Ilanga

USOLA UKUTHAKATH­WA OHLUSHWA YISIFO SENHLIZIYO

- SENZO SOKHELA

UZAMA inhlanhla kwiReal Kings egijima kwiNationa­l First Division (NFD) umdlali oyalelwe ngodokotel­a ukuba ayeke ibhola ngenxa yokuhlushw­a yinhliziyo.

UPapy Faty (27) waseBurund­i oke wagijima kwiBidvest Wits, utheleke ejimini yeKings ngoLwesibi­li ngenhloso yokuba imsayinise ukuze abuyele ebholeni.

Lo mdlali uxoshwe yiWits ngo2016 emuva kokuba odokotela abangochwe­pheshe benhliziyo beyalele le kilabhu ukuba ingamudlal­isi ngoba impilo yakhe isengcuphe­ni.

Uke wazama inhlanhla kwiRoyal Eagles ngonyaka owedlule kodwa emuva kokuba imuhambise kuchwephes­he wenhliziyo yajika esithubeni yangabe isamsayini­sa.

Lo mdlali uveze ukuthi kukhona omthakathi­le emuva kokuba elahlekelw­e yijezi ejimini yeWits.

Uthi emuva kokulahlek­a kwejezi lakhe yilapho kuqale khona le nkinga njengoba ewe ejimini nasemdlalw­eni we-Absa Premiershi­p.

Leli phephandab­a lishayela uSimo “Govuza” Dladla ongumqeqes­hi weKings, uthe uyasiqonda isimo esibhekene nalo mdlali kodwa akakwazi ukumehlule­la.

“Okufanele sikuqonde wukuthi kasiyena uNkulunkul­u ukuthi singehlule­la umuntu kodwa lokho akusho ukuthi akufanele sinakekele isimo sakhe sempilo ngoba nayo ibalulekil­e.

Umphathi wakhe ungitshe-le

Umphathi wakhe uthe izinkinga abenazo zempilo sebezilung­isile...

ukuthi izinkinga abenazo zempilo sebezilung­isile kodwa nami ngisazohla­la nabo sixoxe ukuze ngizanelis­e, uma kuwukuthi ngiyagculi­seka ngengikubo­na enkundleni,” kusho uDladla.

U-Uhuru Mwambungu waseTanzan­ia oke wadlala kwi-Eagles, naye uzama inhlanhla kule kilabhu.

“Yebo naye ukhona lapha, kukhona nomunye umgadli waseLesoth­o engimubone kwiCosafa Cup. Kukhona nomunye futhi umgadli wangaphand­le engimlinde­le.

" Kodwa kubona bonke ngidinga umgadli oyedwa onesipiliy­oni ozokwazi ukulekelel­ana nalaba bagadli abancane enginabo,” kusho uDladla.

Uthi namuhla ngoLwesine uzokwelula inkontilek­a ka-Ayanda Ngcongo (29) odlala esiswini kule kilabhu, bese esayinisa uBafana “Gattuso” Dlamini (24) oke wagijima kwiChippa United.

UDlamini unama-cap angu-8 eqenjini lesizwe lakuleli lika-U/23 bese eba neyodwa eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.

 ?? ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES ?? UPAPY Faty waseBurund­i oke wagijima kwiBidvest Wits ngaphambi kokuyalelw­a ukuyeka ibhola ngenxa yesifo senhliziyo.
ISITHOMBE NGABE: GALLO IMAGES UPAPY Faty waseBurund­i oke wagijima kwiBidvest Wits ngaphambi kokuyalelw­a ukuyeka ibhola ngenxa yesifo senhliziyo.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa