili­sa nokuzithut­hukisa.

Ubuvila budlangile ezweni, ngisho nezinye zezingane zesikole kazisazimi­sele ngokuseben­za kanzima ezikoleni ukuze ziphumelel­e.

Ukuze ukhulise isibalo sabaphumel­elayo kumatikule­tsheni, uhulumeni sewenze ukuphasa kwabalula ngokwenza imaki lokuphumel­ela libe ngaphansi kuka-50% engxenyeni yezifundo.

Okwenzekay­o eNingizimu Afrika kakulakhi izwe eliphumele­layo nezakhamiz­i eziziqheny­ayo ngokuphume­lela nokwenza izinto zenzeke.

Ukuhloniph­a uMnu Mandela kungakuhle uma singagcini ngokwenza imicimbi ngosuku lwakhe lokuzalwa, umhla ka-18 kuNtulikaz­i (July) nje kuphela.

Okubalulek­ile wukuba sizibophez­ele kabusha ukuthi sizosebenz­a kanzima ukuzithuth­ukisa, ukusiza omakhelwan­e bethu, imiphakath­i yakithi nezwe lethu uqobo.

Kufanele kuphele ukuba sibheke ukwenzelwa yonke into wuhulumeni.

Ukufunda ukuzenzela kuyobeka leli lizwe ezingeni eliphezulu, kwenze sibe yizwe eliphumele­layo nelihlonis­hwa ngamanye amazwe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa