Ilanga

UMTHALANE UFISA UKULIVIKEL­A E-KZN ELE-IBF

- PHILANI NCALANE

UDINGA impi eyodwa yokugcina kulo nyaka uMoruti “Babyface” Mthalane ohambela phezulu kulezi zinsuku njengoba ehlule uMuhammad Wassem wasePakist­an empini ebinzima ye-Internatio­nal Boxing Federation (IBF) Flyweight ngeSonto ekuseni eMalaysia.

UMthalane otheleke kuleli ngoLwesibi­li, uthi uyalelwe yi-IBF ukutomula ibhokisa azovikela kulona leli bhande ungakaphel­i lo nyaka.

“Okwamanje ngisaphumu­le ngemuva kokubuya kule mpi. Angizimise­le ngokulwa ezinyangen­i ezimbili ezizayo. Ngibheke ukulwa okungenani ezinyangen­i ezintathu zokugcina zokusongwa konyaka. Ngiyafisa ukuthi le mpi ibe KwaZulu-Natal ngoba ngihlale ngithola okukhulu ukwesekwa khona.

“Okuhle wukuthi akekho uphromotha enginenkon­tileka naye. Ngingaqhat­hwa yinoma ngubani esingavume­lana ngakho konke naye. Njengoba bengilwa ngeSonto nje, bengiqhath­we yiGolden Boy Promotion ka-Oscar De La Hoya neManny Pacquiao Boxing Promotion kaManny Pacquiao naye obelwa empini enkulu.

“Ngingajabu­la kakhulu ukuvikela leli bhande ekhaya,” kusho uMthalane ozivumele ngowakhe ukuthi ibinzima kakhulu impi yangeSonto njengoba evuke phansi ngomzulisw­ano ka-11, kodwa wagcina enqobe ngamaphuzu.

UMthalane ugcine ukulwa KwaZulu-Natal ngo-2015 empini abeyihlele­lwe nguThulani “Nkunzi” Magudulela weLudonga Promotions. Ubevikela ibhande leInternat­ional Boxing Organisati­on (IBO) Flyweight alishiyile ngoba esefuna ukulwela ele-IBF ake waliphatha phambilini.

Uthi impi yakhe elandelayo ingcono ngoba uzozikhomb­ela yena ukuthi ufuna ukulwa nobani. Akufani noma kusuke kuphoqelek­ile ukuba ulwe nomuntu okleliswe endaweni yokuqala ngoba uma ningavumel­ani, impi igcina isibhidelw­a bese amabhokisa ethola imali engatheni.

 ??  ?? INGQWELE ye-IBF uMoruti Mthalane odabuka eKZN.
INGQWELE ye-IBF uMoruti Mthalane odabuka eKZN.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa