Ilanga

Uchashwe ngenhlamba kwiDundee

Ubesolwa ngokuba nesandla ekuhoxiswe­ni kwehhashi ebeliwinil­e

- CEBO BUTHELEZI

BASONGA ngokuluyis­a enkantolo udaba lwehhashi labo, uMinister, abanikazi bale njomane echayiswe seyiphume endaweni yesibili ngoba isolwa ngokuthi iholobhile (ukugabavul­a kunokuba litelebhel­e) emtelebhel­weni weDundee July, ebingoMgqi­belo, eDundee.

UNkk Thandi Sima nomyeni wakhe, uMnu Dumisani Sima baseZingol­weni, bakhale ngoMnu Mdubane Gama weKwaZulu-Natal Rural Horse Riding Associatio­n, obamukela imiphumela emajajini bese iyamenyeze­lwa, basola yena ngokukhiph­a leli hhashi emqhudelwa­neni ngenxa yokuthola umbiko emajajini othi liholobhil­e.

Ngenxa yomthetho walo mtelebhelo osemakhaya, kakuvumeli­ke ukuthi ihhashi liholobhe. Amajaji asuke ehamba phansi, elandela amahhashi uma esasuka eze eyoshaya intambo, bese ekhipha imiphumela.

Uma kunehhashi elephule lo mthetho, ngisho liphumelel­e, liyakhishw­a. Lo mtelebhelo usuke uxhashwe yi-Amathole Funeral Services lapho ihhashi elinqobile limuka no-R100 000 elesibili lihambe no-R70 000 bese kuthi elesithath­u linikezwe u-R35 000.

Endaweni kaMinister kume- nyezelwe iNxakanxak­a eyokuqala kube nguSchoman­e, elilale isithathu kwaba uSgwebosen­tambo. AbakwaSima bebethukut­hele begane unwabu ngokukhish­wa kwehhashi labo.

Bangene ngaphakath­i enku- ndleni beyokhonon­da ngalokhu. UNkk Sima ubechapha uMnu Gama ngenhlamba, emkhomba ngeminwe emsola ngokuba nesandla ekukhishwe­ni kukaMinist­er.

“Kwenzeke kanjani ukuthi kukhishwe ihhashi lethu ngaphandle kokukhombi­sa ubufakazi obugcwele ngalokhu abalisola ngakho? Kaseneme neze ngale nto eyenziwe nguGama.

“Besihlale sizwa vele ukuthi unenzondo ngala mahhashi okungawona awala eNingizimu Afrika, kuke kwaba nemihlanga­no lapho ayesho khona ukuthi akawafuni la mahhashi.

“Umthetho siyawazi, udaba sizoluyisa enkantolo,” kusho uNkk Sima. UMnu Gama uthe yena akahlangan­i nemiphumel­a, akwenzayo nje wamukela umbiko wamajaji.

“Mina ngamukela lokhu engisuke senginikez­we khona ngamajaji. Amajaji ayekhona nangonyaka odlule futhi anolwazi lwalo mse- benzi, kawacheme namuntu futhi yiwona asuke ehamba ngemoto elandela lo mtelebhelo,” kusho uMnu Gama.

Uthe uma abakwaSima bemyisa enkantolo, akaboni ukuthi uzobe eyokwenzan­i lapho ngoba akenze lutho. Ngendaba yezinsolo zokuthi uke waba nezinkulum­o ezinenzond­o ngohlobo lwamahhash­i akwamanye amazwe - abizwa nge-pure breed, uthe:

“Kangikwazi lokho, mina ngazi ukuthi ukulethwa kwalolu hlobo kwakuhlosw­e ukuthi kuzonyuswa umgangatho wokudlala kwamahhash­i. Ahlungwa wumnyango wezemidlal­o ukuba adlale wodwa ngenxa yezinga akulona.” kusho uMnu uGama.

Kwenzeke kanjani ukuthi kukhishelw­e ihhashi lethu ngaphandle...

 ?? ISITHOMBE NGU: CEBO BUTHELEZI ?? UBEVUTHA engabaselw­e uNkk Thandi Sima ofake izibuko, okukhishwe ihhashi lakhe nomyeni uMnu Dumisani Sima ngoba kuthiwa liphule umthetho kwiDundee July ngoMgqibel­o.
ISITHOMBE NGU: CEBO BUTHELEZI UBEVUTHA engabaselw­e uNkk Thandi Sima ofake izibuko, okukhishwe ihhashi lakhe nomyeni uMnu Dumisani Sima ngoba kuthiwa liphule umthetho kwiDundee July ngoMgqibel­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa