Kuboshwa abadidiyeli beMandela Marathon
Amakilabhu asungula lo mjaho akhala ngokunikwa amakinati
IFAKWA enkantolo iMandela Day Marathon ezokuba mhla ka-26 kuNcwaba (August) isukela eMbali, eMgungundlovu, isongwe eMandela Capture Site, eHowick.
ILANGA lithole ukuthi amakilabhu amabili, iHammarsdale AC neGreat Edendale AC, bafake abadidiyeli beMandela Day Marathon enkantolo. Akhalela ukuba yingxenye yawo ngokugcwele. Kuzokhumbuleka ukuthi ake ayifaka enkantolo ngo-2013 kodwa abuye alesula emuva kokungenelela kweNkosi uMandla Mandela ohlala njalo eyingxenye yawo.
Abaphathi bala makilabhu bakhala ngokuthi banikwa amakinati ekubeni kugaywa imali ebomvu ngalo mjaho.
ILANGA lithole ukuthi ikilabhu ngayinye ithole u-R80 000 nyakenye kanti ngo-2016 kuthiwa anikezwe u-R60 000 iyinye.
USihlalo weGreat Edendale AC, uVusi Duma ukuqinisekisile ukuthi nyakenye bawutholile u-R80 000. Nokho wenqabile ukunaba, wathi lolu daba selukubameli.
ILANGA lithole ukuthi abamangalelwa yila makilabhu yiKwaZulu-Natal Athletics (KZNA), uMgungundlovu Municipality asebehlela iMandela Day Marathon kanti kuthiwa uNgqongqoshe WezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uNomusa Dube-Ncube, ucele ukuba ngummangalelwa wesithathu kuleli cala. Umnyango wakhe ungaba-xhasi balo mjaho.
Ummeli wala makilabhu, uMlungisi Shangase, ukuqinisekisile ukuthi iMandela Day Marathon bayifake enkantolo.
“Sibe nesimo esifanayo ngo-2013 kodwa salesula icala ngemuva kokuba kungenelele Inkosi uMa- ndla Mandela. Sathenjiswa ukuthi izikhalo zethu zizolalelwa, kuze kube yimanje akwenzeki lutho. Le mali enikwa amakilabhu, u-R80 000, ngamakinati.
" Iqiniso liyaziwa ukuthi la makilabhu engiwamele yiwona afika nomqondo walo mjaho kodwa agcina edlelwa wona. Thina esikufuna kakhulu wukuba iMandela Day Marathon ibe yi-Association njengeComrades Marathon Association (CMA) lapho amakilabhu ezosebenza ngokulinganayo noMgungundlovu, futhi azi ukuthi umjaho wenza malini. Siyazi ukuthi iningi imali eyenziwa yilo mjaho,” kusho uShangase.
UMengameli weKZNA, uSello Mokoena, uthe ngeke akwazi ukuphawula ngalolu daba ngoba selusenkantolo. Uthembise abagijimi ukuthi kumnyama kubomvu umjaho wanonyaka uzoqhubeka.
ULennox Mabaso okhulumela uMnyango WezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uthe uyalwazi lolu daba. Ugcizelele ukuthi umjaho uzokuba khona.
“Abagijimi mabangashaywa wuvalo, mabaqhubeke babhalise ngobuningi kwazise kuzovalwa ekupheleni kwenyanga ukwamukelwa kwezicelo. Kuyiqiniso ukuthi amakilabhu asifaka enkantolo kodwa nginethemba lokuthi sizokwazi ukubhekana nalo lolu daba siphume nesixazululo esizohlomulisa wonke umuntu. Umjaho wanonyaka ngowokuhlonipha iqhawe labantu uDkt Nelson Mandela nomama u-Albertina Sisulu,” kusho uMabaso.