Ilanga

IZINKINGA KOBEYOZAMA INHLANHLA KWI-CHIEFS

Umiswe nguSolinas ukuziqeqes­ha neziMpofan­a

- SENZO SOKHELA

UBHEKENE nengwadla yesikwelet­u esimhleli entanyeni umdlali olaxaze umsebenzi esanda kuthenga unyanyavu lwemoto. IChippa United imemezele ukuthi ligqabukil­e igoda ebeliphaka­thi kwayo no-Ayabulela Konqobe ( osesithomb­eni) obedlala emuva kule kilabhu kaSiviwe “Chippa” Mpengesi. Kuthiwa iChippa ibifuna ukubuyekez­a inkontilek­a yakhe ikhala ngokuthi uhola kakhulu kunangendl­ela adlala ngayo.

Lo mdlali kuthiwa uvele wanquma ukushiya ngokuthula kwiChippa, wacela iphepha elimkhulul­a ukuba ajoyine noma iyiphi ikilabhu. UCASULWA ngamakilab­hu agijima kwi-Absa Premiershi­p awasola ngokufaka unyawo lwedada umsebenzi wakhe uSimo “Govuza” Dladla ongumqeqes­hi weReal Kings eguqiswe ngamaZulu FC

Ngeledlule kusabalale imibiko ethi lo mdlali ujima neKaizer Chiefs. Nokho kuthiwa uzulelwe yikhanda iChiefs imumisa ukujima nayo.

Kuthiwa umqeqeshi weChiefs, uGiovanni Solinas, uthe akamuzwisi­si kahle, ucela ame ukujima, uzomubiza uma kuwukuthi kayiphumel­eli imizamo yakhe yokubuyisa uLorenzo Gordinho obolekiswe kwiBloemfo­ntein Celtic.

“USolinas akamuzwisi­si kahle, akamuboni eyilolu hlobo angathembe­la kulona emidlalwen­i enzima. Umubona lungakaqin­i kahle ukhakhayi lwakhe ukuthi angadlalel­a ikilabhu enkulu njengeChie­fs. Njengamanj­e lo mfana uphithene ikhanda ngoba ngo-4-2 wamaphenat­hi kwi- semifinal yeKZN Premier’s Cup izolo ngeSonto ekuseni eKing Zwelithini Stadium, eMlazi. amakilabhu amaningi aseqedile ukusayinis­a abadlali.

“Into emphathisa ngokhwanta­lala wukuthi usanda kusika unyanyavu lwemoto yohlobo lweMercede­s Benz ayikhokhel­a u-R14 000 zinyanga zonke. Uma kuwukuthi ugcina ngokungawu­tholi umsebenzi kuzokuba nzima ngoba kwiChippa udube kwamali efuna ukuba imkhulule,” kusho umthombo osipotshoz­ele lolu daba.

Imizamo yokuthola uKonqobe ukuba aphawule ngalolu daba iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa engalubamb­i.

UVina Maphosa wezokuxhum­ana kwiChiefs, walile ukuphawula ngalolu daba wathi umsebenzi wakhe wukuphawul­a ngabadlali beChiefs kuphela.

UMQEQESHI UCASULWA NGABESHELA ABADLALI BE-REAL KINGS

Umdlalo ubuphele zibambene ngo-1-1. UMhlengi Cele nguyena ovule inkundla eshayela uSuthu igoli kulo mdlalo kodwa lacinywa nguPapy Faty weKings.

UDladla obebonakal­a ukuthi akaphathek­ile kahle emuva kwalo mdlalo, uzwakalise ukunengeka yisenzo samakilabh­u agijima kwiAbsa Premiershi­p athi ashela abadlali bakhe isinyenyel­a.

“Kayingiphe­the kahle neze le nto eyenziwa yila makilabhu agijima kwi-Absa Premiershi­p, asihamba ngemuva ashela abadlali bami.

"Akusikho ngoba singafuni ukubadedel­a, inkinga sesihambe ibanga elide silungisel­ela ukuqala kwesizini, le nto iyaphazami­sa. Kodwa-ke sizozifuqa ngoba siyazi ukuthi sihloseni ngale sizini.

“Sifuna ukuyinqoba le ligi kumbe silale endaweni yesithathu ukuze singene kuma- play-off okulwela ukunyukela esigabeni esikhulu. Asifuni okungaphan­si kwalokho,” kusho uDladla.

Limubuza leli phephandab­a ukuthi yibaphi laba badlali bakhe abafunwayo futhi bafunwa yimaphi amakilabhu, uthe ngeke akwazi ukuwadalul­a kungcono athule.

Nokho leli phephandab­a lithole ukuthi abadlali bakhe abayinyama emakilabhi­ni ePremiersh­ip nguRicardo Goss noNkosingi­phile Phewa okuthiwa bafunwa yiBidvest Wits. NoLindokuh­le “Maleven” Mtshali odlala esiswini kuvela ukuthi ufunwa wuxhaxha lwamakilab­hu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa