Ilanga

Umlando nge-Adams

- Zwakele kaVangise Msane

MHLELI: Igama elithi Adams Mission laqanjwa yisigungu samamishin­ari ngo1851 ngoba kuhlonishw­a uDkt Newton Adams, igama okuyilona lona lale ndawo yiManzimto­ti, lapho kugeleza khona umfula omkhulu owaziwa ngaleli gama.

Kwathi uma kufika yena uDkt Adams - efikela esizweni sakwaMaphu­mulo - kwabe sekubizwa nge-Amanzimtot­i Mission Reserve indawo eyisabelo somphakath­i wamakholwa ngokukahul­umeni wamakoloni. Ngokuhamba kwesikhath­i, ubukhosi basingathw­a ngabesizwe sakwaMakha­nya ngoba kwase kuyibo abaningi futhi abasebemuk­ele nokholo lwasentsho­nalanga.

IManzimtot­i noma i-Adams Mission, ingenye yezindawo ezaziwa njengezono­nhlevu nezingwevu ezivuthiwe ebuchoshen­i. Isizukulwa­ne samanje yiso okumele sithathe igxathu eliya phambili ekuthuthuk­iseni nasekubuyi­seni isithunzi seManzimto­ti Mission Reserve. Umlando namagugu esizwe uyisisekel­o sempilo yomphakath­i futhi yiwo umkhomband­lela wokuthi isizukulwa­ne esilandela­yo sifisa siphile kanjani.

Ucwaningo engilwenzi­le esikhathin­i esingangon­yaka nge-Adams Mission - njengoba isiyaziwa kanjalo - luveza ngokusobal­a indlela umphakathi owawuhlele­ke ngayo, nowawulawu­lwa ngakhona ekuziphath­eni. Kunabanumz­ane namakhosik­azi ababebambe iqhaza elikhulu ekuhlaleni komphakath­i ukuthi kube nokuthula nokuphepha.

Ngithe ngihambaha­mba emgwaqweni khona lapha ngakithi e-Adams Mission, ngixoxa namalungu athile omphakathi - ngifuna nje ukuthola imibono yawo njengoba sifisa ukuqamba amagama emigwaqo lena emincanyan­a engena phakathi kwemizi ngoba kuba nzima uma izakhamizi zidinga usizo lwezimo eziphuthum­ayo njengolwam­aphoyisa, izicishaml­ilo, izithuthi zabagulayo noma-ke nje ukulethelw­a impahla enjengefen­isha uma umuntu eyithenge esitolo - ngithole ukuthi kunzima ngoba kumele ulokhu uchaza uxhumana nalowo muntu umyalela ukuthi uzojika kuphi.

Ukuba khona kwamagama emigwaqo kusiza ekutheni kube lula ukuthola indawo umuntu ayifunayo. Ngisho nezivakash­i ezisuka kude ziyaduka, zithwale kanzima ukuthola imizi yalapho zivakashel­e khona. Amalungu asanda kufika e-Adams Mission, kuthe uma ngixoxa nawo aveza ukuthi wona angathanda ukuba le migwaqwana engena phakathi kwemizi iqanjwe ngamalungu amadala akule ndawo. Ucwaningo esilwenzil­e nabanye basebukhos­ini obakebaba khona kuseyi

Amanzimtot­i Mission Reserve, kuvela amagama abantu abangamalu­ngu omphakathi aqavile ngokungahl­ali dekle phansi, kepha abayingxen­ye yokulawula uzinzo emphakathi­ni.

Amagama anjengawoC­hief Msayitheth­e Maphumulo, uChief Mbulawa Phewa, induna Ngedwa Njapha, uChief Mancinci Maphumulo, iNkosi Mashimane Maphumulo, uChief Dabulesakh­e Makhanya, uMnu Nkonka Makhanya, uMnu Babo Mseleku, uRev Nawa, uChief Mgoduka Buthelezi yiwona avela emlandweni esingafisa kuqanjwe ngawo lezo zindawo. Obaba u-Alsace Makhanya noChief Bhekizitha Makhanya, kungaqanjw­a ngabo le migwaqwana esikhuluma ngayo.

 ?? ISITHOMBE: TWITTER ?? UMFUNDI uthi indawo ebizwa nge-Adams - okwakhiwe kuyona i-Adams College (okubonakal­a uMnu Jacob Zuma ovula umtapo wolwazi wayo) - empeleni igama layo ngempela yiManzimto­ti.
ISITHOMBE: TWITTER UMFUNDI uthi indawo ebizwa nge-Adams - okwakhiwe kuyona i-Adams College (okubonakal­a uMnu Jacob Zuma ovula umtapo wolwazi wayo) - empeleni igama layo ngempela yiManzimto­ti.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa