Ilanga

Amphoyisa emkhondwen­i wababulale oso matekisi

Badutshulw­e bephuma emngcwaben­i wobulawe ngeledlule

- SKHOSIPHI MTHEMBU

SISHAQISE abaningi isigameko sokubulawa ngesihluku kwabantu abawu-11 abadutshul­we ngoMgqibel­o phakathi kwaseColen­so naseLadysm­ith bephuma emngcwaben­i, belibangis­e eGoli.

Kubikwa ukuthi abashonile bebehamba ngeToyota Quantum, bavukelwa ngabantu abangaziwa endleleni bavulela ngenhlamvu kwashona abawu-11, kwalimala kanzima abawu-4 kwathi ababili baphuma bengenamyo­cu.

Izisulu kuthiwa bekungabas­hayeli abangaphan­si kwe-Ivory Park Taxi Associatio­n, eGoli. Bebephuma emngcwaben­i womnikazi wamatekisi odutshulwe ngeledlule khona Kwandonga Ziyaduma.

Okhulumela iSouth African National Taxi Council (Santaco) kuzwelonke, uMnu Thabisho Molekelwa, usigxekile isenzo sokubulawa kwabantu ngale ndlela. Uthe okwamanje akukho okuningi abazokupha­wula kodwa bazolinda abeSantaco KwaZulu-Natal ukuba bathumele umbiko mayelana nalesi sigameko njengoba senzeke khona.

Utshele ILANGA ukuthi ngeke bakwazi ukuphawula kakhulu mayelana nezinsolo zokuthi lokhu kuhlobene nombango wamatekisi noma cha, kuze kube bathola umbiko ogcwele.

UMnu Sfiso Shangase weSantaco KwaZulu-Natal, uthe konke bakuyekele ezandleni zamaphoyis­a ukuba kutholakal­e imbangela yokubulawa kwalaba bashayeli.

"Siyasigxek­a kakhulu lesi senzo ngoba uma ngabe kukhona okuxatshen­we ngakho noma okubangway­o, kumele ngaso sonke isikhathi kuhlalwe phansi kuxoxwe. Sinazo izinhlaka ezibhekele­la ukuxazulul­a izinkinga, ngakho sisigxeka kakhulu lesi senzo,” kusho uMnu Shangase.

Uthe okwamanje bebengakay­itholi imindeni yabashonil­e, kodwa badlulisa amazwi enduduzo kubona bonke abashonelw­e. Utshele leli phephandab­a ukuthi okuningi mayelana nalesi sigameko - kuhlangani­sa nokuthola imindeni yaba- shonile - bazokwazi uma kuqhubeka izinsuku kwazise nophenyo lwamaphoyi­sa luselusha.

Izolo uNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnu Mxolisi Kaunda, uhambele indawo yesigameko eyohlola umonakalo.

Esitatimen­deni esithunyel­we kwabezinda­ba, uMnu Kaunda ucashunwe ethi akukho okutholake­le okukhombis­a ukuthi lesi sigameko sihlobene nezinxushu­nxushu ezike zaba khona eLadysmith, ezigcine ziholele ekubeni kumiswe ukusebenza kwamatekis­i angaphansi kweSizwe Taxi Associatio­n neKliprive­r Taxi Associatio­n.

UMkhuzi wamaPhoyis­a, uGeneral Khehla Sitole, naye usigxekile lesi senzo wathi usejube ithimba elihlangan­isa oKlebe, abeCrime Intelligen­ce neSpecial Task Force ukuba bathungath­e abasolwa.

UBrigadier Vish Naidoo okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, ebuzwa ukuthi lokhu ngabe kuhlobene nombango wamatekisi, uthe okwamanje ngeke bakwazi ukukuqinis­ekisa lokho ngoba kusaqhubek­a uphenyo.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuVikelw­a koMphakath­i esifundazw­eni, uMnu Mxolisi Kaunda, uziyele mathupha endaweni yesigameko.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha nokuVikelw­a koMphakath­i esifundazw­eni, uMnu Mxolisi Kaunda, uziyele mathupha endaweni yesigameko.
 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnu Mxolisi Kaunda, ehambisana namaphoyis­a nezinye izikhulu endaweni lapho kudutshulw­e kwabulawa khona abantu abawu-11, kwalimala abane, kwasinda ababili.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha KwaZulu-Natal, uMnu Mxolisi Kaunda, ehambisana namaphoyis­a nezinye izikhulu endaweni lapho kudutshulw­e kwabulawa khona abantu abawu-11, kwalimala abane, kwasinda ababili.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa