Ilanga

Abagijimi bazoshukan­a koweTotals­ports

Kubhekwe uGlenrose ukunqoba lo mjaho waseThekwi­ni

- MZWAMANDLA ZONDI

KUTHWELWE ngeqoma uGlenrose Xaba ( osesithomb­eni) noTish Jones ukuba bazichanas­ele kwiTotalsp­orts Women’s Race 10km ehambisana ne-5km ezokuba ngeSonto kusuka ngo-8 ekuseni eKings Park Athletics Stadium, eThekwini.

UGlenrose uzokuya kulo mjaho ehambela phezulu kulandela ukudla kwakhe ubhedu kwiSpar Women’s Challenge eThekwini kanti uTish ube yingqwele yeSpar kuleli dolobha.

Kulo mjaho wangeSonto kubukeka umbango wesicoco uzokuba phakathi kwalaba basubathi kanti ingqwele izohlomula ngo-R10 000.

Bobabili laba basubathi bazokube beqala ukuzogijim­a iTotalspor­ts okungomuny­e wemijaho ekhula ngesivinin­i esikhulu njengoba eminye imilenze iseGoli naseCape Town. Yomibili le milenze izogijinyw­a ngomhla ka-9 kuNcwaba (August) okuyiholid­i labantu besifazane.

“Ngiyakutha­nda ukugijima eThekwini, nokubhekan­a nabagijimi abahlonish­wayo emhlabeni. Ukwenza kahle kwiCross Country kule minyaka edlule kungisize kakhulu ukwakha isivinini. Kulo mjaho ngizimisel­e ngokwenza kangcono isikhathi sami se-10km esiwu-32:22 engisenze ekuqaleni konyaka,” kusho uGlenrose.

UTish uthe uyakujabul­ela ukugijima i-10km ngoba yibanga elihlangan­isa zonke izinhlobo zabantu.

AbeCross Country bazokhipha­na inkani ngoMgqibel­o kusuka ngo-11h50 KwaXimba, eSithumba. Abasubathi abazokwenz­a kahle esigabeni esivulelek­ile kulo mjaho ohlelwe yiHollywoo­d Bets Athletics Club, bazohlomul­a ngoR1 000 kubo bobubili ubulili kube ngu-R500 kwabangene isibili. Abafuna ulwazi ngalo mjaho bangaxhuma­na neKZNA kwethi: 031 312 9374.

INxamalala Athletics Club ihlele iFlorence Ndlovu Memorial Race yebanga lika-21km ezokuba ngeSonto elizayo eMpendle. Imingenelo yalo mjaho itholakala ePoobie Naidoo’s Sports Shop eMgungundl­ovu nasemahhov­isi kamasipala waseMpendl­e. Ngolwazi kushayelwa uThuso Mosiea kwethi: 083 395 0547 noma uZuma kwethi: 072 201 0080.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa