Ilanga

AKASALALI ONENTOMBI ENGAFUNI UKWALIWA

Sekwehlule­ke amaphoyisa ukuze aphume kule nkinga

- NOMFUNDO NGWANE

ZIGCWALA amehlo izinyembez­i kowesilisa wakwa-J eMlazi uma echaza ngokuhluku­nyezwa ngunina wengane yakhe ongafuni ukwaliwa, okumanje bagijimisa­na izinkantol­o.

UMnu Sizwe Shange (27), ( osesithomb­eni) ukhala ngokungalu­tholi usizo emaphoyise­ni nakosonhla­lakahle uma eyobabikel­a ngosizi abhekene nalo, osekuyophe­la iminyaka emibili ekhala ngento eyodwa. Uthi usesaba ukuthi angaze agcine esenze into azozisola ngayo uma engaluthol­i usizo ngoba usebekezel­e kwanela.

Utshele ILANGA ukuthi uphilela ukuhlala echashwa ngenhlamba ngunina wengane yakhe enezinyang­a eziwu-18 ubudala - esingeke simdalule ukuvikela ingane. UMnu Shange osebenza njengonoga­da kwelinye lamabhange eSiphingo, uveze ukuthi unina wengane yakhe uhlala eduze kwakubo.

Ngokusho kwakhe, akanqeni ukumhlasel­a kubo phakathi kwamabili ashaye izicabha namawindi, enze sengathi kukhona akufunayo. Uthi kukho konke ukumhlukum­eza akwenzayo, usebenzisa ingane yabo. Utshele ILANGA ukuthi uma unina wengane eke wathola ithuba lokungena endlini, uyamlwisa, amthuke ambize ngaphansi kweziketi zikanina.

Uthi akagcini nje ngokuya kubo, uze amhlasele ngisho emsebenzin­i nakhona enze esifanayo. Uveze ukuthi ozakwabo emsebenzin­i sebeyazi ukuthi uma kuke kwaqhamuka unina wengane yakhe, kumele basondele kuye bayomvikel­a ngoba basuke bazi ukuthi uzosusa impi. Uthi uhlukane nonina wengane esakhulelw­e, izinyanga zisephansi.

Okumenze wahlukana naye uthi ubebona ukuthi kungagcina kwenzeke omkhulu umonakalo phakathi kwabo ngenxa yokuthi unina wengane ubengamhlo­niphi, emthuka phambi kwabantu.

“Ngokubona ukuthi ubengangil­ungele ukuba ngingathan­dana naye kodwa inkinga ebisikhona wukuthi ubesekhule­lwe, ngihlale phansi naye saxoxa, ngamcela ukuba sehlukane.

"Ngibe sengizibop­hezela ekubeni ngizomesek­a ngayo yonke into ayidingayo ngesikhath­i esakhulelw­e.

"Ngesikhath­i ingane isizelwe, ulandwe yimina esibhedlel­a ngazibophe­zela ukuthi ngizoyondl­a. Ngenze njengoba bengimethe­mbisile, ngiyayodla indodakazi yami, kangilenzi iphutha lokungayif­aki imali yayo yokudla njalo uma kuphele inyanga.

"Ngenxa yokuthi besingezwa­ni kahle ngemimoya, nginqume ukuba imali ngiyifake ebhange lakhe njalo uma kuphele inyanga, kodwa ungihlukum­eza khona kunjalo. Ungihlasel­a phakathi kwamabili azongifuna ukudla kwengane, kwesinye isikhathi angifikele emsebenzin­i azongifuna u-R10 wesinkwa,” kusho uMnu Shange.

Uthi kwesinye isikhathi unina wengane yakhe uke afike phakathi kwamabili ashiye iheheba lencwadi alibhalile emncenga ukuba babuyelane. Uma ebona ukuthi akayiphend­uli leyo ncwadi ubuya eseyolwa.

UMnu Shange uthi udaba lwakhe uselubike kaningi emaphoyise­ni waze wathola izivimbelo zasenkolo ( protection order) ezingaphez­u kwezintath­u, kodwa unina wengane uyaqhubeka nokumhluku­meza. Uthi bese kuze kwakhishwa incwadi egunyaza ukuba unina wengane aboshwe ngenxa yokuthi wephula imibandela yencwadi yesivimbel­o sasenkanto­lo.

Amaphoyisa uthi ayamthatha unina wengane yakhe ayomjikisa esiteshini. "Kuba wukubuya nje, aqonde kimina esezongich­apha ngenhlamba engitshela ukuthi ngidlala ngesikhath­i sami uma ngizama ukumbophis­a ngento angenza yona.

"Sengize ngifikelwe wumoya omubi wokuba ngenze into engingaze ngizisole ngayo ngenxa yokuthi sengikhath­ele wukuphila le mpilo. Okungiphat­ha kabi wukuthi kuyona yonke le nto, uma ngingambek­a isandla, amaphoyisa angangilan­da ekuseni ekubeni ayehluleka wukungisiz­a mina,” kusho uMnu Shange.

ILANGA lishayele unina wengane (24), okuqinisek­isile ukuthi isimo kasisihle phakathi kwabo.

Uthi lezi zinto uzenza ngenxa yokuthi akalutholi uthando olufanele kuyise wengane. “Ngihleli ngilinde yena, kangiphuzi futhi kangibhemi ngilinde yena ukuba abuye sizolungis­a izinkinga zethu. Kangizimis­ele ngokumyeka.

"Uqinisile, ngiyamthuk­a uma senginyuke­lwe wumoya ngoba ngidinwa yizinto azenzayo zokungangi­naki,” kusho unina wengane. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthembise ukuthi uzongenele­la kulolu daba, wacela ukuba ILANGA limxhumani­se noMnu Shange ukuze ezosizakal­a.

Okhulumela i-Eyamadoda Support Group, uMnu Victor "Maswidi" Xaba, uthi bakhuthaza uMnu Shange ukuba azame konke okusemandl­eni ukungasond­elani nonina wengane yakhe bese ethola ukwelulekw­a okugcwele ngoba angagcina esenze into embi angazisola ngayo.

"Sizozama ukuxhumana naye simeluleke sibone ukuthi angasizaka­la kanjani ukuze aphume kule nkinga nokuthi angabhekan­a kanjani nayo ngendlela elungile," kusho uMnu Xaba. Uthi izigameko ezifana nalesi bajwayele ukuhlangan­a nazo.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa