AKASALALI ONENTOMBI ENGAFUNI UKWALIWA
Sekwehluleke amaphoyisa ukuze aphume kule nkinga
ZIGCWALA amehlo izinyembezi kowesilisa wakwa-J eMlazi uma echaza ngokuhlukunyezwa ngunina wengane yakhe ongafuni ukwaliwa, okumanje bagijimisana izinkantolo.
UMnu Sizwe Shange (27), ( osesithombeni) ukhala ngokungalutholi usizo emaphoyiseni nakosonhlalakahle uma eyobabikela ngosizi abhekene nalo, osekuyophela iminyaka emibili ekhala ngento eyodwa. Uthi usesaba ukuthi angaze agcine esenze into azozisola ngayo uma engalutholi usizo ngoba usebekezele kwanela.
Utshele ILANGA ukuthi uphilela ukuhlala echashwa ngenhlamba ngunina wengane yakhe enezinyanga eziwu-18 ubudala - esingeke simdalule ukuvikela ingane. UMnu Shange osebenza njengonogada kwelinye lamabhange eSiphingo, uveze ukuthi unina wengane yakhe uhlala eduze kwakubo.
Ngokusho kwakhe, akanqeni ukumhlasela kubo phakathi kwamabili ashaye izicabha namawindi, enze sengathi kukhona akufunayo. Uthi kukho konke ukumhlukumeza akwenzayo, usebenzisa ingane yabo. Utshele ILANGA ukuthi uma unina wengane eke wathola ithuba lokungena endlini, uyamlwisa, amthuke ambize ngaphansi kweziketi zikanina.
Uthi akagcini nje ngokuya kubo, uze amhlasele ngisho emsebenzini nakhona enze esifanayo. Uveze ukuthi ozakwabo emsebenzini sebeyazi ukuthi uma kuke kwaqhamuka unina wengane yakhe, kumele basondele kuye bayomvikela ngoba basuke bazi ukuthi uzosusa impi. Uthi uhlukane nonina wengane esakhulelwe, izinyanga zisephansi.
Okumenze wahlukana naye uthi ubebona ukuthi kungagcina kwenzeke omkhulu umonakalo phakathi kwabo ngenxa yokuthi unina wengane ubengamhloniphi, emthuka phambi kwabantu.
“Ngokubona ukuthi ubengangilungele ukuba ngingathandana naye kodwa inkinga ebisikhona wukuthi ubesekhulelwe, ngihlale phansi naye saxoxa, ngamcela ukuba sehlukane.
"Ngibe sengizibophezela ekubeni ngizomeseka ngayo yonke into ayidingayo ngesikhathi esakhulelwe.
"Ngesikhathi ingane isizelwe, ulandwe yimina esibhedlela ngazibophezela ukuthi ngizoyondla. Ngenze njengoba bengimethembisile, ngiyayodla indodakazi yami, kangilenzi iphutha lokungayifaki imali yayo yokudla njalo uma kuphele inyanga.
"Ngenxa yokuthi besingezwani kahle ngemimoya, nginqume ukuba imali ngiyifake ebhange lakhe njalo uma kuphele inyanga, kodwa ungihlukumeza khona kunjalo. Ungihlasela phakathi kwamabili azongifuna ukudla kwengane, kwesinye isikhathi angifikele emsebenzini azongifuna u-R10 wesinkwa,” kusho uMnu Shange.
Uthi kwesinye isikhathi unina wengane yakhe uke afike phakathi kwamabili ashiye iheheba lencwadi alibhalile emncenga ukuba babuyelane. Uma ebona ukuthi akayiphenduli leyo ncwadi ubuya eseyolwa.
UMnu Shange uthi udaba lwakhe uselubike kaningi emaphoyiseni waze wathola izivimbelo zasenkolo ( protection order) ezingaphezu kwezintathu, kodwa unina wengane uyaqhubeka nokumhlukumeza. Uthi bese kuze kwakhishwa incwadi egunyaza ukuba unina wengane aboshwe ngenxa yokuthi wephula imibandela yencwadi yesivimbelo sasenkantolo.
Amaphoyisa uthi ayamthatha unina wengane yakhe ayomjikisa esiteshini. "Kuba wukubuya nje, aqonde kimina esezongichapha ngenhlamba engitshela ukuthi ngidlala ngesikhathi sami uma ngizama ukumbophisa ngento angenza yona.
"Sengize ngifikelwe wumoya omubi wokuba ngenze into engingaze ngizisole ngayo ngenxa yokuthi sengikhathele wukuphila le mpilo. Okungiphatha kabi wukuthi kuyona yonke le nto, uma ngingambeka isandla, amaphoyisa angangilanda ekuseni ekubeni ayehluleka wukungisiza mina,” kusho uMnu Shange.
ILANGA lishayele unina wengane (24), okuqinisekisile ukuthi isimo kasisihle phakathi kwabo.
Uthi lezi zinto uzenza ngenxa yokuthi akalutholi uthando olufanele kuyise wengane. “Ngihleli ngilinde yena, kangiphuzi futhi kangibhemi ngilinde yena ukuba abuye sizolungisa izinkinga zethu. Kangizimisele ngokumyeka.
"Uqinisile, ngiyamthuka uma senginyukelwe wumoya ngoba ngidinwa yizinto azenzayo zokunganginaki,” kusho unina wengane. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthembise ukuthi uzongenelela kulolu daba, wacela ukuba ILANGA limxhumanise noMnu Shange ukuze ezosizakala.
Okhulumela i-Eyamadoda Support Group, uMnu Victor "Maswidi" Xaba, uthi bakhuthaza uMnu Shange ukuba azame konke okusemandleni ukungasondelani nonina wengane yakhe bese ethola ukwelulekwa okugcwele ngoba angagcina esenze into embi angazisola ngayo.
"Sizozama ukuxhumana naye simeluleke sibone ukuthi angasizakala kanjani ukuze aphume kule nkinga nokuthi angabhekana kanjani nayo ngendlela elungile," kusho uMnu Xaba. Uthi izigameko ezifana nalesi bajwayele ukuhlangana nazo.