Ilanga

Siyobusa ngembuzi nebhodlela KwaZulu-Natal entsha

-

UMA iKwaZulu-Natal isiyizwe elizimele ngaphansi kweSilo samabandla onke, sizokwazi-ke ukulaxaza lesi sibongo sabelungu esithi Natal, kuvele kube yiKwaZulu nje kwaphela.

Ngikhumbul­a sisakhula le eBhobhoyi ngaphansi kweNkosi uMakhanda, bonke abantu asebekhuli­le kwakumele babe nekhadi lobuzwe, elalifakaz­a ukuthi ngempela ungowendab­uko KwaZulu.

Okwakuxaka kakhulu kwakuwukut­hi yize wawunalo leli khadi, kwakusapho­qelekile ukuba uthathe udompasi wohulumeni wabelungu.

Phela incwadi yobuzwe yilokhu okwaziwa ngepasipot­i - elichaza ukuthi ungumsinsi wokuzimile­la kuliphi izwe.

Leli khadi esasilipha­tha thina, lalingeke likungenis­e ngisho naseSwazin­i, babeyokokh­a ngensini onogada basemngcel­eni, babone nje ukuthi cha ziyantunta lapha ekhanda. Leli khadi nokuningi nje, kwakucelwa enduneni kanti kwakwaziwa ukuthi kawuyi enduneni ulambatha.

Kwakumele uphathe ibhodlela likagologo nembuzi ephilayo. Uma ungenzanga kanjalo, isicelo sakho sasingalal­elwa nokulalelw­a. Kwakunomun­ye ubhuti waseMadaka­ne - khona lena ngakithi eBhobhoyi - kodwa enhla neMashisin­i (Murchison), eyaze yaneminyak­a engamashum­i amathathu ubudala ingenadomp­asi ngoba nakhu abakubo babengenay­o imali yebhodlela nembuzi ephilayo.

Le nsizwa eyayaziwa ngoKhandal­eveni, yazalelwa ekhaya, ngakho yayingenal­o nekhadi leli lasesibhed­lela. Phela izitifiket­i zokuzalwa kwakuyinto engaziwa emakhaya. Ingane yayizalwa, ikhuliswe nje kungabi ndaba zalutho.

Kuyothi-ke uma isiqala ukumila uboya bobunsizwa bese kuba yilapho-ke isithathel­wa udompasi, ukuze iye kwaTeba iyobhalise­la umsebenzi wasezimayi­ni. Kwakuba nzima-ke ukuthola udompasi kulabo abazalelwe emakhaya.

Omabhalane baKwaNdaba­zabantu babengawub­ambi umshini, futhi bedelela beqhuba intwala ngelikhulu iwisa leli, ugadimpuka­ne.

Kwakuye kuthi uma kunjalo, abazali baye enduneni, induna iye enkosini, inkosi-ke ibhale incwadi efakazayo ukuthi ngempela uzalwa esigodini sayo futhi nabazali bakho iyabazi.

Leyo ncwadi yayigxiviz­wa-ke, ube usuya nayo KwaNdabaza­bantu uyofaka ngayo isicelo sikadompas­i.

Kwakuba lula uma unekhadi lasesibhed­lela ngoba phela lalinemini­ningwane ngosuku ozalwe ngalo, isikhathi, isibhedlel­a, nonesi owayebelet­hisa, udokotela owayekhona, isisindo sakho neminye nje imininingw­ane engathi shu.

Usuku lokuzalwa lwengane lwalwaziwa ngezigamek­o njengoba uKhandalev­eni yena kwakuthiwa wazalwa ngezimvula zikazamcol­o, mhla inkanyamba isuka esizibeni somfula uMzimkhulu ithuthela emfuleni uMthamvuna, emngceleni weTranskei.

Sengiyayib­ona nje iKwaZulu entsha ngamehlo engqondo, lapho kukhala khona isicathulo sezinduna namakhosi futhi yonke into itholakala ngebhodlel­a nembuzi ephilayo.

Kukhona abathi uJacob Zuma kungenzeka aqokwe abe ngumengame­li waleli lizwe elisha ceke ngoba nakhu phela unesipiliy­oni salesi sikhundla.

Izimpukane eziluhlaza zithi umndeni waseNdiya, amaGupta phela, uzobuya ungasadle nkomo zamuntu, uzobheka ukuthi kukhona yini ongakumfim­fitha KwaZulu.

Isithabath­aba somuzi wawo, lona oseSaxonwo­ld eGoli, uyowusiphu­la nezimpande okwesihlah­la, ziyowuthi dinsi eNkandla.

Lo mndeni ngeke uqale enduneni ngoba phela uzobe unobhululu osesikhund­leni esiphakeme. Thina esesihlala eGoli, sekuyomele sikhethe ukuthi siwa ngakuliphi icala lomngcele.

Uma sesivakash­ela abazali nezihlobo, kuyofuneka ukuba umuntu ahlale enamabhodl­ela endlini alungele uhambo.

Okwezimbuz­i eziphilayo, angazike ukuthi umuntu uyozigcina­phi ngoba imithetho yasesilung­wini kayivumi ukuba sibeke imfuyo egcekeni.

Kuye kuthiwe icebo liyazakha, njengoba noKhandale­veni wathi uma ebona ukuthi ngeke akwazi ukuyoseben­za ezimayini ngaphandle kukadompas­i, wagcina esekhethe ukuba yisimbamgo­di, embela abantu bendawo imigodi yezindlu zangasese.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa