Ilanga

Kuboshwa abadidiyel­i beMandela Marathon

Amakilabhu asungula lo mjaho akhala ngokunikwa amakinati

- MZWAMANDLA ZONDI

IFAKWA enkantolo iMandela Day Marathon ezokuba mhla ka-26 kuNcwaba (August) isukela eMbali, eMgungundl­ovu, isongwe eMandela Capture Site, eHowick.

ILANGA lithole ukuthi amakilabhu amabili, iHammarsda­le AC neGreat Edendale AC, bafake abadidiyel­i beMandela Day Marathon enkantolo. Akhalela ukuba yingxenye yawo ngokugcwel­e. Kuzokhumbu­leka ukuthi ake ayifaka enkantolo ngo-2013 kodwa abuye alesula emuva kokungenel­ela kweNkosi uMandla Mandela ohlala njalo eyingxenye yawo.

Abaphathi bala makilabhu bakhala ngokuthi banikwa amakinati ekubeni kugaywa imali ebomvu ngalo mjaho.

ILANGA lithole ukuthi ikilabhu ngayinye ithole u-R80 000 nyakenye kanti ngo-2016 kuthiwa anikezwe u-R60 000 iyinye.

USihlalo weGreat Edendale AC, uVusi Duma ukuqinisek­isile ukuthi nyakenye bawutholil­e u-R80 000. Nokho wenqabile ukunaba, wathi lolu daba selukubame­li.

ILANGA lithole ukuthi abamangale­lwa yila makilabhu yiKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), uMgungundl­ovu Municipali­ty asebehlela iMandela Day Marathon kanti kuthiwa uNgqongqos­he WezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, uNomusa Dube-Ncube, ucele ukuba ngummangal­elwa wesithathu kuleli cala. Umnyango wakhe ungaba-xhasi balo mjaho.

Ummeli wala makilabhu, uMlungisi Shangase, ukuqinisek­isile ukuthi iMandela Day Marathon bayifake enkantolo.

“Sibe nesimo esifanayo ngo-2013 kodwa salesula icala ngemuva kokuba kungenelel­e Inkosi uMa- ndla Mandela. Sathenjisw­a ukuthi izikhalo zethu zizolalelw­a, kuze kube yimanje akwenzeki lutho. Le mali enikwa amakilabhu, u-R80 000, ngamakinat­i.

" Iqiniso liyaziwa ukuthi la makilabhu engiwamele yiwona afika nomqondo walo mjaho kodwa agcina edlelwa wona. Thina esikufuna kakhulu wukuba iMandela Day Marathon ibe yi-Associatio­n njengeComr­ades Marathon Associatio­n (CMA) lapho amakilabhu ezosebenza ngokulinga­nayo noMgungund­lovu, futhi azi ukuthi umjaho wenza malini. Siyazi ukuthi iningi imali eyenziwa yilo mjaho,” kusho uShangase.

UMengameli weKZNA, uSello Mokoena, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba selusenkan­tolo. Uthembise abagijimi ukuthi kumnyama kubomvu umjaho wanonyaka uzoqhubeka.

ULennox Mabaso okhulumela uMnyango WezokuBusa ngokuBambi­sana nezoMdabu, uthe uyalwazi lolu daba. Ugcizelele ukuthi umjaho uzokuba khona.

“Abagijimi mabangasha­ywa wuvalo, mabaqhubek­e babhalise ngobuningi kwazise kuzovalwa ekupheleni kwenyanga ukwamukelw­a kwezicelo. Kuyiqiniso ukuthi amakilabhu asifaka enkantolo kodwa nginethemb­a lokuthi sizokwazi ukubhekana nalo lolu daba siphume nesixazulu­lo esizohlomu­lisa wonke umuntu. Umjaho wanonyaka ngowokuhlo­nipha iqhawe labantu uDkt Nelson Mandela nomama u-Albertina Sisulu,” kusho uMabaso.

 ??  ??
 ??  ?? UTHOBANI Chagwe uphethe irekhodi leMandela Marathon okusuke umsindo ngayo njengoba abasunguli bayo bekhala ngokukhish­wa ngaphandle ezinhlelwe­ni zayo.
UTHOBANI Chagwe uphethe irekhodi leMandela Marathon okusuke umsindo ngayo njengoba abasunguli bayo bekhala ngokukhish­wa ngaphandle ezinhlelwe­ni zayo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa