Amaphoyisa athole isibhaxu kubhikishwa
Kubangwa indaba kathisha olahlekile
SEKUVULWE uxhaxha lwamacala esiteshini samaphoyisa aseNdumo emuva kokuqubuka kwezibhelu emphakathini wezigodi ezimbili okuyiseKuhlehleni naseManyiseni kwesaKwaMathenjwa, eNgwavuma.
Namanje sisashubile isimo emigwaqweni yakulesi sizwe emuva kwesinqumo samalungu omphakathi waseKuhlehleni aqale ukuhlangana ngoLwesibili ngesonto eledlule anquma ukuvala imigwaqo engenela kule ndawo, kwathungelwa ngomlilo umuzi kandunankulu wesizwe sakwaMathenjwa, uMnu Roman “Mabaleka” Mathenjwa, ongusomabhizinisi ohlonishwayo endaweni nokaMnu Sphamandla “Kiyogo” Mathenjwa oyisekelameya kuMasipala waseJozini.
Bobabili laba baholi basolwa ngokuba nesandla ekunyamalaleni kukaMnu Xolani “Malema” Mathenjwa onguthisha eKuhlehleni Primary School.
Ngaphezu kwabo laba baholi bekusolwa nenyanga edumile yaseJozini, uMnu Mxolisi “Dr Mkhulu” Nkomonde kodwa elibuye lahoxiswa igama lakhe ngemuva kokuba ezihlangulile kulolu daba kwaphinde kwabhekwa nomnikelo awenzile ngesikhathi umphakathi uphume inqina ufuna lo thisha.
Kusukela ngoLwesibili isimo kasisihle emphakathini emuva kokungaboni ngaso linye phakathi kwamalungu omphakathi nabalandeli balaba baholi.
NgoLwesibili kucekelwe phansi umuzi oyisitezi, amakotishi nesinye sezitolo zikaMnu Mathenjwa.
Usindiswe wukucela empunzini ingxenye yamalungu omphakathi isho ukumqeda. Phambilini omunye wabafowabo bakathisha onyamalele - esingeke simdalule - uveze ukuthi uMalema unyamalale ngoNdasa (March) eyohlangana nomngani wakhe owaziwayo waseMagwanga obezomkhombisa indlela eya enyangeni yaseMozambique ezomqinisa.
Ngemuva kwezinsukwana engabonakali uMalema, umphakathi waseKuhlehleni ugcwale izimoto walibangisa eMagwanga wafike waba nenguyazana, okuthe ngokushona kwelanga kwacekelwa phansi ngomlilo umuzi wenduna yendawo, uMnu John Nkomonde, isolwa ngokuvikela umshana wayo (umngani kathisha abeya kuyena).
Ngemuva kwaleso sigameko kubanjwe eminingi imihlangano kuzanywa ukuthi kutholakale ikhambi. Phakathi kwezinyathelo ezithathiwe kube ngesokuthi kufunwe emahlathini nasemigedeni.
Ngesikhathi kucekelwa phansi umuzi nesitolo sikaMnu Mathenjwa, itholane phezulu phakathi kwamalungu omphakathi namaphoyisa abanjwe aphucwa izibhamu, okuze kube yimanje ingxenye yamalungu omphakathi ingene nazo emahlathini.
Kucekelwe phansi amaveni amaphoyisa kwashaywa amaphoyisa ngamatshe amanye aqhunyiswa ngezimpama.
Ngenxa yokushuba kwesimo kubonakale sekutheleka amanye amaphoyisa abehamba namasosha. Kulapho iphinde yatholana phezulu kwadubuleka uMnu Mafoyi Mathenjwa washonela khona lapho.
Kubikwa ukuthi udutshulwe ngelinye lamasosha.
ILANGA lixhumane nelinye lamalungu omndeni kamufi eliveze ukuthi sekuvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa futhi bafuna ukuthi uhulumeni uthwale zonke izindleko zomngcwabo ubuye ukhulise izingane zikamufi kuze kube wukuthi ziyakwazi ukuzimela.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker, uthe kunoxhaxha lwamacala okubalwa kuwo elokususwa kodlame, ukucekelwa phansi kwempahla avulwe esiteshini samaphoyisa aseNdumo kodwa aphenywa ngabaseshi baseManguzi.
Okhulumela umbutho wezempi, uBrigadier General Mafi Mgobozi, uthe udaba lusezandleni zamaphoyisa.
Uphinde waveza ukuthi lukhona uphenyo lwangaphakathi embuthweni oseluqaliwe ukuze kutholakale ukuthi kwenzekeni.