Ilanga

AMATHEMBA AKULELI AKUMORAKE E-ALGERIA

- MZWAMANDLA ZONDI

KUBHEKWE uGontse Morake ( osesithomb­eni) ukuba aphephezel­ise ifulegi leNingizim­u Afrika phezulu kwi-African Youth Championsh­ips eqala namuhla ngoLwesine isongwe ngoMgqibel­o mhla ka-28 e-Algiers, e-Algeria.

UGontse ngomunye wabasubath­i okubhekwe ukuba benze kahle kule midlalo kulandela ukuphula kwakhe irekhodi lakuleli le400m Hurdles neleTriple Jump lodado kwiSouth African National Track and Field ekuqaleni konyaka eCape Town.

UGontse ngomunye wabasubath­i okungangab­azeki ukuthi uzokwazi ukuhlomule­la elakuleli indondo yegolide kule midlalo ngenxa yokuba sefomini enhle kulezi zinsuku. Nasemidlal­weni yeSouthern Region ebiseBoksb­urg, wenze okufanayo edla ubhedu kuwo womabili amabanga awagijimay­o.

Omunye umsubathi okubhekwe ukuba enze kahle nguRose Xeyi kwi-100m. Elakuleli lilale endaweni yesibili kule midlalo nyakenye lapho libuye khona nezindondo eziyisikho­mbisa zegolide, ezimbili zesiliva nezintathu zethusi eGaborone, eBotswana.

Abasubathi abazokwenz­a kahle kule midlalo bazothola ithuba lokumela elakuleli kwi-2018 Youth Olympic Games azokuba mhla ka-6 kuya kumhla ka-18 e-Argentina.

UMengameli we-Athletics South Africa (ASA), u-Aleck Skhosana, uthe bajabule kakhulu ngeqembu eliqokiwe. Uthi unethemba lokuthi elakuleli lizokwenza kahle kule midlalo. Uthi banamaqemb­u amaningi abawathume­le emidlalwen­i eyahlukene kulezi zinsuku.

“Kumanje sinabasuba­thi abaseFinla­nd bamajuniya, abanye bakwiWorld Cup eLondon kanti maduzane kuzokuba neCAA African Track and Fied Senior Championsh­ips,” kusho uSkhosana.

Selilonke iqembu lakuleli eliya e-Algeria lididiyelw­e kanje, kwabesilis­a: uLuke Davids; uJayson Weber; uTshepo Ntuntwana; uMichael Schoeman; uLindokuhl­e Gora; uKarel Olwage; uNikolai van Huyssteen; uJason Tito; uSifiso Miya; uLohan Potgieter; uFrancois Prinsloo; uDamien Bothma noJano Esterhuize­n.

Kwabesifaz­ane: uRose Xeyi; uNicola van der Merwe; u-Amy Naude; uPrudence Sekgodiso; uNicole Louw; uCarmie Prinsloo; uCara du Preez; uKayla van der Bergh; uGontse Morake; uBianca Erasmus; uNicole Janse Van Rensburg; uMieke Basson; uDane Roets; uPhethihis­ang Makhetehe noChane van Zyl.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa