IMEYA IZIMISELE NGOKUBUYISA ISITHUNZI SIKAMASIPALA
IYAVEVA ngomthwalo osemahlombe ayo wokubuyisa isithunzi sikamasipala wayo, ethi sihudulelwe odakeni ngoKlebe iMeya yaseAlfred Nzo, e-Eastern Cape, uMnu Sixolile Mehlomakhulu.
Ikuveze lokhu engxoxweni ekhethekile neLANGA emuva kwesimemezelo seNkantolo yeMantshi yaseMount Ayliff, sokuhoxiswa kwamacala enkohlakalo ka-R 300 million ebibhekene nawo yona nezinye izisebenzi zikamasipala wayo.
Inkantolo ikhiphe lesi sinqumo ngoLwesibili olwedlule emuva kokuba oKlebe becele ukuba icala liphinde lihlehliswe okwesihlanu ngenxa yokuthi kunobufakazi obusadingeka. Nokho oKlebe bathi uma lobo bufakazi ababuzingelayo butholakala, icala lizobuyela enkantolo, kaliphelile.
Izisebenzi eziwu-8 zalo masipala - okunguNkz Thembisa Manciya, uMnu Zuko Mani, uMnu Mawethu Mtengwana, uMnu Sifiso Ntanga, uMnu Nkosinathi Gule, uNkz Miranda Matubatuba, uMnu Xolisa Masiza noMnu Luyolo Fokazi obeyimenenja yezemali kulo masipala - ziboshwe nosomabhizinisi wendawo, uMnu Unathi Mantanga, ngoJanuwari kulo nyaka emuva kwezinsolo zokuthi bakhiphe amathenda okufakwa kwamanzi ezindaweni ezehlukene eMatatiele, eMbizana naseMzimvubu ngokungemthetho.
Zidelelwe ngebheyili ephakathi kuka-R 8 000 no-R 10 000 ngokwahlukana kwazo.
Ekhuluma neLANGA uMnu Mehlomakhulu, uthe inhloso yalokhu (kuboshwa kwezisebenzi) bewukudicela phansi isithunzi sikamasipala wakhe nobuholi beAfrican national Congress (ANC) besifunda, angusihlalo wabo.
“Nakuba icala lihoxisiwe, okubuhlungu nje ihlazo lisahleli phezu kwamahlombe ethu njengoba ngesikhathi kuboshwa izisebenzi zikamasipala wami, kubizwe izintatheli zemisakazo, amaphephandaba nomabonakude baseNingizimu Afrika.
Uma selihoxa icala, kakukho neyodwa intatheli ebiziwe ukuba icacise ngokungabikhona kobufakazi koKlebe,” kusho uMnu Mehlomakhulu.
Uthi wazi kahle ukuthi konke lokhu kusukela odabeni lwengqungquthela ye-ANC ebiseNasrec, eGoli, kusukela mhla ka-16-20 kuDisemba ngonyaka odlule, kwazise isifunda sabo besiyingxenye yezimemezele ukungahambisani nobuholi be-ANC bukazwelonke (obebuholwa nguMnu Jacob Zuma).
“Ukusukela lapho, kube nomasipala abalandelwayo befakwa nga- phansi kwengcindezi ngenhloso yokudicilela phansi isithunzi sabaholi babo,” kusho uMnu Mehlomakhulu.
Uthi nakuba engeke agagule amagama abantu kodwa ukuboshwa kwezisebenzi zakhe kube wukusebenzisa budlabha amandla kwehhovisi loKlebe abalethembeyo, lisetshenziswa ngosopolitiki.
“Kumanje umthwalo wokubuyisa isithunzi sikamasipala wami usemahlombe ami ngoba usuwaziwa njengonuka phu inkohlakalo, kodwa-ke siyajabula ukuthi iqini- so livelile futhi sibonga izakhamizi zendawo yethu ngokusibekezelela zilinde umphumela wenkantolo,” kusho uMnu Mehlomakhulu.
Uthe lolu daba usazoluxoxa nobuholi be-ANC e-Eastern Cape, babheke izindlela zokuthi umasipala nezisebenzi okungcoliswe amagama azo sibuyiswa kanjani isithunzi sazo.
“Besivele sishilo ukuthi kawukho u-R 300 million owehliswe ngomlenze kepha wuhlelo lokukhishwa kwamathenda olungahambanga ngendlela,” kusho yena.
Okhulumela iNational Prosecuting Authority (NPA) e-Eastern Cape, uMnu Luxolo Tyali, uthe icala kalichithwanga kepha lihoxisiwe ngoba kusenophenyo olwenziwayo okuzothi uma butholakala lobo bufakazi, libuyele enkantolo.
Ufakazelwe nanguMnu Hangwani Mulaudzi, okhulumela oKlebe kuzwelonke, othe abantu mabangayihlanganisi nepolitiki le ndaba ngoba icala lizobuyela enkantolo.
“Ngeke sibavimbe osopolitiki ukuba bakhulume abakukhulumayo kodwa mina ngizokubeka kucace ukuthi laphaya sibophe izisebenzi zikamasipala ezingahlangene nepolitiki, kepha kunezinto ezingenzekanga kahle ekukhishweni kwamathenda nokuxhashazwa kwemali yabakhokhi bentela,” kusho uMnu Mulaudzi.
Uthi icala lona kaliphelanga futhi liyaphenywa kodwa ngenxa yokuthi lingelinye lamacala abucayi kakhulu, kuyenzeka kube namagebe futhi nabo kakubaphathi kahle lokho.