Izikhulu zePSL neze-Ajax enkantolo
Kubhekeke ukuba amajaji ahlahle indlela
KUZOPHITHIZELA izikhulu zikanobhutshuzwayo namuhla ngoLwesine eNkantolo eNkulu yaseGauteng njengoba kuzolalelwa izicelo ezimbili ngokwahlukana ngodaba oluphakathi kwePremier Soccer League (PSL) ne-Ajax Cape Town esolwa ngokudlalisa uTendai Ndoro ngokungemthetho.
Kuzokuthi namuhla ngo-9 ekuseni, kulalelwe isicelo sePSL sokuphonsela inselelo isinqumo seJaji uDenise Fisher sokubuyisela i-Ajax wonke amaphuzu ebiphucwe wona ngu-Advocate William Mokhari ongumahluleli weSouth African Football Association (Safa) oshovele i-Urban Warriors ehlathini.
UMokhari uphuce i-Ajax amaphuzu ewathole emidlalweni okudlale kuyona uNdoro, okwenze yashoveleka kwiNational First Division (NFD). Isinqumo sikaFisher sibeke i-Ajax endaweni ka-15 kwi-log, okuchaza ukuthi yiyona okumele idlale imidlalo yokuhlunga. Udaba lwePSL luzokube luhlalelwe nguyena uFisher.
Ngo-11h30 khona belu namuhla, kuzolalelwa isicelo seAjax efuna kumiswe ukuqala kwemidlalo ye-Absa Premiership okuhlelwe ukuthi iqale ngempelasonto ezayo. Lolu daba luzosingathwa yiJaji uPhanuel Mudau. UMudau bekumele aluhlalele ngoLwesibili lolu daba, kodwa waphakamisa ukuba lusingathwe ngemuva kokuhlalelwa kwesicelo sePSL.
I-PSL imincele ukuba uFisher avume ukuthi siphonselwe inselelo isinqumo sakhe, okungaholela ekutheni lolu daba luhlalelwe ngamajaji amathathu. Le nhlangano ithandazela ukuthi amajaji amathathu achithe isinqumo sikaFisher, okuzobe kutolikeka ngokuthi sisamile isinqumo sikaMokhari sokuwundula amaphuzu e-Ajax. Mhla ka-2 kwephezulu, uFisher uchithe isinqumo sikaMokhari wase ephakamisa ukuba lolu daba luyiswe kwiFifa’s Player Status Committee. AmaZulu FC akubheke ngabomvu okuzokwenzeka njengoba ephume kwi-top 8 ngenxa yesinqumo sikaMokhari. USuthu lufuna ukungachaphazeleki ngamacala e-Ajax.