Usebenzisa ukulima ukuzivocavoca
Ukhiqizela ukudla akutshalile labo abathole amathenda okuphakela izikole
USEPHAKELA isikole nezitolo zendawo owesifazane waseGcilima, ngasePort Shepstone, oqale ukulima imifino ngoba efisa ukunikeza umndeni wakhe ukudla okunempilo.
UNkk Ntombifikile Ngeleka (67) otshale iklabishi, i- spinach utamatisi, u-anyanisi, izaqatha, ubhontshisi, u- beetroot nobhanana - ensimini yakhe engamahektha amabili nohhafu, uthole indondo yeBest Sustenance Producer eMnyangweni wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zasemaKhaya KwaZulu-Natal ngo-2016.
ILANGA livakashele emzini wakhe ngeledlule ngenhloso yokubona ukuthi ngabe usaqhubeka yini nomsebenzi wakhe noma usephelelwe ngamandla ngenxa yobudala.
Ekhuluma naleli phephandaba, uthe ukulima kuyimpilo kuyena, ngeke akuyeke njengoba kuyikhona akusebenzisa njengethuluzi lokuvocavoca umzimba wakhe.
“Ngivuka ngehora lesine ngigeze, ngidle bese ngiya ensimini. Umsebenzi mningi kakhulu kanti ukudla kuthi kungakavuthwa kahle, uthole ukuthi abantu sebeyakufuna. Ukukhiqizela abathole amathenda okuphakela izingane ezikoleni, kungijabulisa kakhulu ngoba lokhu kusho ukuthi izingane zethu zizodla ukudla okunempilo.
"Kulezi zingane kukhona ezisuke ziswele ngempela, eziphila ngakho lokhu kudla, manje umthwalo usuke uhleli emahlombe ami ukuba ngizinike ukudla okunempilo,” kusho uNkk Ngeleka. Umkhiqizo wakhe uthi uwudayisela isikole esikhona endaweni, iGcilima Primary nezitolo ezimbili ezisemphakathini kanti okunye kuthengwa yiziguli njengoba abuye adayise emtholampilo wendawo.
“Ngendlela umsebenzi omningi ngayo, sengize ngaqasha abanye besifazane ababili abangilekelelayo kwazise njalo ekuseni kufanele sichelele izitshalo," kusho yena. Uthe nakuba isivuno sakhe salo nyaka siphazamisekile ngenxa yesomiso, kodwa eminyakeni edlule kusebenzeke kahle njengoba imvula ibikhona, ekwazi ukuthola amanzi okuchelela edanyini elisengadini yakhe azakhela lona.
Echaza ngothando lwakhe lokutshala imifino, uthe luqale enguthisha kwesinye sezikole zaseGcilima. “Bekuthi njalo uma ngibuya esikoleni ngenze umsebenzi wasengadini.
"Into ebingenza ngihlale ngigqugquzelekile ukuqhubeka (nokulima), wukubona abantwana bami bedla kahle ukudla okusha njalo futhi okunempilo nokubona umphakathi uwujabulela umsebenzi engiwenzayo futhi ungeseka njengoba belingashoni ilanga ungezanga ukuzothenga engikutshalile,” kusho uNkk Ngeleka.
Uthi ukudla okubalwa kukhona u-anyanisi nezaqathe, akakwazi nokuthi kuyimalini esitolo ngoba akakuthengi, uyazitshalela. Imali ayithola ngomsebenzi awenzayo uthe yiyona emsize ukuthenga umhlaba ongamahektha amathathu azowusebenzisa ukutshala uhlobo olukhethekile lwezihlahla, olwaziwa ngeletea trees.
“Umeluleki wami wezolimo useyihlolile indawo yaphasiswa ukuthi ikulungele ukuba kutshalwe lolu hlobo lwezihlahla," kusho yena.
Uthe lezi zihlahla ziyahluzwa kukhishwe amafutha kuzona, abizwa nge- tea tree oil, asiza ezinkingeni eziningi zesikhumba kanti abanye bayawasebenzisela ukugcoba izinjini zemishini.
"Kunomlungu esengivumelene naye ukuthi uma sengizivunile uzo- zithenga. Lolu hlelo lokutshala lezi zihlahla ngifisa ukuluqala uma kuqala unyaka ozayo,” kuchaza uNkk Ngeleka. Ugqugquzela omama abasenawo amandla okusebenza ukuba bavuke bazithintithe, baqale balime.
“Iningi imakethe kwezolimo, nami ukuba ngasheshe ngalibona leli thuba, ngabe ngikude kakhulu. Uhulumeni unalo uxhaso futhi luningi kulaba abafisa ukulima, ngakho makusetshenzweni. Okuhle ngokulima wukuthi kawudingi ukuba nemali eningi ukuze uqale ngoba izithombo kazibizi futhi namanzi ezindaweni eziningi zasemakhaya kawathengwa, siwathola mahhala,” kusho uNkk Ngeleka.
thandeka.ngobese@ilanganews. co.za