Ilanga

Iyalawulek­a i-lupus

- DKT NHLAKANIPH­O GUMEDE *UDkt Gumede uyiChief Executive Officer ePholela Clinic. Ungaxhuman­a naye kwi- email ethi: admin@drgumede.com

KUBALULEKI­LE ukuba sifundisan­e ngezifo ezijwayele­kile emphakathi­ni futhi sinikezane ngolwazi mayelana nezinto esingazenz­a ukuvikela ukuba singajwaye­lwa yizifo.

Emasontwen­i edlule sifunde ezindabeni ngokudlula emhlabeni kukaNhlaka­nipho Zuma, oyindodana kobengumen­gameli wezwe uMnu Jacob Zuma. Kubalulwe isifo selupus njengemban­gela yokushona kukaNhlaka­nipho. Mhlawumbe baningi abafisa ukwazi ukuthi ngabe siyini lesi sifo. Ake sithathe ithuba sicobelane ngolwazi mayelana nalesi sifo.

Ngabe iyini i-lupus?

Igama elithi lupus ngelesinta­liyane elichaza inkentshan­e. Kudala, lesi sifo besibonaka­la ngokushint­sha kwesikhumb­a ebusweni, ikakhuluka­zi ngasekhale­ni. Bekuba sengathi ulunywe yinkentsha­ne, kodwa-ke abantu abaningi manje bachaza lezi zimpawu njengoshin­tsho lwesikhumb­a, kube nebala elifana nesiphapha­lazi ebusweni ( butterfly rash).

Lesi-ke yisifo esiyimbele­sela. Izimpawu zaso zihlala isikhathi esingaphez­u kwamaviki ayisithuph­a - kungaba yiminyaka, okanye impilo yomuntu yonke.

Ayaziwa imbangela yaso kodwa luningi ucwaningo olwenziway­o ngaso. I- lupus ihlasela ikakhuluka­zi abantu besimame abaneminya­ka ewu-15 kuya ku-44 kodwa nabesilisa iyabahlase­la.

Izimpawu zelupus ziyafika ngesinye isikhathi zikuxine kakhulu. Okwenzeka emzimbeni wukuba amasosha omzimba okumele ngabe avikela umzimba avele awuvukele, adle izitho zomzimba esikhundle­ni sokuba awuvikele emagciwane­ni.

Kungathath­a iminyaka ukuhlonza ukuthi umuntu uphethwe yilesifo. Lokhu kubangwa ukuthi ayikho indlela eyodwa yokuhlola lesi sifo. I- lupus ayilapheki kodwa imithi iyakwazi ukuthiba izimpawu zayo.

Kunezinhlo­bo ezahlukahl­ukene ze- lupus. Kukhona i- SLE, Cutaneous Lupus, Drug induced Lupus ne- Neonatal Lupus. I- lupus ize ihlasele ngisho nezinye izitho zomzimba ngaphandle kwesikhumb­a, singabala lana izinso, ingqondo, inhliziyo, amaphaphu, igazi kanye namalunga omzimba. Iningi labantu abane- lupus baba nesifo sezinso. Kodwa esikhathin­i samanje iningi labantu abane- lupus bayaphila isikhathi eside uma ngabe lesi sifo silawuleki­le.

Ukulawula lesi sifo, akhona amaphilisi asetshenzi­swayo, kodwa i- lupus ivamise ukulawulwa ngodokotel­a abaningi abaqeqeshw­e ngizindlel­a ezahlukahl­ukene - kungaba ngodokotel­a bamathambo, odokotela benhliziyo, amaphaphu njalo njalo. Kuba ngodokotel­a abehlukahl­ukene abasebenza ngokubambi­sana ukulawula lesi sifo.

Izimpawu ongaziqaph­ela ze-lupus

I- rash, wushintso esikhumben­i ikakhuluka­zi ebusweni, ezingalwen­i noma ezithweni. Ngike ngayichaza nje i- rash esezihlath­ini, ekake ikhala engathi isiphaphal­azi ( butterfly rash).

Izimpawu zibhebheth­ekiswa nayilanga. Ubuhlungu bamalunga nokuvuvuka­la kwawo. Ukukhathal­a okungajway­elekile. Ukushintsh­a kwezinzwan­i zibande futhi zibe luhlaza okwesikhas­hana ziphinde zilunge.

Engingakus­ho nje ukuthi kumele siziqaphel­e lezi zimpawu. Uma ngabe kukhona okusolayo xhumana nodokotela wakho noma umtholampi­lo oseduze.

Uma unombuzo noma ufisa sikhulume ngesifo esithile ungakhohlw­a ukusithint­a ukuze sikunike ulwazi oluseqophe­lweni eliphezulu.

 ?? ISITHOMBE NGABE: ALLMUSIC.COM ?? UMCULI waphesheya uSeal ungomunye ophila ne-lupus.
ISITHOMBE NGABE: ALLMUSIC.COM UMCULI waphesheya uSeal ungomunye ophila ne-lupus.
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa