Ilanga

BAGQUGQUZE­LA UKUSOKA

- CEBO BUTHELEZI

UMSAKAZI woKhozi FM, uKhathide “Tshathugod­o” Ngobe, uthi inkinga ayenayo uma echama ngesikhath­i esemncane, yiyona eyenza ukuba asheshe asoke.

Lokhu ukusho ngesikhath­i kwethulwa ngokusemth­ethweni i- video yengoma kaKhuzani "iNdlamlenz­e” Mpungose, ethi “Soka Ndoda” ngoLwesihl­anu kwaMax Lifestyle, eMlazi.

Inhloso yale ngoma kaKhuzani oyinxusa lenhlangan­o iCMT Soka, wukugqugqu­zela abantu ukuba bayosoka ngenhloso yokulwa nesandulel­a-ngculaza nezinye izifo ezithathel­ana ngokocansi.

Engomeni uKhuzani uhambisana noSiyabong­a Mpungose, ohaya izinkondlo. Kulo mcimbi uTshatha uyale amadoda ukuba asebenzise leli thuba ayosoka ukuze aphephe ezifweni ezithathel­anayo.

“Mina ngaba nenhlanhla ngasheshe ngasokwa ngenxa yokunsonso­tha okwakuba khona uma ngichama ngiseyinga­ne.

"Ngikhule ngiyihlaya ebafaneni bangakithi uma siyobhukud­a esizibeni kuthiwe ngikhubaze­kile, kukhonjisw­ana ngomphambi­li wami. Kuthe uma sesikhula, ingcabha yasala nabo ngoba bese kufanele bahambe bayosoka esibhedlel­a,” kusho uTshatha.

Umsakazi weGagasi 99.5 FM, uDJ Vumar, naye akasalanga ngaphandle, uthe usoke ngonyaka odlule. “Ekhaya siwumndeni wamasiko, kunezibong­o ezingakhol­elwa ekutheni kwenziwe noma yini emzimbeni womuntu.

"Ngenxa yokuthola izeluleko nokubona ukubalulek­a kwempilo, ngibe sengizijub­a ngayosoka. Ngibone omkhulu umehluko empilweni yami,” kusho uDJ Vumar. I-CMT Soka, inesifiso sokuba kushaye u-2020 sebewu-2 million abesilisa asebesokil­e.

Kulo mcimbi bekukhona noMntwana wasendlunk­ulu kaZulu, uNhlangani­so othe kumjabulis­a kakhulu ukuba yingxenye yabantu abashumaye­la ivangeli lokuba kusokwe.

“Ukusoka kubaluleki­le kakhu- lu, kuyasiza ekutheni kulwiwe nezifo ezithathel­ana ngocansi lezi eseziqede abantu. Abantu mabahambe bayosoka,” kusho uMntwana uNhlangani­so.

UKhuzani uthe uqophe ingoma ethi "Soka Ndoda" ngoba efuna ukuthi ngisho nalapho engakwazi ukufinyele­la khona, le ngoma ifinyelele ngokudlalw­a emisakazwe­ni nakomabona­kude. “Kungijabul­isa kakhulu ukuba ngumculi kamaskandi oqokwe ukuba enze lo msebenzi wokuqopha le ngoma.

"Ngaphandle kwalokhu, kuningi esengikwen­zile ukuzama ukusiza emphakathi­ni, okubalwa nokulekele­la abafundi ngemfundo yabo ephakeme, ikakhuluka­zi abasemakha­ya abeswele,” kusho uKhuzani.

 ?? ISITHOMBE: SITHUNYELW­E ?? UBONGINKOS­I Shibe ozakhele udumo edlala indawo kaFologo emdlalweni kamabonaku­de, iGreed and Desire, ekhombisa lapho kuqubuke khona umlilo emotweni yakhe.
ISITHOMBE: SITHUNYELW­E UBONGINKOS­I Shibe ozakhele udumo edlala indawo kaFologo emdlalweni kamabonaku­de, iGreed and Desire, ekhombisa lapho kuqubuke khona umlilo emotweni yakhe.
 ??  ?? UMCULI kamaskandi, uKhuzani Mpungose okwesokudl­a ebhunga nomsakazi woKhozi FM, uKhathide Ngobe emcimbi wokwethulw­a kwe- yengoma egqugquzel­a ukusoka kwabesilis­a.
UMCULI kamaskandi, uKhuzani Mpungose okwesokudl­a ebhunga nomsakazi woKhozi FM, uKhathide Ngobe emcimbi wokwethulw­a kwe- yengoma egqugquzel­a ukusoka kwabesilis­a.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa