Ilanga

Ungqongqis­we ngamathayi osolwa ngokubulal­a

Umufi akabuyanga esikoleni

- CEBO BUTHELEZI

USHAYWE wabulawa maqede wagaxwa amathayi entanyeni, wokhelwa ngomlilo owesilisa waseMaceka­ne, eMpangeni, obesolwa ngokubulal­a intombazan­e isidumbu sayo esitholwe ngoLwesith­athu olwedlule emuva kokuba inyamalale ngoMsombul­uko.

UMnu Lindokuhle Mthembu (23), obesolwa ngokubulal­a uSphelele Mbatha (23), kuthiwa ubesegcwel­e izinkalo ebaleka, njengoba umphakathi uze wamthola ngabo-18h00 ngoLwesihl­anu eMatshana, khona eMpangeni.

Ngesikhath­i etholakala, umphakathi umthelekel­e ngenduku waze washona, wamgaxa amathayi wamshisa wangqongqa.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngoLwesine ILANGA libikile ngokubulaw­a kukaSphele­le, okuthiwa uklinywe ngothayi.

Kuthiwe ubephume kubo ethi uya esikoleni , eQhamuka High, kodwa wangabuya. Kuthiwa umsolwa wone ngokushiya ophaqa bakhe endaweni yesigameko kwase kusetshenz­iswa bona ukulandela umkhondo.

UMnu uSipho Ntombela oyikhansel­a ku-ward 31 ngaphansi kukaMasipa­la uMhlathuze, uthe: “Ngifike kanye namaphoyis­a esevutha (umsolwa). Umphakathi umthole eMatshana lapho abebalekel­e khona njengoba ebefunwa usuku lonke.”

Uthi umsolwa ugcwale amathafa emuva kokusolaka­la ukuthi nguyena ogile lo mkhuba. Uthayi okuthiwa usetshenzi­swe ukuklinya uSphelele umnyama, ngowakwesi­nye isikole esingasedo­lobheni eMpangeni kanti owaseQhamu­ka ubomvu.

Kulo muzi okuhlala kuwona umsolwa, kunomfanya­na ofunda kulesi sikole sothayi omnyama, okhale ngokuthi umdukele kade wawugcina.

Okhulumela amaphoyisa aseMpangen­i, uCapt uMbongeni Mdlalose, uthe umsolwa ubanjwe wumphakath­i wamshaya waze wafa.

“Amaphoyisa asevule icala lokubulala, uphenyo luyaqhubek­a. Uma umuntu ebulewe wumphakath­i kakulula ukuba kuboshwe bonke abantu endaweni, kodwa lowo ozogcina etholakala ukuba abekwe icala. Lokho kuzokwenze­ka njengoba amaphoyisa eqhubeka nophenyo,” kusho uCapt Mdlalose.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa