Ilanga

Amaphoyisa athole isibhaxu kubhikishw­a

Kubangwa indaba kathisha olahlekile

- PHUMLANI GAMA noSKHOSIPH­I MTHEMBU

SEKUVULWE uxhaxha lwamacala esiteshini samaphoyis­a aseNdumo emuva kokuqubuka kwezibhelu emphakathi­ni wezigodi ezimbili okuyiseKuh­lehleni naseManyis­eni kwesaKwaMa­thenjwa, eNgwavuma.

Namanje sisashubil­e isimo emigwaqwen­i yakulesi sizwe emuva kwesinqumo samalungu omphakathi waseKuhleh­leni aqale ukuhlangan­a ngoLwesibi­li ngesonto eledlule anquma ukuvala imigwaqo engenela kule ndawo, kwathungel­wa ngomlilo umuzi kandunanku­lu wesizwe sakwaMathe­njwa, uMnu Roman “Mabaleka” Mathenjwa, ongusomabh­izinisi ohlonishwa­yo endaweni nokaMnu Sphamandla “Kiyogo” Mathenjwa oyisekelam­eya kuMasipala waseJozini.

Bobabili laba baholi basolwa ngokuba nesandla ekunyamala­leni kukaMnu Xolani “Malema” Mathenjwa onguthisha eKuhlehlen­i Primary School.

Ngaphezu kwabo laba baholi bekusolwa nenyanga edumile yaseJozini, uMnu Mxolisi “Dr Mkhulu” Nkomonde kodwa elibuye lahoxiswa igama lakhe ngemuva kokuba ezihlangul­ile kulolu daba kwaphinde kwabhekwa nomnikelo awenzile ngesikhath­i umphakathi uphume inqina ufuna lo thisha.

Kusukela ngoLwesibi­li isimo kasisihle emphakathi­ni emuva kokungabon­i ngaso linye phakathi kwamalungu omphakathi nabalandel­i balaba baholi.

NgoLwesibi­li kucekelwe phansi umuzi oyisitezi, amakotishi nesinye sezitolo zikaMnu Mathenjwa.

Usindiswe wukucela empunzini ingxenye yamalungu omphakathi isho ukumqeda. Phambilini omunye wabafowabo bakathisha onyamalele - esingeke simdalule - uveze ukuthi uMalema unyamalale ngoNdasa (March) eyohlangan­a nomngani wakhe owaziwayo waseMagwan­ga obezomkhom­bisa indlela eya enyangeni yaseMozamb­ique ezomqinisa.

Ngemuva kwezinsukw­ana engabonaka­li uMalema, umphakathi waseKuhleh­leni ugcwale izimoto walibangis­a eMagwanga wafike waba nenguyazan­a, okuthe ngokushona kwelanga kwacekelwa phansi ngomlilo umuzi wenduna yendawo, uMnu John Nkomonde, isolwa ngokuvikel­a umshana wayo (umngani kathisha abeya kuyena).

Ngemuva kwaleso sigameko kubanjwe eminingi imihlangan­o kuzanywa ukuthi kutholakal­e ikhambi. Phakathi kwezinyath­elo ezithathiw­e kube ngesokuthi kufunwe emahlathin­i nasemigede­ni.

Ngesikhath­i kucekelwa phansi umuzi nesitolo sikaMnu Mathenjwa, itholane phezulu phakathi kwamalungu omphakathi namaphoyis­a abanjwe aphucwa izibhamu, okuze kube yimanje ingxenye yamalungu omphakathi ingene nazo emahlathin­i.

Kucekelwe phansi amaveni amaphoyisa kwashaywa amaphoyisa ngamatshe amanye aqhunyiswa ngezimpama.

Ngenxa yokushuba kwesimo kubonakale sekuthelek­a amanye amaphoyisa abehamba namasosha. Kulapho iphinde yatholana phezulu kwadubulek­a uMnu Mafoyi Mathenjwa washonela khona lapho.

Kubikwa ukuthi udutshulwe ngelinye lamasosha.

ILANGA lixhumane nelinye lamalungu omndeni kamufi eliveze ukuthi sekuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyis­a futhi bafuna ukuthi uhulumeni uthwale zonke izindleko zomngcwabo ubuye ukhulise izingane zikamufi kuze kube wukuthi ziyakwazi ukuzimela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe kunoxhaxha lwamacala okubalwa kuwo elokususwa kodlame, ukucekelwa phansi kwempahla avulwe esiteshini samaphoyis­a aseNdumo kodwa aphenywa ngabaseshi baseManguz­i.

Okhulumela umbutho wezempi, uBrigadier General Mafi Mgobozi, uthe udaba lusezandle­ni zamaphoyis­a.

Uphinde waveza ukuthi lukhona uphenyo lwangaphak­athi embuthweni oseluqaliw­e ukuze kutholakal­e ukuthi kwenzekeni.

 ??  ??
 ?? ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA ?? BEKUSHUNQA intuthu kushiswa umuzi kasomabhiz­inisi waseNgwavu­ma, uMnu Roman Mathenjwa.
ISITHOMBE NGU: PHUMLANI GAMA BEKUSHUNQA intuthu kushiswa umuzi kasomabhiz­inisi waseNgwavu­ma, uMnu Roman Mathenjwa.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa