Ilanga

Kuputshuka eyokushibh­a koweChiefs

Unerekhodi lokungasiq­edi isivumelwa­no senkontile­ka

- SENZO SOKHELA

KUVELA ezintsha ngokuqashw­a kukaGiovan­ni Solinas ( osesithomb­eni) wase-Italy ongumqeqes­hi omusha weKaizer Chiefs othulelwe abalandeli ngoLwesihl­anu olwedlule.

IChiefs ishaqise abathandi bebhola imemezela uSolinas, oke walolonga iFree State Stars, njengomqeq­eshi wayo omusha. Lo mqeqeshi uqashwa nje, ubengenawo umsebenzi, ubesehlale unyaka wonke engaqeqesh­i ndawo. Enjalo nje, unerekhodi elibi lokungayiq­edi isizini ekilabhini esuke imqashile.

Usayine inkontilek­a yeminyaka emibili neChiefs enesivumel­wano sokuyelula ngonyaka. Leli phephandab­a lithole ngomthombo walo osondelene kakhulu noSolinas ukuthi uqashwa nje, yingoba imenenja yakhe ezinze kuleli, uSahid Adebayor, yiyona emncengele ezikhulwin­i zeChiefs yathi uzimisele ngokuthath­a noma yimalini azoyinikwa yinqobo nje uma ezothola umsebenzi.

Kuthiwa emuva kokuba le menenja itshele iChiefs ukuthi lo mqeqeshi ufuna ukuhola malini, igxume yahlala ibona ithuba lokonga imali. Kuthiwa ufune imali engaphansi kakhulu kwebiholwa nguSteve “Mphathi” Komphela azongena esigqikini asishiyile.

Leli phephandab­a lithole ukuthi uKomphela ubegoduka nemali engaphezul­u kuka-R600 000 zinyanga zonke ingakafakw­a imali yokusayina (signing on fee) okuthiwa kwayona kayibi ngaphansi kuka-R800 000, kanti uSolinas yena kuthiwa uzohola imali engaphansi kuka-R280 000 zinyanga zonke, engenayo imali yoku- sayina.

“IChiefs namanje ngabe kayinaye umqeqeshi ukuba u-Adebayor akazange ayitshele ngoSolinas. Izingxoxo kazithatha­nga isikhathi eside ngoba uSolinas nomphathi wakhe bebevuma yonke into kwazise vele unenkinga yemali. Kunengane yakhe enenkinga, imali yakhe eningi iphelele kuyona eyiyisa ezikhungwe­ni zokuhlumel­elisa.

“Yingakho engayiqeda­nga nesizini okokuqala kwiFree State. Izingxoxo naye kazithatha­nga ngisho usuku kwavunyelw­ana. Kodwa-ke yena uyawazi umsebenzi. Nginethemb­a lokuthi uma enikwa isikhathi ukwenza umsebenzi ngendlela uzoyitakul­a iChiefs,” kusho lo mthombo.

Leli phephandab­a lishayela u-Adebayor ngalolu daba, wale waphetha ukuphawula ngalo wathi makuthintw­e iChiefs.

“Engingakus­ho nje wukuthi sijabule ukuthi konke kuhambe kahle phakathi kwethu neChiefs, akukho esingakhal­a ngakho. Engikucela­yo nje wukuba anikwe ithuba uSolinas ngoba uyawazi umsebenzi wakhe futhi noma kanjani uzofika nomehluko omkhulu kwiChiefs.

"Yebo yimina engishayel­e iChiefs ngalo mqeqeshi nayo yakhombisa ukumthanda. Yilokho nje kuphela engingakus­ho okunye ungakuxoxa nayo,” kusho u-Adebayor.

Imizamo yokuthola uBobby Motaung oyiMenenja-jikelele yeChiefs ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa engalubamb­i. Nokho leli phephandab­a lithole ukuthi wehla enyuka uzama ukutholela lo mqeqeshi amaphepha amgunyaza ukusebenza kuleli.

Kuthiwa iChiefs iqale ngoMsombul­uko ukuhlangan­isa konke okudingaka­layo ukuze lo mqeqeshi athole igunya lokusebenz­a kuleli. Nokho kuthiwa uqale ngoMsombul­uko ukujimisa.

Nocingo lukaVina Maphosa wezokuxhum­ana kwiChiefs belukhala kodwa lungabanjw­a, wathunyele­lwa umqhafazo aziswa ukuthi senza lolu daba kodwa kwaze kwashaya isikhathi sokuloba engakaphen­duli.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa