"Untshontshe" izinkomo wayolobola
Kuthiwe abakhongi bazobuye balandele
AKHUZA ayababaza amalungu omphakathi waseSigedleni, eNdwedwe, ngowesilisa okuthiwa untshontshe izinkomo ngoLwesine lomhla ka-12 kule nyanga wayolobola ngazo ekhweni lakhe engabatshelanga.
Lezi zinkomo kuthiwa zilandwe kulo muzi ngeSonto lomhla ka-22 kwephezulu lona wesilisa - esingeke simdalule okwamanje aze acashunwe ngabakwasidlodlo, avele enkantolo - abeselobole kuwona, okhona eNdwedwe.
ILANGA lihabule ngomthombo walo ukuthi izinkomo beziqhutshwa ngabafana abahambe bayozishiya ekhweni likamsolwa, kwathiwa abakhongi bazolandela ngeSonto layizolo.
Umthombo uthi abasekhweni likamsolwa bashaye amakhala ngenxa yokuthi bebengazi lutho ngezinkomo, babone sezitheleka nabafana abashiye umyalezo wokuthi abakhongi bazofika ngeSonto.
Umthombo uthi lokhu kuwusolisile umndeni, wabe usunikela emaphoyiseni uyobika. ILANGA lithole ukuthi izinkomo bezebiwe emzini wakwaMbambo, khona eNdwedwe.
“Lezi zinkomo zebiwe zisemadlelweni, amalungu omphakathi abe esehlangana kwalandelwa umkhondo, kwathintwa namaphoyisa abhekene nokwebiwa kwemfuyo.
“Umkhondo ugcine uwaholela komunye umuzi okhona lapha eNdwedwe, lapho kuvele khona ukuthi bekuyolotsholwa ngazo.
“Okufike kwadida lo mndeni obekuyolotsholwa kuwona, wuku- thi ubungabikelwanga nanokuthi kuza abakhongi. Nami ngingaka nje, kangikaze ngiyizwe le nto.
“UMnu Mbambo (owalile negama lakhe), ongumnikazi wezinkomo, uzilandile eziwu-5 ehamba namanye amalungu omphakathi abelandela umkhondo,” kusho umthombo.
UMnu Mbambo uvumile ukuthi uzitholile izinkomo zakhe eziwu-5 ebezebiwe. Uthi uthole umbiko emaphoyiseni mayelana nazo. Induna yaseSigedleni, uMnu Gayigayi Mngadi, uthe udaba lokwebiwa kwezinkomo lubikiwe kuyena.
Ibonge ukubambisana phakathi komphakathi namaphoyisa abhekene nokwebiwa kwemfuyo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbhele, uthe likhona icala lokwebiwa kwemfuyo elivuliwe kanti umsolwa usagcwele amathafa.
“Ngokombiko otholwe ngamaphoyisa, umsolwa uqhube izinkomo wacela ukubekelwa zona kulo muzi ngoba ethi uzobuyela khona ngesonto elilandelayo eyolobola. Kube sekuthintwa amaphoyisa ngoba kukhona okusolisayo ngazo izinkomo,” kusho yena.