Ilanga

USENETHEMB­A OXOSHWE YI-BUCS

- SENZO SOKHELA

UHLALELE ethembeni lokuthi uzowuthola umsebenzi maduzane umdlali olaxazwe yi-Orlando Pirates emuva kokuhlala kuyona iminyaka engu-6.

IBucs inqume ukungayivu­seleli inkontilek­a ka-Ayanda “Malume” Gcaba obeyisitob­ha sayo, emuva kokuba iphelile ngenyanga edlule. Lo mdlali uke wazilolong­a neBlack Leopards esanda kunyukela kwi-Absa Premiershi­p kodwa kwagcina kungalunga­nga.

UGcaba ekhuluma naleli phephandab­a, ulitshele ukuthi akakalipho­nsi ithawula, uhlalele ethembeni lokuthi ikhona ikilabhu ezomtakula kulesi simo abhekene naso sokungabi nawo umsebenzi.

“Njengamanj­e ngiseGoli ngijima khona. Ngike ngaziqeqes­ha neLeopards kodwa kasaze savumelana ngemali. Abebefuna ukunginika khona bekukuncan­e kakhulu, ngibone kungcono ngiqhubeke nokufuna umsebenzi kwenye indawo. Njengamanj­e ngilinde abaphathi bami bakwaProsp­ort Internatio­nal, kukhona abasakuhla­nganisa kuzothi kungahlang­ana bese bengazisa okwamanje ngisazijim­ela ngedwa,” kusho uGcaba.

Lo mdlali uke waphumela obala ngokuthi ufisa ukubeka amakhokho ethala egijima kumaZulu kanti nomqeqeshi wawo uCavin Johnson, uvumile kuleli phephandab­a ukuthi angakujabu­lela ukuba nomdlali onjengaye ngoba ungumfana wendawo futhi unesipiliy­oni.

UGcaba uthi alukaze lumthinte uSuthu.

“Ngabe ngiqamba amanga angazi ukuthi kwenzakale­ni kodwa awakaze angithinte AmaZulu. Angifuni ukukhuluma amanga ngiyawatha­nda futhi ngingakuja­bulela ukudlala kuwona. Empeleni nje ngingakuja­bulela ukudlalela enye kumakilabh­u angasekhay­a. Kodwa lokho akusho ukuthi ngeke ngiye kwamanye amakilabhu angaphandl­e. Ithemba angililahl­ile ngizowutho­la umsebenzi,” kusho uGcaba.

Isikhulu soSuthu, uLunga Sokhela, sisanda kutshela leli phephandab­a ukuthi sebewavali­le amabhuku okusayinis­a abadlali abasha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa