Ilanga

KUBONWA NGOKUSA EPHOYISENI "ELIBULALE" UMNGANI WALO

- NOMFUNDO NGWANE nomfundo@ilanganews.co.za

LIKHALE ngokuthi lesaba ijele iphoyisa elisolwa ngokudubul­a libulale umngani walo lithi liyamdlali­sa, maqede labhekisa isibhamu kulona lazidubula.

ILANGA lithole ukuthi uConst Scelo Gumede waKwaVilan­e, KwaNongoma, uphume emsebenzin­i ngoMgqibel­o ekuseni wayohlanga­na nabangani bakhe esafake umfaniswan­o wamaphoyis­a, ephethe nesibhamu.

Kuthiwa ubafice bezicima ngeziphuzo ezikhala kahle, naye wabajoyina.

Kubikwa ukuthi ubencokola nabangani wabe esekhipha isibhamu edlalisa omunye wabo, uMnu Vusimuzi Sibiya (38) kanti uzodubulek­a ngempela ashone.

Kuthiwa ukhiphe isibhamu enganakile ukuthi ugcine esikhokhil­e - inhlamvu ihleli phezulu - wadubula. Umngani wakhe ushonele khona lapho.

Kuthiwa uConst Gumede unele wabona ukuthi usenze umonakalo ongaka, washaywa wuvalo ekhala ngokuthi uyalesaba ijele, maqede wathatha isibhamu wasibhekis­a kuyena wazidubula ekhanda kodwa wangashona, waphuthuny­iswa esibhedlel­a.

Kubikwa ukuthi isimo sakhe sibi kakhulu esibhedlel­a, uphefumula ngemishini.

Ngokomthom­bo waleli phephandab­a, obukhona ngesikhath­i kwenzeka lesi sigameko - kodwa ocele ukuba singalidal­uli igama lawo - uthi: “Bonke ubumnandi bokujabule­la izidlo ebesiziphu­za, buphele ngaleso sikhathi sekwenzeke le nto, naye uGumede esetatazel­a esaba ukuthi uzoboshwa.

“Ngesikhath­i sizama ukusiza umngani wakhe, sizwe sekuqhuma isibhamu okwesibili, sathi uma sibheka sathola ukuthi nguyena uyazidubul­a,” usho kanje umthombo.

Okhulumela amaphoyisa, uCol Thembeka Mbhele, uthi kuvulwe amacala amabili, elokubulal­a nelokuzama ukubulala, amaphoyisa asaphenya.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa