KUKHUTHAZWA AMAKILABHU ASE-KZN UKUVUNDULULA ABENDAWO
UNGQONGQOSHE WezeMidlalo KwaZulu-Natal, uBongi-Sithole Moloi, uphonsele inselelo amakilabhu akulesi sifundazwe agijima kwi-Absa Premiership naweNational First Division (NFD).
UMoloi ubekhuluma ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iKZN Premier’s Cup ngoLwesibili eThekwini. Uthi ukholwa wukuthi uxhaso abalunika amakilabhu alapha luzowasiza akwazi ukuncintisana ngempumelelo nezimbangi zawo eziqhamuka kwezinye izifundazwe, bese kuphakama igama leKwaZulu-Natal.
Uthi okumqoka ngalo mqhudelwano wukusiza amakilabhu akwazi ukuzibona ukuthi asehambe ibanga elingakanani namalungiselelo esizini entsha.
Uthi la makilabhu kumele avundulule aphinde athuthukise abadlali abaqhamuka kulesi sifundazwe ukuzivukuzela abalandeli abazokube bezokweseka abadlali abakhulele phambi kwabo.
“Zibanjwa zisemaphuphu. Ngiyafisa ukuthola umbiko ocacile ngokwenziwa ngamakilabhu ukusi- za isizwe kuwona wonke amazinga. Sibeke imali ebalelwa ku-R3,9 million ukuhlinzeka izidingo zonke zomqhudelwano. Yingakho-ke ikilabhu ngayinye ihlomula ngo-R500 000 ngokubamba iqhaza. Ngihlele ukuthi silungise indaba yezinkundla ezisemalokishini ukuze umphakathi ukwazi ukubona ibhola ngaso sonke isikhathi.
“Okwenza sihlele lo mqhudelwano ngalesi sikhathi yingoba sifuna ube seduzane nosuku lokuzalwa kweNkosi yesizwe samaZulu, okuwumcimbi oba ngasekupheleni kukaNtulikazi (July),” kusho uMoloi.
Selulonke uhlu lwemidlalo yeKZN Premier’s Cup ezokuba mhla ka-28 kuNtulikazi lumi kanje, ePrincess Magogo: Real Kings vs Uthongathi FC 10h00; Richards Bay FC vs Royal Eagles 13h00; Maritzburg United vs Golden Arrows 15h00.
AmaZulu FC anyelwe yinyoni esandleni njengoba ezoze adlale nenye yamakilabhu anqobe ngayizolo ngeSonto ekuseni eKing Zwelithini Stadium lapho kuzogijinywa khona imidlalo eyandulela owamanqamu nowamanqamu.