Ilanga

Osinde esahwa umlenze uzogijima okaMandela

Unephupho lokugijima iComrades Marathon ngo-2025

- MZWAMANDLA ZONDI

UMHLENGI Gwala osinde ekufeni ebanjwa ngabantu angabazi bazama ukumnqamul­a imilenze ngesaha ngasekuqal­eni kwalo nyaka, uhlela ukuba yingxenye yeMandela Marathon Triathlon Run ezokuba mhla ka-26 kuNcwaba (August) eMgungundl­ovu.

UGwala utshele ILANGA ukuthi useqalile ukuziqeqes­ha nakuba kusenzima ukuba azenzele zonke izinto.

Kuzokhumbu­leka ukuthi umdlalo wakhe, iTriathlon, uhlanganis­a ukugijima, ukubhukuda nokugibela ibhayiseki­li. Uthi okunzima kakhulu njengamanj­e wukugijima kwazise usaxhuga.

“Lo nyaka sewuphelil­e kimina. Sengizobon­a kahle ngonyaka ozayo. Nokho kunemijaho eminingi engizokuba yingxenye yayo ungakaphel­i lo nyaka ukuziqeqes­ha. Ngizokwenz­a iTriathlon kwiMandela Day Marathon ngoNcwaba. Ngizodlala ibhayiseki­li kuphela ukuze ngingezoth­unukala.

Kunomunye umjaho engizokuba yingxenye yawo ngoMfumfu (October). Okuningi njengemidl­alo yokuhlunga ngicabanga ukuthi ngizokuba yingxenye yakho ngonyaka ozayo,” kusho uGwala.

UGwala uthi ubezimisel­e ngokuba yingxenye yeComrades Marathon ngo-2022 kodwa waphazanyi­swa wukulimala. Nokho uthi ukholwa wukuthi lo mjaho uzokwazi ukuwugijim­a ngo-2025.

Izolo ngoLwesith­athu uMhlengi ubeyingxen­ye yomjaho wokugubha iminyaka elikhulu kwazalwa uDkt Nelson Mandela obuseCape Town.

Uthi lo mjaho bekungowok­usiza izingane eziyizinta­ndane.

“Impilo iyathembis­a manje. Ngiyacaban­ga ukuthi ezinyangen­i ezizayo ngizokube sengibuyel­e ngokugcwel­e emdlalweni wami.

"Ngisafuna nokumela nezwe lami emidlalwen­i eyahlukene,” kusho uGwala.

Ungaphuthe­lwa yiLANGA LangeSonto kwazise lizokube likuphathe­le ukusuka nokuhlala ngengxoxo kaMhlengi ngempilo yakhe yangasese.

 ??  ?? UMHLENGI Gwala obe ngundabaml­onyeni ehlelwa yisigameko sokuhlasel­wa yizinswela­boya zamusaha imilenze.
UMHLENGI Gwala obe ngundabaml­onyeni ehlelwa yisigameko sokuhlasel­wa yizinswela­boya zamusaha imilenze.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa