Usolwe ngobandlululo kolomhlaba
Umise umunwe ophakathi ethuka abebemhhewula
KUSUKE isiphithiphithi esigcawini obekulalelwa kusona uvo lwabantu mayelana nokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, ebesisehholo lomphakathi eMgungundlovu ngoLwesihlanu.
Lolu hlelo KwaZulu-Natal luqale ngoLwesithathu eVryheid lwaphelela eKokstad ngoMgqibelo. Esigcawini saseMgungundlovu bekuhlangene izinkumbi zabantu, iningi lazo ligqoke izikibha zezinhlangano zezepolitiki. Kuze kwaphoqa ukuba abanye bamiswe emnyango ngoba ihholo bese ligcwele lichichima.
Kucishe kwasuka uthuthuva kusukuma umlimi omhlophe - ozichaze kuleli phephandaba ngoMnu Andrew Geyser - watshela ikomiti elijutshwe yiPhalamende ukuzwa uvo lwabantu ngalolu daba ukuthi akakweseki ukuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo.
Uthe ipulazi lakhe ulithenge ngo-2013 ngemali anikwe yona emsebenzini ethathiswa i- early retirement ngenxa yenqubo yengcindezelo. “Ngilahlekelwe wumsebenzi kwaze kwaba kathathu ngenxa yebala lami elimhlophe. Ingxenye eningi yemali yami yempesheni yathathwa ngumqoqi wentela futhi leyo ntela yami yanikezwa abantu abamnyama.
"Manje laba bantu abamnyama sebefuna ukuthatha umhlaba wami engawujulukela kangaka ngiwuthenga. Kuyokwenzeka ngi- file lokho," kusho lo mlimi obekhuluma afake namagama esiBhunu enkulumeni yakhe.
Uthe engakasiqedi isikhathi abenikwe sona, kwaba nokuhhomuzela abantu bememeza bethi makahlale phansi ngoba ugcwele ubandlululo. Esesuka, uphakamise umunwe wesithathu ethuka labo abebemhhewula kwagcina sekusukume yonke indlu ithi makaphume ngoba uyedelela.
Usihlalo walesi sigcawu, uMnu Lewis Nzimande, uthe esabonisana nobehleli eduze kwakhe ngalesi simo, indlu yavele yaqhubeka kakhulu nokungalawuleki, isicula namaculo omzabalazo igxuma kushaywa izandla emoyeni. Kusize ukusukuma kukaSotswebhu we-Economic Freedom Fighters (EFF), uMnu Floyd Shivambu, ocele ukuba indlu ihlale phansi ibambe umthetho ukuze kuqhubeke isigcawu. Isimo sigcine silawulekile.
Ngaphambi kokuba kusukume uMnu Geyser, bekusukume uMnu Sphamandla Ndlovu, ozichaze njengelungu le-EFF, otshele lesi sigcawu ukuthi uyahambisana nokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo. “Thina la eMgungundlovu sesiqalile ukuwuthatha futhi sizoqhubeka lapho sigcine khona uma siphuma la.
"Nakuba abaholi bethu sebesifake enkantolo ngalokhu, kodwa kasinandaba, sizoqhubeka. Selokhu siwuqalile lo mbhidlango wokuthatha okungokwethu, sesibonile ukuthi baningi abantu abarojwa umhlaba wabo. Nakulo esesiwudlile baningi abantu abawufunayo, usuvele wamncane yingakho umzabalazo wethu uzoqhubeka sidle neminye ukwanelisa bonke laba bantu,” kusho yena.
UNkk Rose Khumalo, usukume wathi bephucwa umhlaba ngowe- zi-1977 eBergville.
Uthe umlungu owathatha umhlaba wabo namanje akabanxephezelile. Uthe kufike owesifazane abebemazi ngoNkk Tinny Zondi wathi uthunywe wumnyango wezemihlaba kwazise kade babezifaka izicelo, bamamukela.
"Ufike wasikhokhisa o-R200 ethi masihlangabeze izindleko zommeli kwaze kwaba kabili. “Le mali ibike iqoqwe ize ifike ku-R35 000, kuthe sesikhokhe sonke, wangabe esafuna nokuyingena indaba yethu. Umhlaba wethu umlungu uyaqhubeka uyawusebenzisa, wagubha amathuna emindeni yethu watshala kuwo.
"Uma sithi sicela ukuya emathuneni, akusabonakali nokuthi ayekuphi njengoba usevele watshala phezu kwawo. Thina nalaba engibamele kasifuni umhlaba ngoba kasinawo amandla okuwuli- ma, sifuna isinxephezelo nje kwaphela,” kusho uNkk Khumalo.
UMnu Simingayesonke Mcoyi owayeyilungu le-Inkatha Freedom Party (IFP), wawelela kwiNational Freedom Party (NFP) manje osekwiANC, naye ubevumelana nabathi umhlaba mawubuyele kubanikazi.
"Thina sizacile, kasikwazi nokutshala ngoba izindawo bagweve nazo, bathi ngezabo ekubeni kungezethu njengoba umhlaba bawuthatha ngendluzula, awubuye ngayo. Ngikhuluma nje, sinoBlood River noSandlwana lapho esasibulawa khona, sibulawelwa umhlaba wethu,” kusho uMnu Mcoyi.
Kusukume owesilisa ongazichazanga igama, obegqoke isikibha se-Azanian People’s Organisation (Azapo) ethi kasikho isidingo sokuba kulwiwe ngoba umhlaba kakusiwona owabantu abamnyama futhi akusiwona owabamhlophe, kodwa ngokaNkulunkulu.
Abantu bavele basukuma ngezinyawo bemhhewula bethi makathule ngoba uyabheda. Kusize usihlalo wekomiti, uMnu Nzimande ophakame wakhuza abantu ukuba bathule. Kuthe sekuzothathwa ikhefu sekusele imizuzu ewu-10 kushaye ihora lesibili, abantu bese bengasabambeki.