Ilanga

USiyanda Xulu weluleka oxoshwe yiChiefs

ITeam of Choice ithungatha umgadli ovuthayo

- MFANAFUTHI NDLOVU

WELULEKA umdlali osanda kukhonjwa indlela kwiKaizer Chiefs uSiyanda “Magazi” Xulu oshiye kabuhlungu eNaturena nokho wafika waphenduka isilomo kwiMaritzb­urg United.

Ekhuluma emuva kancane kwesigcawu sabezindab­a kwethulwa iKZN Premier’s Cup uXulu, uthe ululeke uKeagan Buchanan ukuba alibale yikho konke okwenzeke kwiChiefs kodwa agxile emsebenzin­i asewuqashe­lwe kwiTeam of Choice. UBuchanan ugijima esiswini. UXulu uthi okubalulek­e kakhulu wukuthi kumele azimisele kakhulu kukho konke akwenzayo ukuze ezozifaka ezinhliziy­weni zabalandel­i beTeam of Choice abakhula isizini nesizini.

“Ngizomsiza kakhulu ukuze asheshe ajwayele ekilabhini. Ngiyazi ukuthi kunzima kangakanan­i uma usuka ekilabhini enkulu ujoyina encane, ufika nomthwalo emahlombe. Kwangisiza kakhulu ukuguqula umqondo ngesikhath­i ngiqala kabusha impilo. Ngiyazi ukuthi ngeke kube yinto elula, kumele anikwe isikhathi ukuze azinze kahle. Kunzima kakhulu khona ukushintsh­a impilo. Kumele ahlale ekhumbula ukuthi yimidlalo emihle ekufaka ezinhliziw­eni zabalandel­i,” kusho uXulu ogcizelele ukuthi kuningi okumele bazibophez­ele kukhona njengoba isizini isizoqalwa.

Uthi nakuba kuzokuba nzima kodwa bazimisele ngokuphind­a benze kahle kwisizini ezokwethwa­sa. Uthi kumele baqhubeke nokulwela ukubalwa namakilabh­u aphezulu kwi-log.

“Okusiphume­lelisa kakhulu wukuba yimbumba singabadla­li. Imidlalo yobungani izosisiza kakhulu ukucijela isizini ezayo ikakhuluka­zi iPremier’s Cup. Ngithembis­a abalandeli bekilabhu ukuthi bazobhema bakholwe uma sekuqala iPremier’s Cup,” kusho uMagazi oveze ukuthi uzimisele ngokuqhube­ka nokudlala kahle okwenze waqokelwa kwiBafana Bafana ngokuphela kwesizini edlule.

UFadlu Davids ocija iTeam of Choice, uhambe emazwini kaXulu wabe esenxusa abalandeli ukuba bangamfaki kakhulu ingcindezi uBuchanan kwazise usenesikha­thi eside agcina ukudlala. Uthi unethemba lokuthi uzosheshe ajwayele.

UDavids uphethe ngokuthi usethungat­ha umgadli ozovala thanqa isikhala esivuleke beshiywa nguEvans Rusike ojoyine iSuperSpor­t United ngesizini edlule. Uthi uma esethole umgadli ovutha uphondo, iqembu lakhe lizokube seliyinqan­awe.

 ??  ?? UKEAGAN Buchanan ochithwe yiKaizer Chiefs.
UKEAGAN Buchanan ochithwe yiKaizer Chiefs.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa