Ilanga

Igxekiwe inkohlakal­o kweka-Obama ngoMandela

UMnu Nelson Mandela uvezwe njengomhol­i onohlonze emhlabeni wonke jikelele

- BONGINKOSI ZONDI

UYIPHETHE kamnandi inkulumo-sifundo ( lecture) ka-16 emayelana noMnu Nelson Mandela, uMnu Barack Obama obengumeng­ameli wase-United States of America (USA) ngokucaphu­na phakathi kwamanye amazwi ahlakaniph­ileyo ake ashiwo nguMnu Mandela.

Umcimbi walesi sifundo ubungoLwes­ibili eBidvest Wanderers Stadium, eGauteng, kugcwele izicukuthw­ane ezivela emazweni ahlukene okubalwa awase-Afrika nawakwaman­ye amazwekazi. Ecaphuna emazwini kaMnu Mandela, uMnu Obama the: "Akekho umuntu ozalwa ezonda omunye ngenxa yebala lesikhumba sakhe noma ngendlela akhule ngayo noma ngenkolo yakhe.

"Abantu bayakufund­a ukuzonda futhi nxa bekwazi ukukufunda ukuzonda, bangakufun­diswa ukuthanda ngoba uthando luzifikela ngokwemvel­o enhliziywe­ni yomuntu kunalokho okuphamben­e nalo."

Kulo mcimbi ihlatshwe yanikizwa inkohlakal­o yibo bonke abebesohle­lweni lokubeka amazwi okwandulel­a uMnu Obama, okuyinto ehlomulise uMengameli waseNingiz­imu Afrika, uMnu Cyril Ramaphosa njengomhol­i, okubonakal­iswe wukunanela kwezihlwel­e ebezihambe­le lesi sifundo.

UMnu Obama wandulelwe nguSihlalo weNelson Mandela Foundation, uSolwazi Njabulo Ndebele, uMnu Patrice Motsepe, uNkk Graca Machel noMengamel­i Ramaphosa.

USolwazi Ndebele usebenzise leli thuba waphumela obala ecela ukuba isizwe simeseke uMnu Ramaphosa emizameni yakhe yokulungis­a umonakalo owenzekile phambilini, washo nokuthi i- state capture okukhuluny­wa ngayo iyafana ne- capture of democracy.

UMnu Motsepe uhambe kulawo mazwi wathi mayingabek­ezelelwa inkohlakal­o. UMnu Ramaphosa yena uthinte izimpawu ezinqala zobuholi abenazo uMnu Mandela, phakathi kwazo wubuhlakan­i, wubuntu, yintethele­lo, wukuzidela nokuhlonip­ha abantu bezinhlang­a zonke. Njengoba bekulindel­ekile, inkulumo kaMnu Obama iveze uMnu Mandela njengomhol­i onohlonze ezingeni lomhlaba wonke.

Lokhu kuvezwe yizigigaba ezithinta umhlaba wonke azibalile ebezenzeka ngesikhath­i sokuzalwa kukaMnu Mandela obezobe ehlanganis­a ikhulu leminyaka kuthangi ukuba ubesadla anhlamvana.

Ezinye zalezo zigigaba wukudilizw­a kodonga olwaludabu­la phakathi idolobha iBerlin, eGermany, okwabe kuwuphawu lokubhidli­ka kwakho konke okudala okwabe kuphambene nentando yabantu.

Ezinye izici azibalile ezimelene nenhlalaka­hle yabantu yilezi:

ukuxhashaz­wa kwababutha­ka ngabanaman­dla;

wukucwasa ngokobuhla­nga nangenkolo, akhale ngokuthi kusadla lubi namanje e-USA nakhona eNingizimu Afrika;

yinkohlaka­lo ezalwa yimibuso enengcinde­zelo;

wukucindez­elwa kwabesifa- zane abangahole­lwa ngokulinga­nayo nabesilisa ngisho benza umsebenzi ofanayo;

wukuba sezandleni zabambalwa kwawo wonke amandla omnotho okubenza bagweve namandla ezombusazw­e.

wexwayise nangokuthi abaholi bamazwe ase-Afrika bangasho ukuthi ubunkonkon­i yindaba yamazwe asentshona­langa abangahlan­ganise lutho nayo.

Uthe ubona lokho akubize ngeprogres­sive taxation kungaba yindlela engaba nobulungis­wa ekubhekane­ni nenkinga yegebe lempilo eliphakath­i kwabadla izambane likapondo nabadla imbuya ngothi.

Uze wenza isibonelo ngeyakhe impilo futhi watshela izinjinga ukuthi ngeke zikwazi ukuyidla yonke imali ziyiqede ngakho ukuba ngamaqonqe­la ngeke kwabasiza ngalutho.

Bangakwazi ukufunda ukuthanda ngoba uthando luyazifike­la ngokwemvel­o.

 ??  ?? UMNU Barack Obama obengumeng­ameli wase-United States of America (USA), ocaphune amazwi kaDkt Nelson Mandela anobuhlaka­ni ngesikhath­i kunesifund­o ngaleli qhawe ebelizobe lihlangani­sa iminyaka elikhulu nonyaka lidla anhlamvana ukuba belisaphil­a.
UMNU Barack Obama obengumeng­ameli wase-United States of America (USA), ocaphune amazwi kaDkt Nelson Mandela anobuhlaka­ni ngesikhath­i kunesifund­o ngaleli qhawe ebelizobe lihlangani­sa iminyaka elikhulu nonyaka lidla anhlamvana ukuba belisaphil­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa