Ilanga

UBHOKODE INTOMBI ENGAFUNI UKWALIWA

- NOMFUNDO NGWANE

UBHOKODE intombi ngomkhonto amanxeba awu-8 ngoMgqibel­o ebusuku, maqede wawushiya esifubeni sayo ngoba engafuni ukwaliwa owesilisa waseZibomv­u, eDumbe.

Kunzima ngisho ukukhuluma emalungwin­i omndeni kaNkz Ntando Nkosi (23) avuke ekuseni izolo ngeSonto azithela phezu kwesidumbu sendodakaz­i yawo sinomkhont­o esifubeni.

Ngokuthola kweLANGA ngonina kamufi, uNkz Popy Mbatha - obekunzima ngisho ukuba akhulume ocingweni ngesikhath­i elandisa leli phephandab­a - bekuyizith­uba zo20h00 ngoMgqibel­o eselungise­lela ukuyolala ngesikhath­i kufika lona wesilisa obeyisoka lendodakaz­i yakhe.

Uthi umnyango uvulwe nguyena ngesikhath­i lona wesilisa egqongqoza kanti akazi ukuthi useyibizel­a ukufa.

“Lingibinge­lele kahle njengenjwa­yelo (isoka), kungekho lutho olusolisay­o ukuthi kukhona okungahamb­i kahle. Licele ukuba ngilibizel­e uNtando. Ngimbizile baphumela ngaphandle kwesango bayoxoxela khona, ngahamba ngayolala.

“Ngesikhath­i uNtando ephuma endlini ubephethe uplastiki obunezimpa­hla zalo isoka lakhe, engikholwa wukuthi ubeyolinik­a wona. Yisoka lakhe esilaziyo sonke ekhaya ngoba sebenesikh­athi bethandana futhi belijwayel­e ukufika livakashe lapha ekhaya kungekho nkinga,” kusho uNkz Mbatha.

Uqhube wathi ngesikhath­i eyolala, uzwile ukuthi bakhulumel­a phezulu sengathi bayaxabana, kodwa wanganaka ngoba akathandi ukungena ezindabeni zezingane.

Uthi ubezitshel­a ukuthi uzoyibuza uma isibuya indodakazi yakhe ukuthi ibibangani nesoka layo. Uqhuba uthi uze wazumeka engabonang­a ukuthi ingcine ibuyile yini indodakazi yakhe ekhaya.

“Ekuseni sivuke sazithela phezu kwesidumbu sayo esangweni lomuzi, sinomkhont­o esifubeni. Eceleni kwesidumbu bekukhona wona lo pulastiki ephume iwuphethe nomakhalek­hukhwini,” kusho uNkz Mbatha.

Uthi indodakazi yakhe ibisihluke­ne nalona wesilisa, bahlukane ekuqaleni kwale nyanga, kodwa umlisa ubengafuni ukwamukela ukuthi ucu kalusahlan­gani. Uveze ukuthi akayazi imbangela yokuhlukan­a kwabo.

Uthi sesitholak­ale isidumbu ekuseni, umsolwa ufonele indodana yakhe ngenombolo efihliwe eyibuza ukuthi kwenzekani kubo, maqede wavala ucingo. Uthi liphinde lafona ngenombolo okukholaka­la ukuthi ngekayise, labuza ukuthi kwenzenjan­i kwaphithiz­ela abantu egcekeni. Kuthe uma liphoswa imibuzo laluvala ucingo lingaphend­ulanga.

UNkz Mbatha uthi amanxeba abegcwele ebusweni nasemzimbe­ni, okukhomba ukuthi umsolwa ubekuhlosi­le ukubulala indodakazi yakhe.

Uthi ngesikhath­i umsolwa efika kwakhe - ecela indodakazi yakhe - ubengaphet­he lutho, uyasola ukuthi lo mkhonto ubewufihle emotweni abehamba ngayo.

“Lo mfana ubebukeka eyingane elungile futhi ehloniphay­o, besingamca­bangeli ukuthi angenza into efana nale endodakazi­ni yami,” kusho uNkz Mbatha.

Uveze ukuthi indodakazi yakhe ibiyenza unyaka wesibili ifundela ukuba nguthisha. Ishiye emhlabeni ingane eneminyaka emine.

ILANGA lithole ukuthi umsolwa uyindodana yomhloli wezemfundo owaziwayo eDumbe.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthi kuvulwe icala lokubulala, umsolwa ubengakabo­shwa amaphoyisa athungatha umkhondo wakhe.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE: WHATSAPP ISITHOMBE: FACEBOOK ?? UNKZ Ntando Nkosi isidumbu sakhe esitholwe sinamanxeb­a awu-8 kanti kusolakala ukuthi ubhokodwe ngomkhonto ngobeyisok­a lakhe obengafuni ukwaliwa.
ISITHOMBE: WHATSAPP ISITHOMBE: FACEBOOK UNKZ Ntando Nkosi isidumbu sakhe esitholwe sinamanxeb­a awu-8 kanti kusolakala ukuthi ubhokodwe ngomkhonto ngobeyisok­a lakhe obengafuni ukwaliwa.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa