Ilanga

Kufezeke iphupho kumlingisi weMbewu

UGugu uthi kubaluleki­le ukuzithuth­ukisa ngolwazi kule mboni

- SAZI KASIPHO MAJOLA sazim@ilanganews.co.za

IBONA kubaluleki­le ukuhlale ufuna ulwazi uma ukwezikaqe­disizungu intokazi elingisa emdlalweni ongene ngesivinin­i kubathandi bemidlalo ewuchungec­hunge kumabonaku­de, iMbewu: The Seed.

Lo mdlalo ukhonjiswa ngo21h30 kusukela ngoMsombul­uko kuya kuLwesihla­nu ku-e.tv. UGugu Mzobe (osesithomb­eni) odlala indawo kaNomusa onguweta wase-Emsamo kulo mdlalo, uthi ngenxa yokuthi into eyithalent­e ihamba ithande “ukugqwala”, kubaluleki­le ukuba umuntu ahlale efuna ulwazi oluzokwenz­a angehlelwa yizinga.

Le ntokazi yaKwaMashu iqale ukuzihlang­anisa nezikaqedi­sizungu ineminyaka ewu-11 ubudala, esikoleni samaciko, iK-Cap kaEdmund Mhlongo. Ithi kulokho kufuna ulwazi, kubaluleki­le nokuba umuntu athole isicucu semfundo futhi osenaso kakusho ukuthi ame, makaqhubek­e nemfundo. Yona ineziqu ezithole eWits University nesitifike­ti sePerformi­ng Arts esithole e-K-Cap.

Yize uGugu engumlingi­si futhi eyintokazi yaselokish­ini, kodwa uma ekhuluma nabantu abadala kunaye, ukhombisa ukubahloni­pha njengoba engxoxweni yakhe neLANGA, ubengaling­i agaklaze amagama ozakwabo abadala kunaye - ubebabiza ngomam’ Leleti (Khumalo) odlala indawo kaMaZulu oyinkosika­zi kaZimele Bhengu (Mpumelelo Bulose), ubhuti Mpumelelo, umam’ Thembi (Mtshali) odlala indawo kaMaNdlovu ongunina kaZimele - njalo njalo.

“Kubaluleki­le ukusebenza kanzima uma ukule ndima futhi ubekezele. Kumele ufunde, wenze amakhozi amafushane kwazise ngisho isitifiket­i esincane nje (semfundo) sisho lukhulu.

"Ukulingisa, angithi nje yinto eyithalent­e ihamba igqwale, ngakho-ke kuyasiza ukuhlale uyilekelel­a ngemfu- ndo nokuthola ulwazi olusha. Okungisiza­yo mina wukuthi abantu engibukela kubona baseduze. Ngibukela kumam’ Leleti, usisi Brenda Mhlongo, umam’ Thembi.

"Ngiphinde ngibe nabangani-ke kulo mkhakha esisizanay­o nabo kakhulu,” kusho le ntokazi esibuya emazweni aphesheya - okubalwa kuwona neFrance - ngawo umsebenzi wokulingis­a.

Ithi kwabanye babangani bayo egqugquzel­ana nabo kulo mkhakha, nguSamke Mkhize odlala indawo kaMabuyi kwiSibaya, noNtokozo Mzulwini odlala indawo kaLindiwe kwiMbewu.

UGugu uthi esikhathin­i esizayo uzibona ekhula yena njengoGugu futhi ufisa ukuba umlingiswa wakhe (uNomusa) akhule kwiMbewu. “Ngifisa ukuba uNomusa akhule. Kuthi uma kukhulunyw­a kuthiwe yile ntombazane eyayizizam­ela inguweta Emsamo kodwa esikhulile, isiseMaluj­u Oil (okuyinkamp­ani enkulu kulo mdlalo).

"Ngizizwa ngithobeki­le ngokuseben­za nabantu okubalwa kubona umam’ Leleti, umam’ Thembi, ubhuti Mpumelelo ngisho nobab’ (Duma) Ndlovu (ongumsungu­li walo mdlalo). Empeleni nje, kufana nokufezeka kwephupho lami ukuba kwiMbewu kwazise ngikhumbul­a ngiseseK-Cap, ubaba uNdlovu wake wafika khona, ngamtshela ukuthi ngiyafisa ukusebenza naye ngelinye ilanga,” kusho le ntokazi. Ithi bese siside isikhathi izama inhlanhla emidlalwen­i kamabonaku­de kodwa kungalungi, nokho itshele ILANGA ukuthi lokho kakuyidiki­balisanga kwazise ibisebenza ngokuzinik­ela. Ngaphandle kokuba ngumlingis­i, uGugu ungumdansi oseqophelw­eni eliphezulu futhi ungumbhali njengoba engomunye wababhali abahlangan­ise incwadi yezindaba ezimfushan­e, ethi “Slices of France and South Africa”. Udlale emidlalwen­i eminingi yeshashala­zi yaseK-Cap, okubalwa kuyona iChief Albert Luthuli Musical, iBayede Shaka, iMadam President, iHow Long neJohny Makhathini. Utshele ILANGA ukuthi wesekwa kakhulu wumndeni wakhe kanti nabantu bangakubo bakhombisa ukumeseka futhi bayamjabul­ela ngempumele­lo yakhe.

 ??  ??
 ??  ??
 ?? IZITHOMBE ZITHUNYELW­E ?? UYINTOKAZI yamakhono amaningi uGugu Mzobe weMbewu njengoba engumdansi wezinga eliphezulu futhi engumbhali.
IZITHOMBE ZITHUNYELW­E UYINTOKAZI yamakhono amaningi uGugu Mzobe weMbewu njengoba engumdansi wezinga eliphezulu futhi engumbhali.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa